Dlulela kokuphakathi

Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?

Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?

NjengoFakazi BakaJehova, silwela ukunamathela endleleni yobuKristu eyafundiswa uJesu futhi yalandelwa abaphostoli bakhe. Lesi sihloko sichaza kafushane ngezinkolelo zethu eziyisisekelo.

  1.   UNkulunkulu. Sikhulekela owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso futhi onguMninimandla Onke, uMdali, ogama lakhe linguJehova. (IHubo 83:18; IsAmbulo 4:11) UnguNkulunkulu ka-Abrahama, uMose noJesu.​—Eksodusi 3:6; 32:11; Johane 20:17.

  2.   IBhayibheli. Sibheka iBhayibheli njengeliwumyalezo kaNkulunkulu ophefumulelwe oya kubantu. (Johane 17:17; 2 Thimothewu 3:16) Sisekela izinkolelo zethu kuzo zonke izincwadi zalo ezingu-66, ezihlanganisa “iTestamente Elidala” ‘neTestamente Elisha.’ UProfesa Jason D. BeDuhn wachaza kahle lapho ebhala ukuthi oFakazi BakaJehova basekela “izinkolelo nezinkambiso zabo kulokho okushiwo iBhayibheli njengoba kunjalo ngaphandle kokunquma kusengaphambili ukuthi kufanele lithini.” a

     Nakuba silamukela lonke iBhayibheli, asisebenzisi ubufandamentali. Siyaqapela ukuthi izingxenye ezithile zeBhayibheli zilotshwe ngendlela engokomfanekiso noma emelela okuthile futhi akufanele zithathwe njengoba zinjalo.​—IsAmbulo 1:1.

  3.   UJesu. Silandela izimfundiso nesibonelo sikaJesu Kristu futhi siyamdumisa njengoMsindisi wethu nanjengeNdodana kaNkulunkulu. (Mathewu 20:28; IzEnzo 5:​31) Ngakho, singamaKristu. (IzEnzo 11:26) Nokho, sifundile eBhayibhelini ukuthi uJesu akayena uNkulunkulu onguMninimandla Onke futhi imfundiso kaZiqu-zintathu ayisekelwe emiBhalweni.​—Johane 14:28.

  4.   UMbuso kaNkulunkulu. Unguhulumeni ongokoqobo osezulwini, awusona isimo esisezinhliziyweni zamaKristu. Uzothatha isikhundla sohulumeni babantu futhi ufeze injongo kaNkulunkulu ngomhlaba. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10) Lezi zinto uzozenza maduze, ngoba iziprofetho zeBhayibheli zibonisa ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina.”​—2 Thimothewu 3:​1-5; Mathewu 24:​3-​14.

     UJesu uyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu osezulwini. Waqala ukubusa ngo-1914.​—IsAmbulo 11:15.

  5.   Insindiso. Singakhululwa esonweni nasekufeni ngesihlengo sikaJesu. (Mathewu 20:28; IzEnzo 4:​12) Ukuze bazuze kuleso sihlengo, abantu akumelwe babonise ukholo kuJesu kuphela kodwa kufanele bashintshe nendlela yabo yokuphila futhi babhapathizwe. (Mathewu 28:19, 20; Johane 3:​16; IzEnzo 3:​19, 20) Imisebenzi yomuntu iyona ebonisa ukuthi ukholo lwakhe luyaphila. (Jakobe 2:​24, 26) Nokho, umuntu akanakukufanelekela ukuthola insindiso​—siyithola ‘ngomusa ongafanelwe kaNkulunkulu.’​—Galathiya 2:​16, 21.

  6.   Izulu. UJehova uNkulunkulu, uJesu Kristu kanye nezingelosi ezithembekile bahlala endaweni yomoya. b (IHubo 103:19-​21; IzEnzo 7:​55) Abantu abayinani elincane​—abangu-144000​—bazovuselwa ekuphileni kwasezulwini ukuze babuse noJesu kulo Mbuso.​—Daniyeli 7:​27; 2 Thimothewu 2:​12; IsAmbulo 5:​9, 10; 14:​1, 3.

  7.   Umhlaba. UNkulunkulu wadala umhlaba ukuze ube yikhaya labantu phakade. (IHubo 104:5; 115:16; UmShumayeli 1:4) UNkulunkulu uyobusisa abantu abalalelayo ngokuphila okuphelele nangokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi.​—IHubo 37:11, 34.

