Unyaka ngamunye sinyathelisa futhi sisakaze izigidi zamaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Sakha futhi sinakekele amahhovisi amagatsha nezakhiwo zokunyathelisa emhlabeni wonke. Izinkulungwane zamabandla zihlangana ezakhiweni ezifanelekayo ezibizwa ngokuthi amaHholo OMbuso. Ubani okhokhela konke lokhu?

Umsebenzi wethu usekelwa ngokuphelele ngeminikelo yokuzithandela. (2 Korinte 9:7) Ngo-1879, INqabayokulinda yesibili yathi: “Sikholelwa ukuthi i-‘Zion’s Watch Tower,’ [njengoba lo magazini wawubizwa kanjalo] isekelwa UJEHOVA futhi uma nje kusenjalo ayisoze incenge noma inxuse abantu ukuba bayisekele.” Sisanamathele kulawo mazwi.

Iminikelo ithunyelwa ngokuqondile kwelinye lamahhovisi amagatsha ethu noma ifakwe ebhokisini lomnikelo eHholo LoMbuso. Kodwa asikukhiphi okweshumi, asithathi nkongozelo noma sikhokhise abantu ngomsebenzi wethu noma ngezincwadi zethu. Asikhokhelwa ngokushumayela, ngokufundisa ebandleni noma ngokusiza lapho kwakhiwa izindawo zokukhulekela. Lokhu kuvumelana nalokho uJesu akusho: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:8) Zonke izikhonzi emahhovisi ethu amagatsha nasendlunkulu yethu yomhlaba wonke, kuhlanganise nalabo abakha iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova bangamalungu enhlangano angakhokhelwa.

“Njengoba kunjalo ngayo yonke imisebenzi yoFakazi BakaJehova, iminikelo ikhishwa ngokuzithandela, umuntu ngamunye uyazinqumela inani azolikhipha nokuthi uzonikela izikhathi eziningi kangakanani.”—INkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu, ngo-2011

Iminikelo iphinde isetshenziselwe ukusiza lapho kunezinhlekelele. AmaKristu okuqala akujabulela ukusiza labo ababebhekene nenhlekelele. (Roma 15:26) Ngendlela efanayo nathi sisiza ababhekene nezinhlekelele ngokwakha kabusha imizi yabo nezindawo zokukhulekela nangokubanika ukudla, izingubo zokugqoka kanye nosizo lwezokwelapha.