Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda  |  November 2015

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO

UNkulunkulu Uyibheka Kanjani Impi?

UNkulunkulu Uyibheka Kanjani Impi?

Ungawuphendula kanjani lo mbuzo? Abantu abaningi bacabanga ukuthi uNkulunkulu uyazithanda izimpi. Bathi endulo wayala abanye babakhulekeli bakhe ukuba baye empini; iBhayibheli liyakufakazela lokho. Nokho, abanye bayaqaphela ukuthi iNdodana kaNkulunkulu, uJesu, yafundisa abalandeli bayo ukuba bathande izitha zabo. (Mathewu 5:43, 44) Ngakho, baphetha ngokuthi umbono kaNkulunkulu ngempi uye washintsha futhi namuhla akasayithandi impi.

Ucabangani? Ingabe uNkulunkulu uyazithanda izimpi? Uma kunjalo, yiluphi uhlangothi alusekelayo ezimpini zanamuhla? Ukuthola izimpendulo zale mibuzo kungawushintsha umbono wakho ngempi. Ngokwesibonelo, ukube bewazi ukuthi uNkulunkulu akagcini nje ngokuthanda impi kodwa uphinde asekele uhlangothi ongakulo, cishe bekuyokujabulisa lokho ngoba ngokuqinisekile uhlangothi olusekelayo beluyonqoba. Ngokuphambene nalokho, ubungazizwa kanjani uma uzwa ukuthi uNkulunkulu usekela uhlangothi enilwa nalo? Ngokuqinisekile ubungeke ufune ukumelana nohlangothi olusekelwa uNkulunkulu.

Le ndaba ihilela nokunye okubalulekile. Ukwazi umbono kaNkulunkulu ngempi kungayithinta indlela ombheka ngayo. Uma uphakathi kwezigidi zabantu eziye zahlukunyezwa yimpi, akungabazeki ukuthi uyakudinga ukwazi impendulo yalo mbuzo: Ingabe uNkulunkulu ungumthandi wempi ovumela noma ogqugquzela ukuhlupheka okubangelwa yimpi—njengoba abaningi becabanga kanjalo—noma kungenzeka yini ukuthi akanandaba nenhlalakahle yabacindezelwayo?

Kungakumangaza ukwazi ukuthi impendulo yeBhayibheli ihluke kakhulu kuleyo mibono. Eqinisweni kusukela endulo kuze kube manje, umbono kaNkulunkulu ngempi awukaze ushintshe. Ake sihlole lokho iBhayibheli elikushoyo ngendlela uNkulunkulu ayebheka ngayo impi endulo nangekhulu lokuqala, ngesikhathi uJesu esemhlabeni. Lokho kuzosisiza sibone indlela uNkulunkulu abheka ngayo impi namuhla, sibone nokuthi iyoba khona yini esikhathini esizayo.