Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda  |  November 2013

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Obani abaya ezulwini, futhi bayokwenzani?

Izigidi zabantu zinesifiso sokuphila ezulwini. UJesu wathi abaphostoli bakhe abathembekile babeyophila khona. Ngaphambi kokuba afe, wathembisa ukuthi yena noYise wasezulwini babezobalungiselela indawo.—Funda uJohane 14:2.

Kungani abantu basemhlabeni beyovuselwa ezulwini? Bayokwenzani? UJesu watshela abaphostoli bakhe ukuthi bayoba amakhosi futhi babuse emhlabeni.—Funda uLuka 22:28-30; IsAmbulo 5:10.

Ingabe bonke abantu abalungile baya ezulwini?

Emazweni amaningi bambalwa abantu abangababusi. Njengoba uJesu evusela abantu ekuphileni kwasezulwini ukuze babuse phezu komhlaba, kunengqondo ukulindela ukuba babe mbalwa abakhethwayo. (Luka 12:32) IBhayibheli liyasitshela ukuthi bangaki abayobusa noJesu.—Funda isAmbulo 14:1.

Ukufa kufana kanjani nokulala?

Ngeke kuvuzwe labo abaya ezulwini kuphela. Izikhonzi ezithembekile zoMbuso kaJesu ziyothola ukuphila okuphakade emhlabeni obuyiselwe waba ipharadesi. (Johane 3:16) Abanye bayongena ePharadesi ngokusinda lapho kubhujiswa lesi simiso esibi sezinto. Abanye bayovuselwa khona.—Funda iHubo 37:29; Johane 5:28, 29.