Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakholelwa KuJesu?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakholelwa KuJesu?

Yebo. Siyakholelwa kuJesu owathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Johane 14:6) Sinokholo lokuthi uJesu weza emhlabeni esuka ezulwini, wanikela ngokuphila kwakhe okuphelele njengomhlatshelo wesihlengo. (Mathewu 20:28) Ukufa nokuvuswa kwakhe kwenza ukuba labo ababonisa ukholo kuye bathole ukuphila okuphakade. (Johane 3:16) Sikholelwa nokuthi njengamanje uJesu ubusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, ozoletha ukuthula emhlabeni maduzane. (IsAmbulo 11:15) Nokho, siyakukholelwa lokho uJesu akusho lapho ethi: “UBaba mkhulu kunami.” (Johane 14:28) Ngakho asimkhulekeli uJesu njengoba singakholelwa ukuthi unguNkulunkulu uMninimandla onke.