Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda  |  June 2013

Umhlaba Ongenalo Ubandlululo—Nini?

Umhlaba Ongenalo Ubandlululo—Nini?

“NGINETHEMBA.” La mazwi ashiwo uMartin Luther King, Jr., umholi wokulwelwa kwamalungelo abantu baseMelika, ngo-August 28, 1963, enkulumweni yakhe edume kunazo zonke. Esebenzisa la mazwi ashukumisayo ayewaphindaphinda, uMartin wazwakalisa iphupho lakhe, noma ithemba, lokuthi ngolunye usuku abantu bayophila ngokuthula lungasekho ubandlululo. Nakuba asho la mazwi kubantu base-United States, abantu bezizwe eziningi emhlabeni wonke banesifiso esifanayo.

UMartin Luther King, Jr., ebeka inkulumo yakhe yokulwela amalungelo abantu

Ngo-November 20, 1963, ngemva kwezinyanga ezintathu esho la mazwi, amazwe angaphezu kwekhulu asayina isivumelwano okuthiwa i-United Nations Declaration on the Elimination of All Forms of Racial Discrimination. Ezinye izivumelwano zomhlaba zenziwa emashumini eminyaka alandela. Yonke le mizamo iphakamisa umbuzo ongenakubalekelwa, Ube yini umphumela?

Ngo-March 21, 2012, uNobhala-jikelele we-U.N. uBan Ki-moon wathi: “Ziningi izivumelwano namathuluzi kanye nezingxoxo ezinengqondo zokuvimba nokuqeda ukucwasa ngokohlanga, ubandlululo, inzondo ngezifiki nezinye izinto ezihlobene nakho. Noma kunjalo, ubandlululo luyaqhubeka luhlukumeza izigidi zabantu emhlabeni wonke.”

Ngisho nasemazweni asethuthukile ekulweni nobandlululo, umbuzo usalokhu umile: Ingabe le ntuthuko ilusiphule ngokuphelele ubandlululo noma imane yanciphisa ukubonakaliswa kwalo? Abanye bakholelwa ukuthi leyo ntuthuko imane nje ivimbe ukucwasa ngokohlanga kodwa ayinamandla okuqeda ubandlululo ngokuphelele. Kungani kunjalo? Ngenxa yokuthi ukucwasa ngokohlanga kuyisenzo esibonakalayo futhi umthetho ungakujezisela sona, kanti ubandlululo luhlobene nemicabango nemizwa yomuntu esekujuleni, okuyinto ongenakujeziselwa yona.

Ngakho-ke, noma imiphi imizamo yokuqeda ubandlululo akumelwe nje iqede izenzo ezibonisa ukucwasa ngokohlanga, kodwa kumelwe ishintshe nemicabango nendlela umuntu azizwa ngayo ngabantu bolunye uhlanga. Ingabe kungenzeka ngempela lokho? Uma kunjalo, kanjani? Ake sibheke izinto ezimbalwa ezenzeka ngempela ezizosisiza sibone ukuthi kungenzeka ukuba abantu bashintshe futhi kukhona okungabasiza ukuba benze kanjalo.

IBHAYIBHELI LABASIZA UKUBA BANQOBE UBANDLULULO

“Manje ngizizwa ngikhululekile ekugqilazweni ubandlululo.”—ULinda

ULinda: Ngazalelwa eNingizimu Afrika. Ngangibheka bonke abantu baseNingizimu Afrika abamnyama njengabangelutho, abangafundile, abangenakuthenjwa futhi okufanele babe izigqila zabelungu. Ngangigcwele ubandlululo kodwa ngingaqapheli. Nokho, leso simo sengqondo sashintsha lapho nje ngiqala ukutadisha iBhayibheli. Ngafunda ukuthi “uNkulunkulu akakhethi” nokuthi inhliziyo ibaluleke ngaphezu kwebala lesikhumba noma ulimi. (IzEnzo 10:34, 35; IzAga 17:3) UmBhalo wabaseFilipi 2:3 wangisiza ngabona ukuthi uma ngibheka abanye njengabakhulu kunami, ngiyokwazi ukunqoba ubandlululo. Ukuphila ngemithetho yeBhayibheli enjengalena kuye kwangisiza ukuba ngithande abanye kungakhathaliseki ukuthi bamnyama noma bamhlophe. Manje ngizizwa ngikhululekile ekugqilazweni ubandlululo.

“Ngabona indlela uNkulunkulu abheka ngayo abantu.”—UMichael

UMichael: Ngakhulela endaweni lapho kuhlala khona iningi labelungu base-Australia futhi ngaqala ukubazonda kakhulu abantu base-Asia  ikakhulukazi amaShayina. Kwakuthi uma ngishayela bese ngibona umuntu wase-Asia, ngivule ifasitela lemoto bese ngimemeza, ngisho izinto ezinjengokuthi “Hamba kini Shayina ndini!” Kamuva lapho sengiqala ukutadisha iBhayibheli, ngabona indlela uNkulunkulu abheka ngayo abantu. Uyabathanda kungakhathaliseki ukuthi baqhamukaphi nokuthi babukeka kanjani. Lolo thando lwangithinta futhi inzondo yami yaphenduka uthando. Ukwenza ushintsho olunjena kuyamangaza. Manje ngithola injabulo emangalisayo ngokuhlangana nabantu abavela kuwo wonke amazwe nezizinda. Lokhu kwenze ngabheka impilo ngeso elibanzi futhi kwangilethela injabulo enkulu.

