Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

JANUARY 21, 2014
ERUSSIA

EZAMUVA: Imizamo Yokuvalwa Kwe-JW.ORG Iyabhuntsha

EZAMUVA: Imizamo Yokuvalwa Kwe-JW.ORG Iyabhuntsha

EST. PETERSBURG, eRussia—Ngo-August 7, 2013, iNkantolo Yesifunda SaseTsentralniy eTver, eqhele ngamakhilomitha angu-160 enyakatho yeMoscow, yanquma ukuthi ingosi yokufunda ngeBhayibheli i-jw.org kufanele ivalwe kulo lonke elaseRussia.

Nakuba i-jw.org isetshenziswa amakhulu ezinkulungwane zabantu emhlabeni futhi abacwaningi beyincoma kangaka, inkantolo yachema neziphathimandla ekutheni ayivalwe. Yakhipha isinqumo ngaphandle kokuba abanikazi bale ngosi, i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, baziswe noma bazikhulumele. OFakazi BakaJehova badlulisele icala eNkantolo Yesifundazwe YaseTver. Leli cala lizoqulwa ngo-January 22, 2014.

Uma belahlwa icala, oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-160 000 eRussia ngeke baphinde bakwazi ukuyisebenzisa le ngosi, okuyibona abayisebenzisa njalo ekukhulekeleni kwabo nasezifundweni zomuntu siqu nezemikhaya. Ukukhuthaza abanye eRussia ukuba bayisebenzise kuzobhekwa njengokuwukwephulwa komthetho. Ngaphezu kwalokho, abantu abangaba izigidi ezingu-142 baseRussia bazovinjelwa ukuba bathole imfundo yeBhayibheli yamahhala kuyi-jw.org. Ekhulumela le ngosi, uYekaterina Elbakyan, onguDokotela Wefilosofi nesazi sezifundo zenkolo osebenza njengoprofesa kuyi-Academy of Labor and Social Relations eMoscow, uthi i-jw.org “injengesipho kunoma ubani othanda ukucwaninga ngezinto ezithinta inkolo. Inikeza ukwaziswa okucacile nokuqondakalayo. Izindaba ezibalulekile ngoNkulunkulu nangokuziphatha zibekwe ngendlela elula. Uma usebenzisa le ngosi, uyiqonda kahle inkolo yoFakazi BakaJehova.”

Ekhuluma eseSt. Petersburg, uGrigory Martynov, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova eRussia, uthi: “I-jw.org iyithuluzi elihle kubantu basezweni lakithi abafuna ukwazi ngeBhayibheli futhi abangahlangene nganoma iyiphi indlela nezombusazwe noma ezentengiselwano. Sithemba ukuthi iNkantolo Yesifunda YaseTver izoqinisekisa ukuthi le ngosi ethandwayo yokuthola imfundo ihlala itholakala kubo bonke abantu baseRussia.”

UJ. R. Brown, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova endlunkulu yomhlaba wonke eNew York, uthi: “Ingosi ethi jw.org iyathandwa ngenxa yokuba kwayo ithuluzi lokucwaninga nangokuba umthombo onokwethenjelwa wokuthola ukwaziswa okuthinta imikhaya emhlabeni wonke. Ithandwa ngezinga lokuthi isilinganiso sabantu abangu-900 000 bangena kuyo usuku nosuku ukuze bathole ukwaziswa okuwusizo okutholakala ngezilimi ezingaba ngu-600. Kusobala ukuthi ngeke kube ukuhlakanipha ukuyivala le ngosi.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Russia: Grigory Martynov, tel. +7 812 702 2691