Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Ubani Owasungula Inkolo YoFakazi BakaJehova?

Ubani Owasungula Inkolo YoFakazi BakaJehova?

Inhlangano yoFakazi BakaJehova yanamuhla yaqala ngasekupheleni kwekhulu le-19. Ngaleso sikhathi, iqembu elincane labafundi beBhayibheli elalihlala ngasePittsburgh, ePennsylvania, e-United States, laqala ukuhlola ngokucophelela iBhayibheli. Laliqhathanisa izimfundiso ezazifundiswa emasontweni nalokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela. Laqala ukunyathelisa lokho elalikufunda ezincwadini, emaphephandabeni nakumagazini manje obizwa ngokuthi INqabayokulindaEmemezela UMbuso KaJehova.

Kulelo qembu labafundi beBhayibheli abaqotho kwakunendoda eyayibizwa ngokuthi uCharles Taze Russell. Yize uRussell ayehola emsebenzini wokufundisa ngeBhayibheli ngaleso sikhathi futhi ayengumlobi wokuqala we-Nqabayokulinda, wayengeyena umsunguli wenkolo entsha. Umgomo kaRussell nabanye abaFundi BeBhayibheli, njengoba leli qembu lalibizwa kanjalo ngaleso sikhathi, kwakuwukusekela izimfundiso zikaJesu Kristu nokulingisa isibonelo sebandla lamaKristu ekhulu lokuqala. Njengoba uJesu enguMsunguli wobuKristu, simbheka njengomsunguli wenhlangano yethu.—Kolose 1:18-20.