Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

INAGORNO-KARABAKH

Baboshelwa Ukholo Lwabo

Baboshelwa Ukholo Lwabo

INagorno-Karabakh ibopha oFakazi BakaJehova abakhule ngokwanele ukuba bangaya empini ngoba benqaba ubusosha ngenxa kanembeza. Uhulumeni akaliqapheli leli lungelo futhi alikho ilungiselelo alenzile lokwenza enye inkonzo yomphakathi. Ngakho, oFakazi abasebasha bafakwa ejele ngenxa yokuphila ngokuvumelana nezinkolelo zabo zokungabaphakamiseli izikhali abanye abantu.

Imizamo Yokwenza Enye Inkonzo Yomphakathi Iyashafa

Ngo-January 29, 2014, uMnyango Wezempi Wedolobha Lase-Askeran wayala ukuba u-Artur Avanesyan, ongomunye woFakazi BakaJehova, ayobhalisela ubusosha. Ngosuku olulandelayo, uMnu. Avanesyan wafaka isicelo sokwenza enye inkonzo yomphakathi esikhundleni sobusosha eMnyangweni Wezempi WaseNagorno-Karabakh. Ngokushesha ummeli wakhe wahlangana nezikhulu zaseNagorno-Karabakh nase-Armenia futhi kwaba nokuthile abavumelana ngakho ngokuqondene nokuvumela uMnu. Avanesyan ukuba enze enye inkonzo yomphakathi e-Armenia.

Elindele ukuba konke kuhambe kahle, uMnu. Avanesyan waya e-Armenia futhi wafaka isicelo sokwenza enye inkonzo yomphakathi eMnyangweni Wezempi Wasezweni Lase-Armenia, ngo-February 13, 2014. Esenethemba lokuvela phambi kwebhodi yase-Armenia yabenza omunye umsebenzi kahulumeni, uMnu. Avanesyan wayalwa ukuba aye esiteshini samaphoyisa eYerevan, ngo-July 14, 2014. Lapho efika esiteshini, wayeselindwe amaphoyisa aseNagorno-Karabakh. Ambopha abe eseya naye eNagorno-Karabakh. Ngosuku olulandelayo, wafakwa esitokisini wabe esevela phambi kweNkantolo Yabaqalayo Ukubekwa Amacala YaseNagorno-Karabakh.

Phakathi nokuqulwa kwecala lakhe, wathola ukuthi ezinyangeni ezine ngaphambili, inkantolo yayiyale ukuba aboshwe futhi agqunywe esitokisini kuze kuqulwe icala lakhe. Inkantolo yasiqinisekisa isinqumo sayo futhi uMnu. Avanesyan waboshwa ngokushesha. Inkantolo yazichitha zonke izikhalo zokugqunywa kwakhe esitokisini.

Ngo-September 30, 2014, inkantolo yathola uMnu. Avanesyan enecala futhi yamgweba izinyanga ezingu-30 ebhadla ejele. INkantolo Yokudlulisa Amacala ivumelene nalesi sinqumo. UMnu. Avanesyan, wabe esedlulisela icala eNkantolo Ephakeme YaseNagorno-Karabak, kodwa ngo-December 25, 2014, le Nkantolo yamthola enecala. INagorno-Karabakh iyaqhubeka ibopha izinsizwa ngenxa yokunamathela kulokho okushiwo unembeza wazo oqeqeshwe ngeBhayibheli. Ngokwenza kanjalo, ayenzi ngokuvumelana nemithetho yomhlaba wonke evumela abenqaba ubusosha ngenxa kanembeza ukuba banikwe isithunzi ngokwenza omunye umsebenzi kahulumeni.

Uhlu Lwezikhathi Zezenzakalo

  1. December 25, 2014

    INkantolo Ephakeme YaseNagorno-Karabakh ithola u-Artur Avanesyan enecala.

  2. Ngo-September 30, 2014

    EMartakert, iNkantolo Yabaqalayo Ukubekwa Amacala YaseNagorno-Karabakh ithola u-Artur Avanesyan enecala futhi imgweba izinyanga ezingu-30 ebhadla ejele.

  3. Ngo-July 14, 2014

    U-Artur Avanesyan uyaboshwa e-Armenia futhi uthunyelwa eNagorno-Karabakh ukuze agqunywe esitokisini.

  4. Ngo-December 30, 2011

    UKaren Harutyunyan, uFakazi oneminyaka engu-18, uboshwa izinyanga ezingu-30 ejele ngoba enqaba ubusosha ngenxa kanembeza.

  5. Ngo-February 16, 2005

    U-Areg Avanesyan, omunye woFakazi BakaJehova, uyaboshwa ngoba enqaba ubusosha ngenxa kanembeza futhi ugwetshwa izinyanga ezingu-48 ejele.

  6. Ngo-June 12-13, 2001

    OFakazi abathathu abenqaba ubusosha ngenxa kanembeza baboshwa izinyanga eziyisithupha kuya onyakeni ngenxa yokwenqaba ukuyoqeqeshelwa ezempi.