I-application entsha i-JW Library Sign Language ikuvumela ukuba udawunilode futhi udlale ama-video olimi lwezandla atholakala engosini ethi jw.org. Ungawabukela ngisho noma ungekho kuyi-Internet. Le application inezithombe ezinemibala egqamile futhi kulula ukuyisebenzisa. Ingasetshenziswa kuyi-iPad®, kuyi-iPhone® nakuyi-iPod touch®, ikhona nesebenza emishinini esebenzisa i-Android™ 3.0 nezinhlelo zakamuva. Ngokuhamba kwesikhathi kuzokhishwa esebenza kuyi-Windows 8.