Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda  |  March 2014

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ukufa kukaJesu kusizuzisa kanjani?

Lapho uNkulunkulu edala abantu, wayehlose ukuba baphile phakade emhlabeni ongenakho ukugula noma ukufa. Nokho, umuntu wokuqala, u-Adamu, akazange amlalele uMdali futhi walahlekelwa ithemba lokuphila phakade. Njengenzalo ka-Adamu, sazuza ukufa kuye. (Roma 5:8, 12; 6:23) UNkulunkulu weqiniso, uJehova, wathumela iNdodana yakhe, uJesu, emhlabeni ukuze ife futhi ibuyisele lokho okwalahlwa u-Adamu.Funda uJohane 3:16.

UJesu wafa ukuze abantu bakwazi ukuphila phakade. Ucabanga ukuthi kuyoba njani ukuphila phakade lapha emhlabeni?

Ukufa kukaJesu kwenza ukuthethelelwa kwezono zethu nokuphila phakade kube yinto engenzeka. IBhayibheli lisenza sibone ukuthi ukuphila kuyoba njani emhlabeni lapho kungasekho ukuguga, ukugula nokufa.Funda u-Isaya 25:8; 33:24; IsAmbulo 21:4, 5.

Kufanele sikukhumbule kanjani ukufa kukaJesu?

Ngobusuku obungaphambi kokufa kwakhe, uJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bakhumbule ukufa kwakhe ngomkhosi ongenamicikilisho. Ukukhumbula ukufa kukaJesu ngaleyo ndlela unyaka ngamunye, kusinika ithuba lokucabanga ngendlela uJesu noJehova abasithanda ngayo isintu.Funda uLuka 22:19, 20; 1 Johane 4:9, 10.

Kulo nyaka, iSikhumbuzo sokufa kukaJesu sizoba ngoMsombuluko, ngo-April 14, ngemva kokushona kwelanga. Uyamenywa ukuba ube khona eSikhumbuzweni esizokwenziwa oFakazi BakaJehova endaweni yangakini.Funda eyabaseRoma 1:11, 12