OFakazi BakaJehova Babaphatha Kanjani Labo Ababekhonza Nabo?
Senza konke esingakwenza ukuze siphathe abanye ngothando, ngomusa nangenhlonipho. Uma othile obenguFakazi kaJehova eyeka ukukhonza uJehova noma engasahlanganyeli njalo, sithatha isinyathelo sokukhuluma naye, simqinisekise ukuthi siyamthanda futhi sizame nokumsiza aphinde asondele kuJehova.—Luka 15:4-7.
Kwezinye izimo, izenzo zomuntu ezibangela ukuba asuswe ebandleni. (1 Korinte 5:13) Noma kunjalo, ngenxa yokuthi sibathanda kakhulu esikholwa nabo, silwela ukumsiza lowo muntu ngaphambi kokuba asuswe. Ngisho nalapho esesusiwe, siyaqhubeka simphatha ngothando nangenhlonipho, njengoba nje iBhayibheli lisikhuthaza ukuba senze kanjalo.—Marku 12:31; 1 Petru 2:17.
Yini ebangela umuntu ukuba asuswe ebandleni?
IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi uma umKristu enza isono esikhulu futhi engafuni ukuphenduka, kufanele asuswe ebandleni. a (1 Korinte 5:11-13) IBhayibheli liyasitshela izinto eziyizono ezinkulu ezingenza umuntu ukuba asuswe ebandleni. Ngokwesibonelo, libala ukuphinga, ukudakwa, ukubulala, ukuhlukumeza abantu ohlala nabo nokweba.—1 Korinte 6:9, 10; Galathiya 5:19-21; 1 Thimothewu 1:9, 10.
Nokho, umuntu owenze isono esikhulu akamane nje asuswe ngokushesha ebandleni. Abadala bebandla b baqale bamsize ukuba ashintshe indlela yakhe. (Roma 2:4) Balwela ukumsiza ngomoya omnene, ngomusa nangendlela ekahle ukuze afune ukuphenduka. (Galathiya 6:1) Ukwenza ngale ndlela, kungamsiza owonile ukuba awabone amaphutha akhe futhi aphenduke. (2 Thimothewu 2:24-26) Uma eqhubeka enza lokho iBhayibheli elithi akulungile futhi engaphenduki naphezu kosizo lwabadala, kufanele asuswe ebandleni. Abadala bayokwenza isaziso esifushane sokuthi lowo muntu akaseyena omunye woFakazi kaJehova.
Abadala bazama ukufinyelela inhliziyo yomenzi wokubi ngomoya omnene, ngomusa nangendlela ekahle
Yimiphi imiphumela emihle yokususwa komuntu oqhubekayo enza isono? Okokuqala, ibandla lisekela imithetho kaNkulunkulu ehlanzekile yokuziphatha, livikeleke ukuba lingathonywa umuntu owenza okubi. (1 Korinte 5:6; 15:33; 1 Petru 1:16) Ngaphezu kwalokho, umenzi wokubi angase afune ukuyeka okubi akwenzayo futhi enze ushintsho ngemva kokususwa.—Hebheru 12:11.
OFakazi BakaJehova babaphatha kanjani labo abasusiwe ebandleni?
IBhayibheli lithi amaKristu kufanele ayeke “ukuzihlanganisa” nomuntu osusiwe ebandleni, ‘angadli ngisho nokudla nomuntu onjalo’ (1 Korinte 5:11) Ngakho asichithi isikhathi nomuntu osusiwe. Noma kunjalo, asimzibi ngokuphelele. Simphatha ngenhlonipho. Wamukelekile ngisho nokuza emihlanganweni yethu futhi abanye oFakazi BakaJehova bangase bambingelele. c Angakwazi nokucela abadala ukuba bamsize abuyele ebandleni.
Abasusiwe ebandleni bavumelekile ukuba babe khona emihlanganweni yethu
Kuthiwani-ke uma lowo osusiwe ebandleni eshadile futhi enezingane bonke bengoFakazi BakaJehova? Nakuba engasamkhonzi uJehova ekanye nomndeni wakhe, uzoqhubeka enobudlelwano namalungu omndeni wakhe. Njengoba behlala ekhaya elilodwa, ubuhlobo bakhe nomuntu ashade naye nezingane buyaqhubeka futhi bonke kufanele baqhubeke bephathana ngothando.
Umuntu osusiwe angacela ukuba abadala bemvakashele. Lapho befika, bayomkhuthaza ngomusa ukuba abuyele kuNkulunkulu bamnike neseluleko esivela eBhayibhelini. (Zakariya 1:3) Uma eyiyeka indlela yakhe engalungile futhi abonise ngempela ukuthi ufuna ukuphila ngemithetho yeBhayibheli yokuziphatha, uvumelekile ukuphinde abe yingxenye yebandla. Ibandla ‘liyomthethelela ngomusa limduduze,’ njengoba kwenza amaKristu aseKorinte lapho isoni esasikulelo bandla sishiya izindlela zaso.—2 Korinte 2:6-8.
Labo abake basuswa bazizwa kanjani manje?
Phawula okushiwo abanye oFakazi BakaJehova abake basuswa ebandleni futhi banquma ukubuyela kuJehova kamuva.
“Lapho ngiquma ukubuyela ebandleni, ngangicabanga ukuthi abadala bazofuna ukwazi yonke into engayenza eminyakeni eminingi edlule ngesikhathi ngisusiwe. Kunalokho, bathi nje, ‘Sifuna ugxile kulokho ozokwenza kusukela manje.’ Lapho besho lokho, amaphaphu ehla.”—UMaria, wase-United States.
“Ibandla lajabula kakhulu lapho ngibuyela kuJehova. Ngazizwa ngithandwa. Abafowethu nodadewethu abathanda uJehova bangisiza ngabona ukuthi uJehova wayengixolele, baphinde bangisiza ukuba ngikhohlwe izinto esezidlulile. Abadala babelokhu bekhona ukuze bangisize ngiphinde ngibe nobuhlobo obuhle noJehova. Bangiduduza bangisiza ngabona ukuthi uJehova usangithanda.”—UMalcom, waseSierra Leone.
“Kuyangijabulisa ukubona ukuthi uJehova ubathanda kangakanani abantu bakhe, uyaqikelela ukuthi inhlangano igcinwa ihlanzekile. Nakuba abantu abangasiqondi lesi senzo sokususa bangase bacabange ukuthi kuyisihluku esikhulu ukususa abenza okubi, empeleni kuyadingeka futhi kubonisa uthando. Ave ngibonga ngokuthi uBaba wethu osezulwini unothando futhi uyathethelela.”—USandi, wase-United States.
a Ngaphambili, sasithi abenzi bokubi abangaphenduki basusiwe ekuhlanganyeleni. Kodwa manje simane sisebenzisa amagama eBhayibheli futhi sithi basusiwe ebandleni.
b Abadala bangamaKristu bafundisa ngemiBhalo futhi beluse abantu bakaJehova ngokubasiza nangokubakhuthaza. Abakhokhelwa ngomsebenzi wabo.—1 Petru 5:1-3.
c Kwezinye izimo, umuntu angase angagcini nje ngokushiya ibandla kodwa futhi enze izinto ukuze azame ukulilimaza futhi adumaze abakulo noma angase azame ukuthonya abanye ukuba nabo benze okubi. Uma othile enza kanjalo, silandela umyalo weBhayibheli othi ‘singambingeleli’ umuntu onjalo.—2 Johane 9-11.

