Dlulela kokuphakathi

UMfowethu noDadeweth’ uPolyakov (ngakwesobunxele), uDadeweth’ uBektemirova (phezulu ngakwesokudla), nodadeweth’ uDyusekeyeva (phansi ngakwesokudla)

SEPTHEMBA 25, 2020
ERUSSIA

Abashadikazi Bokuqala Ukuvalelwa Esitokisini Ngaphambi Kokuqulwa Kwecala ERussia Nodadewethu Ababili Bamangalelwe Ngokwephula Umthetho

Abashadikazi Bokuqala Ukuvalelwa Esitokisini Ngaphambi Kokuqulwa Kwecala ERussia Nodadewethu Ababili Bamangalelwe Ngokwephula Umthetho

 Usuku Lokukhishwa Kwesinqumo

Ngo-Okthoba 21, 2020, * iNkantolo Yesifunda YasePervomayskiy yaseDolobheni lase-Omsk izokhipha isinqumo ecaleni likaMfoweth’ uSergey Polyakov nomkakhe u-Anastasia, kanye noDadeweth’ uGaukhar Bektemirova noDinara Dyusekeyeva. Umshushisi ucele inkantolo ukuba igwebe uMfoweth’ uPolyakov iminyaka eyisithupha nohhafu ejele. Odadewethu abathathu bona bangase bathole isigwebo esilengisiwe esiyiminyaka emibili umuntu ngamunye.

Umlando

USergey Polyakov

  • Wazalwa: Ngo-1972 (ESifundeni saseMurmansk)

  • Umlando omfushane: Wafunda ekolishi wase eba yi-radiophysicist. Washada no-Anastasia ngo-2003

U-Anastasia Polyakova

  • Wazalwa: Ngo-1984 (ESifundeni saseMurmansk)

  • Umlando omfushane: Wafundela ezomthetho ekolishi. Yena noSergey bayakujabulela ukufunda izilimi ezihlukahlukene, kuhlanganise nesiShayina, isiKazakh, uLimi Lwezandla LwaseRussia nesiSerbian

UGaukhar Bektemirova

  • Wazalwa: Ngo-1976 (E-Uryl, eKazakhstan)

  • Umlando omfushane: Unguthunjana ezinganeni eziyisithupha. Wakhulela ezintabeni zaseKazakhstan futhi ubelokhu eyithanda imvelo. Wachitha iminyaka ezibuza ukuthi siphilelani ngempela. Ekugcineni wazithola izimpendulo ezinengqondo nezanelisayo eBhayibhelini. Ukumba ajule lapho etadisha iZwi likaNkulunkulu kumnike amandla nenduduzo njengoba evalelwe esitokisini ngokungafanele

UDinara Dyusekeyeva

  • Wazalwa: Ngo-1982 (ELeningradskove, eKazakhstan)

  • Umlando omfushane: Wacabanga ngokujulile ngokuthi siphilelani ngesikhathi eseyintombazanyana. Waqala ukufunda iBhayibheli eneminyaka engu-17. Wakuthanda ukuhlakanipha kweBhayibheli, wakujabulela nokuthola ukuthi igama loMlobi walo uJehova. Uyayithanda i-basketball, i-volleyball, ukugijima nokuhamba ngebhayisikili

Umlando Wecala

Ngobusuku bangoJulayi 4, 2018, uMfoweth’ uPolyakov nomkakhe u-Anastasia babelele ngesikhathi amaphoyisa engena ngendlov’ iyangena emzini wabo ebahlasela. Amaphoyisa afake izifihlabuso amshaya ngonya uMfoweth’ uPolyakov. Amaphoyisa abopha laba bashadikazi ayobavalela ejele. Baba abashadikazi bokuqala ukuboshwa selokhu iNkantolo Ephakeme yakhipha isinqumo sokuthi imisebenzi eyenziwa oFakazi BakaJehova iwukwephulwa umthetho ngo-2017. AbakwaPolyakov bachitha izinyanga eziyisihlanu ngamunye wabo evalelwe yedwa ejele, behlukanisiwe. Kwalandela izinyanga ezintathu beboshelwe ekhaya ndawonye.

NgoMeyi 2019, iziphathimandla zaqala umkhankaso ongekho emthethweni wokusesha imizi yoFakazi BakaJehova eSifundeni Sase-Omsk. Ngenxa yalokho kwaboshwa uDadeweth’ uBektemirova noDyusekeyeva. Amacala abo enezelwa ecaleni labakwaPolyakov. Leli cala elihlanganisiwe laqala ngo-Ephreli 1, 2020.

Siyaqiniseka ukuthi uJehova uzonika izinceku zakhe amandla eziwadingayo ukuze zikhuthazelele le mpatho engenabulungisa.—Efesu 3:20.

^ par. 3 Lungase lushintshe