Izikhukhula ezingalindelekile zamboza idolobha laseBuenos Aires nelaseLa Plata ngo-April 2, 2013. Imibiko yabezindaba ithi bangu-57 abantu abafa. Cishe bangu-500 oFakazi BakaJehova abathinteka futhi abangaba ngu-200 baphoqeleka ukuba baphume ezindlini zabo. Njengengxenye yemizamo yabo yokusiza ezinhlekeleleni, oFakazi base-Argentina bathumela amalitha angaphezu kuka-30 000 amanzi okuphuza, amathani angu-30 okudla namakhulu omatilasi, izingubo nemicamelo kwanikezwa oFakazi nabangebona oFakazi. OFakazi abaningi baba nesandla ekunikezeni usizo kule nhlekelele. Abanye baze bahamba amabanga angaba amakhilomitha angu-480 beyosiza ekuhlanzeni nasekulungiseni izinto.

Media Contacts:

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Argentina: Ángel Mattiacci, tel. +54 15 5424 9071