Dlulela kokuphakathi

Izindaba Zomthetho Namalungelo Abantu

OFakazi BakaJehova Baboshelwe Ukholo Lwabo—Ngokwezindawo

Izindawo lapho oFakazi BakaJehova beboshwe khona, ngezinye izikhathi ngaphansi kwezimo ezimbi kakhulu, ngenxa yokukhulekela kwabo nokusebenzisa amanye amalungelo abantu.

E-AZERBAIJAN

URashad Niftaliyev Uhlawulisiwe Futhi Waboshelwa Ukuhlanganyela Emihlanganweni Engokwenkolo

Usejeziswa okwesibili ezinyangeni ezingu-14, nakuba i-Azerbaijan ingenawo umthetho owenqabela ukubuthana ngenjongo yokukhulekela.

ERUSSIA

Ukuqulwa Kabusha Kwecala LoFakazi BakaJehova ETaganrog—Kuyophela Nini Ukungabi Nabulungisa?

Ingabe oFakazi BakaJehova abangu-16 abangahluphi muntu bazoboshelwa ukukhonza uNkulunkulu?

ERUSSIA

INkantolo Ephakeme YaseRussia Izolalela Icala Lokuvalwa Kwe-LRO Yase-Abinsk

Ingabe iNkantolo izowahlonipha amalungelo enkululeko yoFakazi engokwenkolo futhi ahlehlise isinqumo sokuvala inhlangano yabo (LRO) e-Abinsk, eRussia?

ERUSSIA

IRussia Ivala I-JW.ORG, Ingosi Engokomthetho YoFakazi BakaJehova

Iziphathimandla zikwenze icala, zakubiza ngomsebenzi owukweqisa, ukuvula noma ukugqugquzela i-jw.org eRussia. Lokhu kwenza lingabe lisatholakala iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo.

E-UKRAINE

Bahlaselwa Ngenxa Yenkolo Empumalanga Ye-Ukraine

Amaqembu ahlomile asehlasele ngonya oFakazi abangu-26 ngoba bengazamukeli izinkolelo zobu-Orthodox futhi bengathathi hlangothi kwezombusazwe. OFakazi benqabile ukuyeka inkolo yabo.

ENINGIZIMU KOREA

Ingabe Amajaji ENingizimu Korea Akulungele Ukwamukela Imithetho Yomhlaba Wonke Yokwenqaba Ubusosha Ngenxa Kanembeza?

INkantolo Yomthetho-sisekelo izophinde ihlole ukwenqaba kweNingizimu Korea ukuqaphela ilungelo lokwenqaba ubusosha ngenxa kanembeza. Umhlaba wonke usilindele ngokulangazela isinqumo.

ERWANDA

INkantolo YaseRwanda Ilahla Ukucwasa Ngokwenkolo

INkantolo Emaphakathi YaseKarongi isekela inkululeko engokwenkolo yabafundi abangoFakazi abangu-8. Ingabe lesi sinqumo sizosiza ekudambiseni ukucwasa okungokwenkolo kuzo zonke izikole zaseRwanda?