Dlulela kokuphakathi

Abafundi Bavakashela IHhovisi Legatsha LoFakazi BakaJehova LaseMexico

Abafundi Bavakashela IHhovisi Legatsha LoFakazi BakaJehova LaseMexico

Abafundi abavakashela emahhovisi nasendaweni yokunyathelisa yoFakazi BakaJehova eMexico bathe lokhu kubasize “bayeka ukuba nombono omubi ngoFakazi,” kusho iphephandaba laseyunivesithi, i-Gaceta.

Nakhu okushiwo abafundi:

  • “Kwasimangaza ngempela ukubona indlela enhle abaziphatha ngayo . . . inhlonipho, ukucabangelana, ukulingana nokuhlanzeka.”

  • “Ukuzimisela kwabo ukusebenza ndawonye ngobunye kuyisibonelo esihle sokulingiswa.”

  • “Bonke bebegxile emsebenzini abebewenza futhi bemamatheka.”

  • “Ukuhleleka kwale ndawo kusenze sabamba ongezansi.”

Laba bafundi abaseNational School of Library and Archival Sciences eMexico City.

OFakazi BakaJehova babukisa abantu amahhovisi nezakhiwo zabo zokunyathelisa mahhala emazweni angaba ikhulu. Noma ubani ongathanda ukuza nabafundi besikole bazobuka ezinye zezakhiwo zethu angathola imininingwane ngezikhathi nezindawo ngokuchofoza amagama athi MAYELANA NATHI > AMAHHOVISI NOKUBUKA INDAWO. Abantu abazihambela bodwa kanye nemikhaya bamukelekile ukuzobuka izakhiwo zethu.