Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda  |  December 2012

Báthola Okungcono KunoKhisimusi

Báthola Okungcono KunoKhisimusi

AMAKRISTU amaningi akhetha ukungawugubhi uKhisimusi. Azizwa kanjani ngesinqumo sawo? Ingabe azizwa sengathi aphuthelwa okuthile? Ingabe izingane zawo zinomuzwa wokuthi zincishwa okuthile? Cabanga ngalokho okushiwo oFakazi BakaJehova emhlabeni jikelele ngale ndaba.

U-Eve

Ukukhumbula uJesu Kristu: “Ngingakabi uFakazi KaJehova, kwakuqabukela ngiya esontweni. Ngangiya ngoKhisimusi kuphela noma ngama-Easter. Nokho, ngisho nangaleso sikhathi ngangingacabangi ngempela ngoJesu Kristu. Angisawugubhi uKhisimusi, kodwa ngiya emihlanganweni yobuKristu njalo kabili ngesonto futhi ngize ngifundise abanye lokho iBhayibheli elikushoyo ngoJesu!”—U-EVE, WASE-AUSTRALIA.

UReuben

Injabulo elethwa ukupha: “Angive ngijabula lapho abantu bengipha into ngingayilindele. Kumnandi kakhulu lokho! Ngiyathanda nokwenza amakhadi nokudweba izithombe bese ngikupha abanye abantu ngoba lokho kubenza bajabule, futhi nami kuyangijabulisa.”—UREUBEN, WASENYAKATHO IRELAND.

U-Emily

Ukusiza abahluphekayo: “Siyakujabulela ukwenzela abantu abagulayo ukudla. Ngezinye izikhathi sibaphathela izimbali, ikhekhe, noma isipho esincane ukuze bajabule. Siyakujabulela lokhu ngoba singabavakashela noma nini.”—U-EMILY, WASE-AUSTRALIA.[3]

UWendy

Ukuba ndawonye njengomndeni: “Lapho umndeni wakithi uhlangene, izingane zethu zithola ithuba lokwazi omalume bazo, obabekazi, ogogo nomkhulu, nomzala esimweni esikhululekile. Njengoba singaphoqelelwe ukuhlangana ngamaholidi athile, asinawo umuzwa wokucindezelwa, futhi umndeni wakithi uyazi ukuthi siwuvakashela ngoba siwuthanda.”—UWENDY, WASECAYMAN ISLANDS.

USandra

Ukuthula: “Ngesikhathi sikaKhisimusi, kubonakala sengathi kuningi kakhulu okumelwe kwenziwe kangangokuthi bambalwa abantu abacabanga ngokuthula. Njengoba manje sengikwazi lokho iBhayibheli elikuthembisa abantu, ngizizwa ngikhululekile. Manje sengiyazi ukuthi izingane zami zizoba nekusasa elijabulisayo.”—USANDRA, WASESPAIN.