“Ngalungisa indlela yami yokucabanga.”—USandra

USandra: Umama wami wazalwa e-Umunede eDelta State, eNigeria. Nokho, umndeni wakubo kababa uvela esifundazweni sase-Edo futhi ukhuluma isi-Esan. Ngenxa yalo mehluko, abakubo kababa babembandlulula kakhulu umama kwaze kwaba usuku ashona ngalo. Ngakho ngafunga ukuthi angisoze ngazihlanganisa nanoma ubani okhuluma isi-Esan futhi angisoze ngashada nomuntu ovela e-Edo. Kodwa lapho ngiqala ukufunda iBhayibheli ngaqala ukuba nombono ohlukile ngezinto. Njengoba iBhayibheli lithi uNkulunkulu akakhethi futhi noma ubani omesabayo uyamukeleka kuye, ngazibuza ukuthi ngingubani mina ukuba ngizonde abantu ngenxa nje yokuthi bangabesinye isizwe noma bakhuluma olunye ulimi? Ngalungisa indlela yami yokucabanga futhi ngawuxolela umndeni wakubo kababa. Ukusebenzisa imithetho yeBhayibheli kungenze ngajabula futhi ngaba nokuthula kwengqondo. Kungisize nokuba ngithande abanye kungakhathaliseki isizinda, uhlanga, ulimi noma ubuzwe babo. Qagela ukuthi ngashada nobani? Nendoda evela e-Edo futhi ekhuluma isi-Esan!

Kungani iBhayibheli liye lakwazi ukusiza laba kanye nabanye abaningi ukuba banqobe imizwa ejulile yenzondo nobandlululo? Yingoba iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Linamandla okushintsha indlela umuntu acabanga ngayo nazizwa ngayo ngabanye.  Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli libonisa ukuthi yini edingekayo ukuze kuphele lonke ubandlululo.

UMBUSO KANKULUNKULU UYOLUQEDA NYA UBANDLULULO

Nakuba ulwazi lweBhayibheli lungasiza ekulawuleni nasekusiphuleni imizwa ejulile, kunezinto ezimbili okumelwe zisuswe ngaphambi kokuba ubandlululo luqedwe ngokuphelele. Okokuqala, sinesono futhi asiphelele. IBhayibheli lisho ngokucacile: “Akekho umuntu ongoni.” (1 AmaKhosi 8:46) Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi sizama kangakanani, sibhekene nempi yangaphakathi njengomphostoli uPawulu, owabhala: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.” (Roma 7:21) Ngakho, ngezikhathi ezithile, izinhliziyo zethu ezingaphelele ziyosibuyisela ‘emicabangweni emibi’ engaholela obandlululweni.—Marku 7:21.

Okwesibili, kunethonya likaSathane uDeveli. IBhayibheli limchaza ngokuthi “umbulali wabantu” futhi lithi ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (Johane 8:44; IsAmbulo 12:9) Lokho kubonisa ukuthi kungani ubandlululo lugcwele kangaka futhi kungani abantu bengeke bakwazi ukuqeda ubandlululo, ukuqothulwa kohlanga nazo zonke izinhlobo zokucwasa ngokohlanga, ngenkolo noma ngesimo somuntu.

Ngakho, ngaphambi kokuba ubandlululo luqedwe ngokuphelele, kufanele kususwe isono, ukungapheleli nethonya likaSathane uDeveli kubantu. IBhayibheli libonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyokwenza lokho kanye.

UJesu Kristu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze kuNkulunkulu bathi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) UMbuso kaNkulunkulu uyokuqeda konke ukungabi nabulungisa—kuhlanganise nazo zonke izinhlobo zobandlululo nokungamukelani.

Lapho uMbuso kaNkulunkulu ufika futhi usubusa wonke umhlaba, uSathane ‘uyoboshwa,’ noma avalelwe ngqí ukuze “angabe esazidukisa izizwe.” (IsAmbulo 20:2, 3) Ngaleso sikhathi kuyoba “nomhlaba omusha” noma umphakathi ‘oyoba nokulunga.’ *2 Petru 3:13.

Labo abayophila kulowo mphakathi bayokwenziwa baphelele, bakhululwe esonweni. (Roma 8:21) Izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu, ‘ngeke zilimaze noma zibangele incithakalo.’ Kungani? “Ngoba umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova.” (Isaya 11:9) Ngaleso sikhathi, bonke abantu bayofunda ngezindlela zikaJehova uNkulunkulu futhi balingise izimfanelo zakhe zothando. Ngokuqinisekile, lokhu kuyosho ukuphela kwalo lonke ubandlululo, “ngoba akukho ukukhetha kuNkulunkulu.”—Roma 2:11.

^ isig. 17 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu nokuthi yini ozoyenza maduze, bheka isahluko 3, 8, nesahluko 9 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.