Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

EFRANCE

Isakhamuzi SaseFrance Esidala Kunazo Zonke, U-Irénise Moulonguet

Isakhamuzi SaseFrance Esidala Kunazo Zonke, U-Irénise Moulonguet

U-Irénise Moulonguet, ohlanganise iminyaka engu-112 ngo-November 2012, kucatshangwa ukuthi nguye umuntu omdala kunabo bonke eFrance. Waziwa kakhulu njengomunye woFakazi BakaJehova.

Kuze kube manje, bekucatshangwa ukuthi nguMaria Richard—omunye owevile eminyakeni eyikhulu owayehlala eFrance—omdala kunabo bonke eFrance. Nokho kuye kwatholakala ukuthi mncane ku-Irénise ngezinsuku ezingu-22. UMaria Richard, oshone ngo-October odlule esezohlanganisa iminyaka engu-112, naye ubengomunye woFakazi BakaJehova.

U-Irénise wakhula kanzima. Lapho eneminyaka emibili ubudala, wasinda ekuqhumeni kweNtabamlilo iPelée eseduze nomuzi azalelwa kuwo eMartinique. Eneminyaka engu-15, wathuthela eFrench Guiana futhi wathola umsebenzi ukuze anakekele umndeni wakubo. Ngemva kweminyaka ethile, waphindela eMartinique futhi washada waba nezingane. Ngokudabukisayo, umyeni wakhe u-André washeshe washona, u-Irénise wasala enakekela amadodakazi abo amathathu.

Ukuze anakekele umndeni wakhe, u-Irénise wayesebenza emasimini kabhanana. Omunye ayesebenza naye, oseneminyaka engaphezu kuka-80, usayikhumbula inkuthalo yakhe. Uthi: “Wayekwazi ukwenza izixheke ezinkulu zikabhanana ezingaphezu kuka-175 ngosuku!”

Nakuba ngezinye izikhathi ukuphila kwakuba nzima, u-Irénise wayehlale enethemba lokuthi izinto zizoba ngcono. Omunye wabazukulu bakhe abangu-75 uthi lapho emchaza, “uyahlekisa, uhlakaniphile futhi uhlale esixoxela ngezikhathi ezimnandi zakudala.” Iningi labantu abakhulile lichazwa ngaleyo ndlela.

Nakuba ufuzo lunomthelela ekuphileni isikhathi eside, indlela umuntu aphila ngayo kanye nokuba nethemba kubalulekile. Lapho bebuzwa ngokuphila kwabo isikhathi eside, iningi labantu asebevile eminyakeni eyikhulu lithi linamathela endleleni engaguquguquki yokwenza izinto, lidle ngendlela efanele futhi lizigcine likujabulela ukuphila. Enye inhlolo-vo iphetha ngalokhu: “Babonakala bengabantu abakhuthele nabanamandla.”

Ngokuphambene nalokho okukholelwa yiningi, ukuphila komuntu isikhathi eside akusho ukuthi ubephila ntofontofo. Enye inhlolo-vo eyenziwa eFrance ibonisa ukuthi abaningi abaphila isikhathi eside babonakala bengabantu abasinde kokuningi, “baqinile futhi buningi ubunzima ababunqobile.”

U-Irénise naye uye wakhuthazelela ubunzima obuningi. Omunye wabazukulu bakhe uhlale ekhuluma ngesimo sakhe sengqondo esihle. Uthi: “Nakuba engasakwazi ukuhamba, akalokothi akhononde.”

Nakuba azalelwa enkolweni yamaRoma Katolika, u-Irénise wayenemibuzo eminingi ngoNkulunkulu nangobufushane bokuphila. Wathola izimpendulo ezanelisayo ngokufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Lapho eneminyaka engu-74, wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova uNkulunkulu. Lapho ebuzwa ukuthi yini emsiza abhekane nokuguga nezinkinga zempilo, ngokuvamile uye athi: “UJehova ungamandla ami. ‘Uyingalo yami enamandla.’ Yingakho ngizizwa ‘ngimusha usuku nosuku’!”—Duteronomi 3:24; 2 Korinte 4:16.