Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuba Ndawonye Njengomndeni

Ukuba Ndawonye Njengomndeni

“Bheka! Yeka ukuthi kuhle futhi kumnandi kanjani ngabazalwane ukuba bahlale ndawonye ngobunye!”—IHUBO 133:1.

Okwenza abanye bagubhe uKhisimusi.

Njengoba wonke ama-Israyeli ayewuzalo lwendoda eyodwa, uJakobe, noma u-Israyeli, ayengawandawonye. Lapho ebuthana ukuze agubhe imikhosi eJerusalema, kwakuba “kuhle” futhi kube “mnandi.” Njengawo, imindeni eminingi namuhla ilangazelela ukuba ndawonye futhi ijabulele ‘ubuhle nobumnandi’ ngesikhathi sikaKhisimusi.

Kungani lokhu kuyinselele?

I-Encyclopedia of Christmas and New Year’s Celebrations iyavuma: “Ukungezwani okukhona emndenini obekulokhu kucashile phakathi nawo wonke unyaka kuvame ukuvela lapho imindeni ihlangene ngesikhathi samaholidi.”

Lithini iBhayibheli?

‘Qhubeka ukhokha imbuyiselo oyikweleta abazali bakho nabazali babazali bakho.’ (1 Thimothewu 5:4) Ngezinga ongakwazi ngalo, hlela ukuba uvakashele umndeni wakho njalo. Uma izihlobo zakho zihlala kude, ungakwazi ukuxhumana nazo kaningi. Ungazibhalela incwadi, uzishayele ucingo, uzithumelele i-e-mail, noma uxoxe nazo kuyi-Internet. Ukuxhumana nazo njalo kunciphisa izingxabano.

“Niminyene othandweni lwenu. . . . Yanulekani.” (2 Korinte 6:12, 13) Izihlobo ozivakashela kanye kuphela ngonyaka zigcina zingasaziwa—ikakhulukazi ezinganeni. Ezinye izingane zinomuzwa wokuthi kuncane kakhulu okuzihlanganisa nogogo noma nomkhulu noma nezihlobo ezikude. Ngakho-ke, khuthaza izingane zakho ukuba ‘zanuleke’ othandweni lwazo ngokuzihlanganisa nezihlobo ezikhulile. * Izingane ezivame ukuchitha isikhathi nabantu abakhulile ziyabazwela futhi ziyabazisa abantu abadala kunazo.

“Ukusho amazwi afanele ngesikhathi esifanele kujabulisa kakhulu.” (IzAga 15:23, i-New Century Version) Ungazivimba kanjani izingxabano noma izinkinga ukuba zingaphazamisi ubuhlobo benu njengomndeni? Enye indlela iwukukhetha ‘isikhathi esifanele’ sokuxoxa ngezinkinga ezinkulu. Uma nivame ukuxoxa njalo, niyothola ukuthi kulula ukuxoxa namalungu omndeni ngasese ukuze nixazulule noma iyiphi inkinga futhi nijabulele izikhathi ‘ezinhle nezimnandi’ lapho nindawonye.

^ isig. 9 Bheka isihloko esithi “Kungani Kufanele Ngimazi Ugogo Nomkhulu?” nesithi “Ngingasondelana Kanjani Nogogo Nomkhulu?” ezitholakala kuyi-Phaphama! ka-April 22 neka-May 22, 2001, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.