Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

JULY 25, 2014
ECROATIA

OFakazi Basiza Ngesikhathi Senhlekelele Emazweni AseBalkan

OFakazi Basiza Ngesikhathi Senhlekelele Emazweni AseBalkan

EZAGREB, eCroatia—Amakomiti asiza lapho kuvele khona inhlekelele ezisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi, esizwa abameleli behhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eliseJalimane, athatha isinyathelo sokusiza labo ababethintwe isikhukhula esinamandla kunazo zonke ezake zaba khona eBosnia-Herzegovina, eCroatia, naseSerbia. Kusukela ngo-May 13-15, 2014 izimvula ezinamandla zibangele izikhukhula ezinkulu nokukhukhuleka komhlabathi ezindaweni ezingu-3 000 emazweni aseBalkan.

Ngokushesha amakomiti asiza lapho kuvele khona inhlekelele asiza labo abangenayo indawo yokuhlala ngezinto zokuhamba, ukudla, izimpahla nezindlu zesikhashana. Nakuba bengekho oFakazi BakaJehova abafa noma balinyazwa yile nhlekelele, izindlu zoFakazi ezingaba ngu-14 zibhidlikile noma zamosheka kakhulu. Kubhidlike nendlu eyodwa yokukhulekela esetshenziswa oFakazi. Manje la makomiti aqondisa ukulungiswa nokwakhiwa kabusha kwezindlu ezimoshekile nokwakhiwa kwezindlu zesikhashana zalabo abangenazindlu.

UJosip Liović, umkhulumeli wehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eCroatia, uthi: “Siyajabula ukuzwa ukuthi abekho abasemabandleni ethu abalimale kule nhlekelele, nokho sizwelana nalabo abasosizini lokulahlekelwa amalungu emindeni nabangane. Senza imizamo ekhethekile yokududuza omakhelwane bethu kuwo wonke amazwe aseBalkan. Sibonga nabangane bethu baseJalimane abaye beza bazosisiza ukuba sihlele umsebenzi wokusiza ozokwenziwa emasontweni nasezinyangeni ezizayo.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Croatia: Josip Liović, tel. +385 91 5336 511

Serbia: Daniel Domonji, tel. +381 11 405 99 00