EBUENOS AIRES, e-Argentina—Kune imvula enamandla kusukela ngoMashi 29, 2017 kwaze kwaba u-Ephreli  9, 2017, yabangela izikhukhula ezifundazweni zase-Argentina, eBuenos Aires, eChaco, eChubut, eCatamarca, eJujuy, eMisiones, eLa Pampa, eSalta, eSan Juan, eSanta Cruz, eSanta Fe, eSantiago del Estero naseTucumán. Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova e-Argentina libika ukuthi akukho noyedwa uFakazi kaJehova oshonile noma olimele kule nhlekelele.

Izindawo ezithinteke kakhulu kulesi siphepho iChubut neSalta. Edolobheni laseComodoro Rivadavia, eChubut, ngezinsuku ezimbalwa nje, kwana imvula elingana neyonyaka wonke. Imindeni engaphezu kwengu-60 yoFakazi kwadingeka ishiye amakhaya awo. Ngaphezu kwalokho, kulimale amaHholo OMbuso noma izindawo zokukhonza ezimbili eChubut neyodwa eSalta. Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova e-Argentina selimise ikomiti yokusiza ezinhlekeleleni kulezi zifundazwe ezimbili ukuze kuhlelwe umsebenzi wokusiza owenziwa lapho, okulindeleke ukuba uqhubeke amasonto amaningana.

Abezindaba:

Emhlabeni wonke: UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lokwaziswa, +1-845-524-3000

E-Argentina: U-Omar A. Sánchez, +54-11-3220-5900