Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

APRIL 24, 2015
EMEXICO

Kukhululwe INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki NgesiTzotzil EMexico

Kukhululwe INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki NgesiTzotzil EMexico

UGeoffrey Jackson, ilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, ukhulula INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiTzotzil. Ugqoke iJerkil, intolibhantshi yesiTzotzil eyenziwe ngoboya.

EMEXICO CITY—OFakazi BakaJehova bakhulule INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiTzotzil emhlanganweni wesifunda obungo-December 26-28, 2014, eTuxtla Gutierrez, eChiapas. Lo Mhlangano Wesifunda onesihloko esithi “Qhubekani Nifuna Kuqala UMbuso KaNkulunkulu!” ubungesiTzotzil, ulimi lwesiMaya, futhi ubukelwe nakwenye indawo yaseComitan, eChiapas. Ngaphezu kweBhayibheli, bonke abangu-5 073 abebekhona bathole nezinye izincwadi ezintsha eziyisithupha zesiTzotzil.

Okhulumela oFakazi BakaJehova eMexico, uGamaliel Camarillo, uthi: “Sijabule kakhulu ngokukhululwa kwe-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiTzotzil. Silangazelela ukusebenzisa le nguqulo lapho sixoxa nomakhelwane bethu abakhuluma isiTzotzil.”

OFakazi abakhuluma isiTzotzil basebenzisa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki esanda kukhululwa emhlanganweni wesifunda eChiapas, eMexico.

IHhovisi LikaNobhala Wezemfundo Zomphakathi ZaseMexico lithi ulimi lwesiTzotzil lukhulunywa abantu abangaphezu kuka-350 000 eBaja California, eCampeche, eChiapas, e-Oaxaca, naseVeracruz. Ukuze bakwazi ukuxoxa ngeBhayibheli nabantu abakhuluma isiTzotzil, oFakazi BakaJehova baye bavula ihhovisi labahumushi lolimi lwesiTzotzil elinabahumushi abangu-15 eSan Cristobal de las Casas, eChiapas. Ngo-2002, oFakazi bakhipha incwadi yabo yokuqala ngesiTzotzil. Manje kunezincwadi zoFakazi BakaJehova ezingaphezu kuka-60 ngolimi lwesiTzotzil ongazidawuniloda engosini yabo engokomthetho i-jw.org.

Abezindaba:

Emhlabeni jikelele: uJ. R. Brown, Ihhovisi Lokwaziswa, ucingo +1 718 560 5000

AbaseMexico: uGamaliel Camarillo, ucingo +52 555 133 3048