Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

OFakazi BakaJehova Balithola Kanjani Igama Labo?

OFakazi BakaJehova Balithola Kanjani Igama Labo?

UJehova igama likaNkulunkulu esilithola eBhayibhelini. (Eksodusi 6:3; IHubo 83:18) Ufakazi umuntu omemezela imibono noma amaqiniso aqiniseka ngawo.

Ngakho, igama lethu elithi oFakazi BakaJehova lisihlukanisa njengeqembu lamaKristu amemezela iqiniso ngoJehova, uMdali wezinto zonke. (IsAmbulo 4:11) Sifakaza kwabanye ngendlela esiphila ngayo nangokubaxoxela izinto esizifunde eBhayibhelini.—Isaya 43:10-12; 1 Petru 2:12