Ngasekuqaleni kuka-June, imvula enamandla eYurophu ephakathi yadala izikhukhula e-Austria, eCzech Republic, eHungary, eJalimane, eSlovakia naseSwitzerland. Okungenani kufe abantu abangu-20, abangaba ngu-100 000 basuswa kulezo zindawo. Imibiko yamuva ithi abekho oFakazi abafile noma balimala kabuhlungu kule nhlekelele. Nokho, okungenani kunoFakazi baseJalimane abayikhulu nemikhaya engaba ishumi eCzech Republic okuye kwadingeka ikhishwe ezindlini. OFakazi abakhishwe ezindlini zabo baye bakhosela emizini yezihlobo noma kweyabanye oFakazi. IHholo LoMbuso laseJalimane nelinye lase-Austria aye onakala. Abadala abangoFakazi kule ndawo bahlela indlela yokusiza, batholela nezisulu usizo olungokwenyama nolungokomoya.

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Germany: Wolfram Slupina, tel. +49 6483 41 3110

Slovakia: Rastislav Eliaš, tel. +421 2 49107611