Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

OCTOBER 23, 2013
EMEXICO

IZiphepho Ezinamandla Zigadla EMexico

IZiphepho Ezinamandla Zigadla EMexico

Ngo-September 2013, iZiphepho ezihambisana nemvula, u-Ingrid no­-Manuel, zagadla eMexico futhi kwaba nezikhukhula nokubhodloka komhlaba. Ngaphezu kokubhidlika kwezindlu nokulimala kwamasimu, lezi ziphepho zabulala okungenani abangu-80. Omunye woFakazi BakaJehova walimala phakathi nale nhlekelele. Ngaphezu kwalokho, ukuvaleka kwemigwaqo kwavimbezela oFakazi abangaphezu kuka-300 ababesemhlanganweni wesigodi eChilpancingo, eGuerrero. Labo ababevaleleke khona bayiswa eHholo LoMhlangano loFakazi BakaJehova nasemizini yabanye oFakazi. Abameleli behhovisi legatsha loFakazi BakaJehova bayaqhubeka besebenza nezikhonzi ezijikelezayo namakomiti anikeza usizo akhiwa abadala abangoFakazi ukuze balungiselele futhi banikeze usizo lwalokho labo abathintekile abakudinga ngokushesha.

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Mexico: Marco Barrera, tel. +52 555 858 0116