Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

NOVEMBER 20, 2013
E-ARMENIA

I-Armenia Idedela Bonke OFakazi BakaJehova Ababoshiwe

I-Armenia Idedela Bonke OFakazi BakaJehova Ababoshiwe

EYEREVAN, e-Armenia—Ngo-November 12, 2013, i-Armenia yadedela oFakazi BakaJehova abangu-14 ababesasele, kulabo ababeboshelwe ukwenqaba ukuya empini. Sebebonke, bangu-28 oFakazi BakaJehova ababoshelwa ukwenqaba ngenxa kanembeza abaye badedelwa kusukela ngo-October 8, 2013. Lokhu kubonisa ushintsho endleleni i-Armenia ebilokhu yenza ngayo uma kuziwa endabeni yokungalihloniphi ilungelo lokwenqaba ngenxa kanembeza, inqubo eyaholela ekuboshweni kwezinsizwa ezingoFakazi ezingaphezu kuka-450 kule minyaka engu-20 edlule. Manje, ngokokuqala ngqa kusukela ngo-1993, abekho oFakazi BakaJehova ababoshelwe ukwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza e-Armenia.

Ngaphambi kuka-November 12, i-Armenia yadedela oFakazi abangu-8 ngo-October 8 no-9, bancishiselwa izigwebo zabo ngezinyanga eziyisithupha. Abanye abayisithupha badedelwa ngo-October 24. Laba abayisithupha babengabokuqala abazuza ezinguqukweni ezenziwa emthethweni okhona kakade e-Armenia zokwenza noma iyiphi inkonzo yomphakathi esikhundleni sokuya empini ezamukelwa ngo-June 8, 2013. Lezi zinguquko zivumela labo abenqaba ngenxa kanembeza ukuba benze inkonzo yomphakathi engahlobene nempi kunokuba baboshwe.

Bangaphezu kuka-90 oFakazi abafaka izicelo kulolu hlelo olusha. Ngo-October 23 nango-November 12, 2013, iRepublican Commission yahlola futhi yagunyaza izicelo ezingu-71 zalezi zinsizwa. IKhomishani yaphinde yamemezela inhloso yayo yokulalela amacala asele maduzane.

Endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eNew York, uDavid A. Semonian, umkhulumeli woFakazi BakaJehova, wathi: “Siyajabula ngokuthi uhulumeni wase-Armenia uzidedele lezi zinsizwa nokuthi le nkinga esithathe isikhathi eside isixazululekile.”

Media Contact(s):

International: David A. Semonian, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Armenia: Tigran Harutyunyan, tel. +374 93 900 482