Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

JULY 14, 2015
E-AZERBAIJAN

I-Azerbaijan Yelula Inkathi Yokutoka Okungenabulungisa Ngezinyanga Ezimbili

I-Azerbaijan Yelula Inkathi Yokutoka Okungenabulungisa Ngezinyanga Ezimbili

Ngo-July 4, 2015, iNkantolo Ephakeme YaseSabail yelule inkathi yokutoka koFakazi BakaJehova ngezinye izinyanga ezimbili. Lokhu kwenza ukuba ukukhululwa kuka-Irina Zakharchenko noValida Jabrayilova kuhlehlele kumhla ka-17 September 2015. Abaseshi bathi lokhu kudingekile njengoba besaphenya ngecala.

IHhovisi Likangqongqoshe Wezokulondeka Kazwelonke labopha laba besifazane ngokungenabulungisa ngo-February 17, 2015, ngenxa yokuxoxa nomakhelwane babo ngomyalezo oseBhayibhelini. Ngesikhathi esifanayo, leli hhovisi liyaqhubeka liphenya abanye oFakazi ngemibuzo ngaleli cala, abanye libaphenya liphindelela.