Kulo mkhosi kuzoba nanenkulumo esekelwe eBhayibhelini.

ENEW YORK—NgoMgqibelo, ngo-February 27, oFakazi BakaJehova bazoqala umkhankaso womhlaba wonke wokumemela abantu esenzakalweni oFakazi abasibheka njengesibaluleke kunazo zonke onyakeni, iSikhumbuzo sokufa kukaKristu, esizoba ngo-March 23. UDavid A. Semonian, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova endlunkulu yabo yomhlaba wonke eNew York, uthi: “Kulo mkhosi kuzoba nanenkulumo echaza isizathu esenza ukufa kukaJesu eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule kubaluleke nanamuhla nokuthi kulinikeza kanjani ithemba lekusasa elihle. Singathanda ukuba abantu abaningi ngangokunokwenzeka bazuze esikhuthazweni esingokomoya esizotholakala kulo mkhosi.”

Phakathi nomkhankaso, oFakazi abangaba yizigidi ezingu-8 emhlabeni wonke bazobahambela mathupha omakhelwane babo beyobamemela kulesi senzakalo. Ngonyaka odlule, kwaba khona abantu abacishe babe yizigidi ezingu-20 kulo mkhosi weSikhumbuzo.

Abezindaba:

UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lokwaziswa, ucingo +1 718 560 5000