Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Isikhathi Sokuphuma EBossert Hotel

Isikhathi Sokuphuma EBossert Hotel

Ngo-November 2012, oFakazi BakaJehova bathengisa iBossert Hotel. Izihluthulelo zanikezwa umnikazi walo omusha futhi njengabantu abaningi abake bahlala kulo ngaphambili, oFakazi BakaJehova baphuma balishiya. Imali abalidayise ngayo izosetshenziselwa ukuthuthukisa umsebenzi womhlaba wonke wemfundo yeBhayibheli woFakazi BakaJehova.

Isizathu esenze oFakazi bathengisa leli bhilidi elinezitezi ezingu-14 elakhiwe ngendlela yase-Italy ukuthi izisebenzi zabo zasendlunkulu zizosuka eBrooklyn, eNew York, zithuthele ezakhiweni ezintsha eWarwick, eNew York. Lokhu kulindeleke ukuba kuthathe iminyaka eminingana.

Umlando Weminyaka Eyikhulu

Ulouis Bossert, umdayisi wamapulangwe waseNew York, wakha iBossert ngo-1909. Wayefuna kube “ihhotela okuhlalwa kulo,” elizothatha izivakashi kanye nabantu abaqashile. Ngenxa yokuthi lasheshe lagcwala, walikhulisa ngo-1914 okwenza laphindeka kabili. Indawo yokudlela esophahleni ebizwa ngokuthi iMarine Roof yenezelwa ngo-1916.

Ngawo-1980, oFakazi BakaJehova bathenga futhi balungisa lesi sakhiwo ukuze basenze sifanelekele ukuhlala izisebenzi zabo zasendlunkulu. Bashintsha amagumbi okudansa bawenza amagumbi okudlela futhi indawo yokudlela esophahleni bayenza indawo yokuphumula yabantu abahlala lapho nezivakashi zabo.

Kusukela ngo-2010, oFakazi BakaJehova abavela emazweni ahlukahlukene abazobona izakhiwo zasendlunkulu bebehlala kulesi sakhiwo.

Umnikazi omusha uhlela ukulungisa lendawo ayenze ihhotela. Ukwenziwa kwalesi sakhiwo ihhotela, sisuka ekubeni isakhiwo esincane esinegumbi elilodwa lokulala negumbi lokusakaza, kuzoba lula ngenxa yendlela esinakekelwe ngayo.

Ukuvuselela Ubukhazikhazi

Ngaphambi kokuba oFakazi BakaJehova bathuthele eBossert, kwase kuyiminyaka ingasanakwa. Izindonga zayo ezimhlophe zangaphandle zazingcolile, imihlobiso emikhulu yobumba eyayisophahleni lwesakhiwo yayisesimweni esibi. Amafasitela ayemadala futhi egugile. Ukuphela kwento eyayihlala ophahleni kwakungamajuba. Ngakho umsebenzi omkhulu wokulungisa isakhiwo waqala. OFakazi BakaJehova abavela kulo lonke elase-United States banikela ngesikhathi sabo namakhono abo kulo msebenzi owaqedwa ngo-1991.

Phakathi nesikhathi sokulungiswa kwesakhiwo, oFakazi bahlanza futhi balungisa udonga lwangaphandle olwenziwe nge-limestone ne-granite. Bafaka ubumba olusha lokuhlobisa ophahleni olwenziwe nge-fiberglass balufanisa nobumba lokuqala. Bafaka namafasitela amasha nama-frame enziwe ngokhuni lwe-mahogany.

Balungisa nengaphakathi lesakhiwo ikakhulukazi igumbi lokwamukela izivakashi. Ukuze balungise izindonga ezenziwe ngemabula, bathenga amatshe enkwalini yawo e-Italy. Izisebenzi zalungisa nemihlobiso esophahleni eyayilinyazwe amanzi.

Izinsika ezinkulu egunjini lokwamukela izivakashi zaba inkinga. Zazipendwe ngendlela yase-Italy okuthiwa yi-scagliola eyazenza zabukeka njengemabula. Nokho umnini wesakhiwo wangaphambili wayezipende izikhathi eziningi. Kodwa akekho ezisebenzini owayekwazi ukuzipenda esebenzisa le ndlela ye-scagliola. Ngakho bafuna izincwadi ezikhuluma ngale ndlela emtatsheni wezincwadi wasenyuvesi eseduzane. Zinalolo lwazi, izisebenzi zachitha amasonto zibuyisela izinsika esimweni sazo sokuqala.

Lapho umsebenzi uphela ngo-1991, isakhiwo sasisebenziseka futhi sisihle. Ngenxa yalokhu kuzikhandla, iBossert yaklonyeliswa nge-Lucy G. Moses Preservation Award, ngomsebenzi obabazekayo wokulondoloza isakhiwo.