Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

MEYI 16, 2017
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

OFakazi Bamemezela Ngochungechunge Lwemihlangano Yesifunda Abazoba Nayo

OFakazi Bamemezela Ngochungechunge Lwemihlangano Yesifunda Abazoba Nayo

ENEW YORK—NgoMeyi 19, 2017, oFakazi BakaJehova bazoqala uchungechunge lwemihlangano yesifunda yaminyaka yonke yezinsuku ezintathu enesihloko esithi “Ungayeki!” Le mihlangano izoba sezindaweni ezihlukahlukene emhlabeni wonke futhi izoqhubeka kuze kube sekuqaleni konyaka ka-2018. Njengaseminyakeni edlule, oFakazi bahlanganyela emkhankasweni womhlaba wonke wokuwumema mathupha umphakathi ukuba ube khona.

Kulo mhlangano kungenwa mahhala futhi akuthathwa nkongozelo. UDavid A. Semonian, umkhulumeni woFakazi BakaJehova endlunkulu yomhlaba wonke eWarwick, eNew York, uthi: “Emhlabeni wonke, bacela ezigidi ezingu-13 ababa khona emihlanganweni yethu ngonyaka odlule. Sethemba ukuthi kulo nyaka bazoba baningi nakakhulu abazoba khona.”

Lo mhlangano uhlukaniswe waba izingxenye ezingu-52 futhi uzokwethulwa ngezindlela ezihlukahlukene, ezihlanganisa izinkulumo ezimfushane, izingxoxo namavidiyo amafushane. Ngaphezu kwalokho, njalo ntambama kuzodlalwa ingxenye eyodwa yemovie enezingxenye ezintathu enesihloko esithi Khumbula UmkaLoti. Izinsuku nezindawo zomhlangano ngamunye zingatholakala kuwebusayithi engokomthetho yoFakazi ethi, jw.org/zu. Abezindaba bangaxhumana nehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eliseduze nabo ukuze bathole imininingwane eyengeziwe, kuhlanganise nemininingwane yalowo abangaxhumana naye uma behlela ukubhala ngomhlangano.

UMnuz. Semonian uthi: “Izinkinga zokuphila zingasiphuca injabulo zenze nabanye baze baphelelwe ithemba. Umhlangano wethu walo nyaka uzozuzisa oFakazi nabangebona oFakazi ngoba uzokhuthaza abantu ukuba bangagcini nje ngokukhuthazela kodwa bakwazi nokubhekana nezinkinga ngendlela ephumelelayo.”

Abezindaba:

UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lokwaziswa, +1-845-524-3000