Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

JANUARY 1, 2013
E-UNITED STATES

OFakazi BakaJehova Badayisa Isakhiwo Esasiyi-Hotel Bossert

OFakazi BakaJehova Badayisa Isakhiwo Esasiyi-Hotel Bossert

EBROOKLYN, eNew York—OFakazi BakaJehova badayisele uDavid Bistricer weClipper Equity and the Chetrit Group isakhiwo esasiyi-Hotel Bossert esise-98 Montague Street eBrooklyn Heights edumile. IBossert yakhiwa ngo-1909, unyaka oFakazi BakaJehova abathuthela ngawo indlunkulu yabo eBrooklyn Heights.

OFakazi baqala ukusebenzisa lesi sakhiwo ngo-1983 futhi basithenga ngo-1988. Ngokushesha baqala umsebenzi wokuvuselela sonke isakhiwo ngokuvumelana nemithetho yesifunda ye-Landmarks Preservation Commission futhi baklonyeliswa ngomsebenzi abawenza wokubuyisela lesi sakhiwo esimweni saso sangaphambili.

Muva nje, oFakazi BakaJehova baye bathuthela imisebenzi yabo yokunyathelisa kwezinye izindawo. Lokho kuye kwanciphisa inani labantu nesidingo sezakhiwo zokuhlala eBrooklyn, okubangele ukuba lesi sakhiwo sidayiswe.

UDavid Semonian, okhulumela oFakazi BakaJehova uthi: “Sikujabulele ukunakekela iBossert kule minyaka engu-25 edlule. Liyisakhiwo esihle futhi siyohlale silikhumbula njalo.”

Media Contact:

David Semonian, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000