Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

MAY 23, 2013
E-UNITED STATES

Isishingishane E-Oklahoma

Isishingishane E-Oklahoma

Isishingishane esibanzi ngamakhilomitha amabili, esivunguza ngejubane elingamakhilomitha angaphezu kuka-320 ngehora, salalisa uyaca eMoore, e-Oklahoma, eningizimu ye-Oklahoma City, ngo-May 20, 2013. Imibiko yabezindaba ibonisa ukuthi kufe abantu abangu-24 nezingane ezingu-10. Abekho oFakazi BakaJehova abahlala kule ndawo okubikwa ukuthi bafile. Nokho, kunoFakazi oyedwa owelashwayo ngenxa yokulimala. Amakomiti asiza ezinhlekeleleni akhiwa izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi ahlela ukusiza labo abayizisulu, abanikeze ukudla, amanzi nenduduzo evela emiBhalweni.

 

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000