SEPTHEMBA 17, 2020
E-UNITED STATES
Imililo Iyaqhubeka Entshonalanga Ye-United States
Indawo
ECalifornia, e-Oregon, naseWashington
Inhlekelele
Imililo yequbula ebhebhetheka ngokushesha isishise indawo engamahektha angaphezu kwezigidi ezimbili ukusuka eCalifornia kuya eWashington
Le mililo emikhulu iyaqhubeka ingcolisa umoya, okwenza kube yingozi ukuwuphefumula
Omunye wale mililo ungomkhulu kakhulu emlandweni waseCalifornia
Indlela abafowethu nodadewethu abathinteke ngayo
Abamemezeli abangu-4 546 kudingeke bashiye imizi yabo
Impahla elimele
Imizi engu-61 icekeleke phansi
Kulimele imizi engu-16
Imizamo Yokunikeza Usizo
AmaKomiti Okunikeza Usizo Ezinhlekeleleni ayaqhubeka nokubambisana nababonisi bezigodi kanye nabadala bamabandla ekusizeni abafowethu nodadewethu okudingeke bashiye imizi yabo, kuyilapho kulandelwa iziqondiso zokuphepha ze-COVID-19
Abamemezeli abathintekile bakubonile ukusekela kukaJehova esebenzisa inhlangano yakhe. Omunye udadewethu okwacekeleka phansi umuzi wakhe wathi abafowethu “babezimisele ukusinika noma yini esasiyidinga singakaqapheli nokuqaphela ukuthi siyayidinga.”
Nakuba abafowethu nodadewethu ezindaweni ezithintekile bebhekene novivinyo oluqhubekayo, bayaqhubeka bezwa ukunakekela nesihe sikaJehova.—Jakobe 5:11.