Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

NOVEMBER 28, 2014
EMEXICO

Iziphathimandla ZaseMexico Zibashayele Ihlombe OFakazi Ngokuhlanza Inkundla Yezemidlalo

Iziphathimandla ZaseMexico Zibashayele Ihlombe OFakazi Ngokuhlanza Inkundla Yezemidlalo

EDOLOBHENI LASEMEXICO—OFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-250 bazinikele ngokuzithandela ukuba bahlanze inkundla yezemidlalo eBaldomero “Melo” Almada ngo-June 7, 2014, belungiselela umcimbi womphakathi, okwenza ukuba iziphathimandla zibashayele ihlombe.

Kwase kuyizinyanga eziningana uProfesa u-Antonio Cota Márquez, ongumqondisi weNhlangano Yezemidlalo Kamasipala eHuatabampo, eMexico, efuna izisebenzi zokuzithandela ukuba zisize ekuhlanzweni kwenkundla kusenesikhathi, ukuze umbusi avule ngokusemthethweni umzila omusha wokugijima ngo-July 7, 2014. OFakazi BakaJehova batheleka ngezinkani futhi bamsiza ngezinto eziningi okwakudingeka zenziwe uyena kanye nabanye abahlanza le nkundla, okuhlanganisa ukususa imfucumfucu enkundleni, ukupenda kabusha amabhodi amnyama e-basketball nokulungisa emabaleni enkundla.

Ihholo elisenkundleni yemidlalo, lapho oFakazi beqhubela khona imihlangano yamahhala efundisa ngeBhayibheli.

Umqondisi uCota wanquma ukuthinta oFakazi ngenxa yokuthi wayeseyazi indlela abahlanza ngayo enye yezinkundla zemidlalo abajwayele ukuqhubela kuyo umhlangano ofundisa ngeBhayibheli mahhala ngolimi lweSpanishi nolwesiMayo. Ngemva kokubona indlela oFakazi abahlanza futhi balungisa ngayo le ndawo, uMqondisi uCota waphawula wathi: “Siyajabula ukubona abantu abangazigodli benikela ngesikhathi sabo ukuze bahlanze inkundla yezemidlalo.” Kamuva wathi: “Egameni lemeya, uRamón Díaz Nieblas, sicela namukele ukwazisa kwethu ngomsebenzi eniwenze namuhla. Sizoqhubeka sikusekela ukusebenzisa kwenhlangano yenu le ndawo. Asive sijabula ngomsebenzi wenu wokuzimisela nokubambisana.”

Abameleli Bezindaba:

Emhlabeni jikelele: UJ. R. Brown, Office of Public Information, ucingo: +1 718 560 5000

EMexico: UGamaliel Camarillo, ucingo: + 52 555 133 3000