Ngo-September 4, 2015, iNkantolo Yesifunda SaseSabail yavumela isicelo somshushisi​—okwesithathu—​sokunweba isikhathi sokutoka koFakazi BakaJehova ababili, u-Irina Zakharchenko noValida Jabrayilova. Bazohlala ejele kuze kube u-December 17, 2015.

Lesi simo esibuhlungu salaba besifazane saqala lapho beboshwa futhi befakwa esitokisini ngo-February 17, 2015, ngoba besolwa ngokusakaza ngokungemthetho izincwadi zenkolo. Njengoba sekuzophela izinyanga eziyishumi bevalelwe, umndeni wabo, abangane kanye nawo wonke umphakathi woFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bakhathazeke kakhulu ngabo. Iziphathimandla kufanele zikuqede lokhu kungabi nabulungisa futhi zibakhulule ngokushesha.