ISishingishane uPhailin esinamandla kunazo zonke ezake zagadla eNdiya eminyakeni engaphezu kweyishumi, siye sahlasela ezindaweni ezisempumalanga yeNdiya, e-Odisha nase-Andhra Pradesh ngo-October 12, 2013. Lesi sishingishane esiseSigabeni 4, esivunguza ngejubane elingamakhilomitha angu-140 ngehora, sishiye abayizinkulungwane ezingamakhulu bengenamakhaya e-Odisha, sadala izikhukhula futhi sabulala abangu-43. Akekho uFakazi KaJehova okubikwe ukuthi ufile noma ulimele kulezi zindawo. Ngaphambi kokuba iSishingishane uPhailin sifinyelele ogwini, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eNdiya limise ikomiti yokunikeza usizo ukuze isuse oFakazi abangu-70 endaweni engasogwini okuthiwa i-Andhra Pradesh. Lab’ oFakazi bayanakekelwa emizini yabanye oFakazi.

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

India: Tobias Dias, tel. +91 9845476425