  8.   Ububi nokuhlupheka. Lokhu kwaqala lapho enye yezingelosi zikaNkulunkulu ihlubuka. (Johane 8:​44) Le ngelosi, ngemva kokuhlubuka kwayo eyabizwa ngokuthi “uSathane noDeveli,” yanxenxa abashadikazi bokuqala ukuba bazibandakanye nayo, futhi imiphumela iye yaba inhlekelele enzalweni yabo. (Genesise 3:​1-6; Roma 5:​12) Ukuze axazulule izimpikiswano ezaphakanyiswa uSathane, uNkulunkulu uye wabuvumela ububi nokuhlupheka, kodwa ngeke abuvumele kuze kube phakade.

  9.   Ukufa. Abantu abafayo ababe besaba khona. (IHubo 146:4; UmShumayeli 9:​5, 10) Abahlushwa esihogweni somlilo.

     UNkulunkulu uyovusa izigidigidi zabantu. (IzEnzo 24:15) Nokho, labo abenqaba ukufunda izindlela zikaNkulunkulu ngemva kokuba bevusiwe bayobhujiswa phakade bengasenalo ithemba lovuko.​—IsAmbulo 20:14, 15.

  10.   Umndeni. Sinamathela endinganisweni kaNkulunkulu yokuqala yomshado oyisibopho sendoda eyodwa nomfazi oyedwa, abangafaka isehlukaniso kuphela ngesizathu sokuziphatha okubi kobulili. (Mathewu 19:​4-9) Siyaqiniseka ukuthi ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kusiza imindeni iphumelele.​—Efesu 5:22–​6:1.

  11.   Ukukhulekela kwethu. Asisikhulekeli isiphambano nanoma iziphi ezinye izithombe. (Duteronomi 4:​15-​19; 1 Johane 5:​21) Izici eziyinhloko zokukhulekela kwethu zihlanganisa:

  12.   Inhlangano yethu. Sihlelwe saba amabandla, ngalinye eliqondiswa indikimba yabadala. Nokho, abadala abasona isigaba sabefundisi, futhi abakhokhelwa. (Mathewu 10:8; 23:8) Asikhokhisi okweshumi, futhi akukho nkongozelo eyamukelwayo emihlanganweni yethu. (2 Korinte 9:7) Yonke imisebenzi yethu isekelwa iminikelo futhi akushiwo ukuthi ivela kubani.

     INdikimba Ebusayo, iqembu elincane lamaKristu avuthiwe elikhonza endlunkulu yethu yomhlaba wonke, iqondisa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke.​—Mathewu 24:45.

  13.   Ubunye bethu. Emhlabeni wonke simunye ezinkolelweni zethu. (1 Korinte 1:​10) Sibuye sizame kanzima ukuba singahlukani ngokwenhlalo, ubuzwe, uhlanga noma ngezigaba. (IzEnzo 10:34, 35; Jakobe 2:4) Nokho, ukuba munye kwethu kuyasivumela ukuba sizikhethele esikuthandayo. UFakazi ngamunye uzenzela izinqumo ngokuvumelana nonembeza wakhe oqeqeshwe iBhayibheli.​—Roma 14:​1-4; Hebheru 5:​14.

  14.   Ukuziphatha kwethu. Silwela ukubonisa uthando olungenabugovu kukho konke esikwenzayo. (Johane 13:34, 35) Siyayigwema imikhuba engamjabulisi uNkulunkulu, ehlanganisa ukusebenzisa kabi igazi ngokulimpompela. (IzEnzo 15:28, 29; Galathiya 5:​19-​21) Sinokuthula futhi asiyi empini. (Mathewu 5:9; Isaya 2:4) Siyawuhlonipha uhulumeni walapho sihlala khona futhi silalele imithetho yawo uma nje leyo mithetho ingafuni ukuba sidelele imithetho kaNkulunkulu.​—Mathewu 22:21; IzEnzo 5:​29.

  15.   Ubudlelwane bethu nabanye. UJesu wayala “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” Wabuye wathi amaKristu ‘awayona ingxenye yezwe.’ (Mathewu 22:39; Johane 17:16) Ngakho sizama ‘ukwenza okuhle kubo bonke,’ nokho asilokothi sithathe uhlangothi ezindabeni zezombusazwe futhi siyakugwema ukuzihlanganisa nezinye izinkolo. (Galathiya 6:​10; 2 Korinte 6:​14) Nokho, siyazihlonipha izinqumo abanye abazenzayo uma kuziwa kulezi zindaba.​—Roma 14:12.

 Uma unemibuzo eyengeziwe ngezinkolelo zoFakazi BakaJehova, ungafunda okwengeziwe ngathi engosini yethu, uxhumane nelinye lamahhovisi ethu, uye emihlanganweni eHholo LoMbuso eliseduze noma ukhulume nomunye woFakazi bangakini.

a See Truth in Translation, ikhasi 165.

b Izingelosi ezimbi zaxoshwa ezulwini kodwa zisahlala endaweni yomoya.​—IsAmbulo 12:​7-9.