Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

JUNE 4, 2014
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

Imihlangano Yezizwe YoFakazi Iyaqala

Imihlangano Yezizwe YoFakazi Iyaqala

ENEW YORK—Umhlangano wezizwe wezinsuku ezintathu woFakazi BakaJehova onesihloko esithi “Qhubekani Nifuna Kuqala UMbuso KaNkulunkulu!” uzoqala ngoLwesihlanu ekuseni, ngo-June 6, 2014, eFord Field eDetroit, eMichigan, e-USA. Izingxenye zalesi simiso zizosakazwa nakwezinye izindawo e-Arizona, eCalifornia, eFlorida, e-Illinois, eMissouri, eNew Jersey naseNorth Carolina futhi zizohunyushwa ngesi-Albania, isiKorea, isiPholishi nangesiPutukezi.

UJ. R. Brown, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova endlunkulu yabo eBrooklyn, eNew York, uthi: “Phakathi namasonto amathathu adlule, oFakazi eDetroit nasemadolobheni okuzobe kusakazwa kuwo isimiso nge-video bebelokhu bemema omakhelwane ukuba beze kulo mhlangano obalulekile. EDetroit silindele izindimbane zabantu bezizinda ezihlukahlukene abangaba ngu-45 000, kuhlanganise nezihambeli zakwamanye amazwe ezingaphezu kuka-2 000 ezivela e-Australia, eCanada, eJalimane naseTaiwan.”

Phakathi nesikhathi sasehlobo, oFakazi e-United States bazoba nemihlangano yezizwe engu-16 ezinkundleni ezinkulu ezifundazweni eziyishumi. Ezindaweni ezithile isimiso siyonikezwa ngesi-Albania, isi-Arabhu, isi-Armenia, isiCanton, isiChuuk, isiCreole saseHaiti, isiFulentshi, isiGreki, isiHindi, isi-Iloko, isi-Indonesia, isiJapane, isiKorea, uLimi Lwezandla LwaseMelika, isiMandarin, isiMarshall, isiNtaliyane, isiPersia, isiPholishi, isiRomania, isiRashiya, isiSamoa, iSpanishi, isiTagalog, isiTwi nesiVietnam. Kusukela ngo-June 2014 kuya ku-2015, oFakazi bazoba nemihlangano yezizwe e-Australia, e-Ecuador, eGreece, eJalimane, eMexico, eNgilandi, eNingizimu Korea naseZimbabwe.

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000