Dlulela kokuphakathi

Umbukiso WeBhayibheli Okhazimulisa Igama LikaJehova

Umbukiso WeBhayibheli Okhazimulisa Igama LikaJehova

Kusukela umbukiso weBhayibheli wavulwa endlunkulu yethu yomhlaba wonke ngo-2013, kuye kwanikelwa ngamaBhayibheli amaningi angasatholakali nayigugu. La maBhayibheli ahlanganisa i-Complutensian Polyglot nezinhlelo zokuqala ze-King James Bible “neTestamente Elisha” LesiGreki Lika-Erasmus.