Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda  |  September 2015

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Kungani kuneziprofetho eBhayibhelini?

Kungani iBhayibheli lichaza izenzakalo zosuku lwethu?Luka 21:10, 11.

Kuneziprofetho eziningi ezichazwe ngokuningiliziwe eBhayibhelini. Akekho umuntu ongabikezela ikusasa ngendlela ecacile nenembile. Ngakho ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli kusinikeza ubufakazi obuqinisekile bokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu.Funda uJoshuwa 23:14; 2 Petru 1:20, 21.

Iziprofetho zeBhayibheli esezigcwalisekile kakade zisinikeza isisekelo esiqinile sokuba nokholo kuNkulunkulu. (Hebheru 11:1) Zisenza siqiniseke nangokuthi izithembiso zikaNkulunku zekusasa elingcono zizogcwaliseka. Ngakho iziprofetho zeBhayibheli zisinikeza ithemba eliqinisekisiwe.Funda iHubo 37:29; Roma 15:4.

Iziprofetho zeBhayibheli zisisiza kanjani?

Ezinye iziprofetho zixwayisa izikhonzi zikaNkulunkulu ukuze zithathe izinyathelo. Ngokwesibonelo, lapho amaKristu ekhulu lokuqala ebona iziprofetho ezithile zigcwaliseka, aphuma eJerusalema alishiya. Kamuva lapho lowo muzi ubhujiswa ngenxa yokwenqaba kwabantu ukwamukela uJesu, amaKristu ayekude endaweni ephephile.Funda uLuka 21:20-22.

Namuhla iziprofetho ezigcwalisekile zibonisa ukuthi maduzane uMbuso kaNkulunkulu uzoqeda imibuso nohulumeni babantu. (Daniyeli 2:44; Luka 21:31) Ngakho kuyaphuthuma ukuba umuntu ngamunye athathe isinyathelo manje ukuze azuze ukwamukelwa iNkosi, uJesu Kristu, ekhethwe uNkulunkulu.Funda uLuka 21:34-36.