Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

JULY 21, 2015
ERUSSIA

Izikhulu Zasemngceleni Zivimbela AmaBhayibheli Ukuba Angangeni ERussia

Izikhulu Zasemngceleni Zivimbela AmaBhayibheli Ukuba Angangeni ERussia

Ngo-July 14, 2015, iziphathimandla zasemngceleni waseRussia zithathele oFakazi BakaJehova izinyathelo ezingakaze zithathwe ngaphambili ngokubenqabela ukungenisa kuleli zwe INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele, enyatheliswa oFakazi ngolimi lwesiRussia. Kusukela ngo-March 2015, izikhulu zaseRussia ziye zavimbela ukungeniswa kwazo zonke izincwadi zenkolo zoFakazi, ngisho noma lezo zincwadi zingekho oHlwini LukaHulumeni Lwezinto Ezibhekwa Njengezeqisayo. Ukuvimbela kwabo ukungena kwezincwadi kanye nokuvala kwabo kwamuva ingosi engokomthetho ethi, www.jw.org, kusho ukuthi zonke izinto ezingokwenkolo ezikhishwa oFakazi BakaJehova, kungakhathaliseki ukuthi zinyathelisiwe noma zitholakala nge-computer sezivaliwe kuleli zwe.