Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

APRIL 29, 2016
E-ECUADOR

Ukuzamazama Komhlaba E-Ecuador

Ukuzamazama Komhlaba E-Ecuador

Ukuzamazama komhlaba okunamandla angu-7,8 kwanyakazisa izindawo ezingasoGwini Lolwandlekazi iPacific ngo-April 16, 2016. Lokhu kuzamazama kanye nokundindizela okwalandela kwadala umonakalo omkhulu futhi kwabulala abangaphezu kuka-650. Nakuba ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lase-Ecuador lingathintekanga lapho kuzamazama, kodwa amashumi emizi yoFakazi yabhidlika. Imibiko yamuva iqinisekise ngokushona kukaFakazi oyedwa. OFakazi bathumele amaloli okudla namanzi asemabhodleleni ezindaweni ezithintekile. Ngokushesha ihhovisi legatsha lathumela amakomiti amabili asiza ezinhlekeleleni ukuze engamele emisebenzini yokusiza futhi afika amisa izikhungo ezimbili zokusiza, esisodwa edolobheni lasePedernales esinye eManta. Ngaphezu kwalokho, abameleli begatsha abane bavakashela izindawo ezithintekile ukuze banikeze isikhuthazo.

Abezindaba:

Emhlabeni jikelele: UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lokwaziswa, ucingo +1 718 560 5000

E-Ecuador: UMarco Brito, ucingo +593 98 488 8580