Dlulela kokuphakathi

Izindaba Ku-JW

Funda izindaba ezimayelana noFakazi BakaJehova. Kukhona nezinto ezisiza abezomthetho nabezindaba.

E-ARGENTINA

Umkhankaso Omkhulu Wokushumayela Ngesikhathi Sama-Summer Youth Olympic Games Ka-2018 E-Argentina

Abafowethu bahambisa izincwadi ezingaba ngu-790 usuku ngalunye phakathi nalo mkhankaso ukuze bashumayele kwababeze kule midlalo.

EVENEZUELA

Okwakamuva Ngesimo SaseVenezuela: Nakuba Izimo Ziba Zimbi Nakakhulu, Bayaqhubeka Bebonisa Ukholo

Naphezu kwesimo esibucayi eVenezuela, oFakazi BakaJehova bayaqhubeka nenkonzo yabo futhi bebonisa ukholo.

E-UKRAINE

“IDonetsk People’s Republic” Ivala Inhlangano YoFakazi BakaJehova

Isinqumo seNkantolo Ephakeme Yase-DPR sokuvala inhlangano yethu sinezela kokunye ukucindezelwa kwenkolo yoFakazi BakaJehova obese kuvele kukhona empumalanga ye-Ukraine.

EPERU

Ihhovisi Lenxusa LaseThailand ‘Lincoma Liphinde Libonge’ OFakazi BakaJehova BasePeru Ngokusiza Izakhamuzi ZaseThailand Eziboshwe EPeru

Abameleli benxusa laseThailand bavakashele ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova ePeru ukuze bababonge ngokusiza nokunakekela iziboshwa ezivela eThailand.

IZINDABA ZOMHLABA WONKE

UMartin Boor: ISlovakia Isula Icala Lakhe Ngemva Kweminyaka Engu-90

UMartin Boor walahlwa icala ngenxa yokuthi unembeza wakhe wawungamvumeli asebenze ebusosheni, kodwa kamuva inkantolo yaseSlovania yalisula lelo cala.

EGERMANY

Umbukiso Wokukhumbula Umhlangano WoFakazi Oyingqopha-mlando Owaba SeKassel EJalimane, Eminyakeni Engu-70 Edlule

Edolobheni laseKassel eJalimane, kwaba nomhlangano woFakazi BakaJehova omkhulu kunayo yonke eyake yaba khona eYurophu, okwakuyisikhathi esinzima esasilandela iMpi Yezwe II.