Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda  |  November 2012

 Izihluthulelo Zenjabulo Yomkhaya

Ukubhekana Nezikweletu

Ukubhekana Nezikweletu

UGiannis: * “Ibhizinisi lami lawa ngesikhathi kunezinkinga zemali ezinkulu eGreece ngakho sasingasakwazi ukukhokhela indlu namakhadi okuthenga ngesikweletu. Ngangingakwazi ukulala ngenxa yokucindezeleka.”

UKaterina: “Sasiwuthanda umuzi esasiwakhile futhi ukucabanga ngokuthi ungase usilahlekele kwakungizwisa ubuhlungu obukhulu. Mina noGiannis sasihlale silwa ngendlela esizozikhokha ngayo izikweletu zethu.”

IZIKWELETU zingabangela ubunzima emndenini noma zize zichithe umshado. Ngokwesibonelo, umcwaningi uJeffrey Dew wathola ukuthi abashadikazi abanezikweletu bachitha isikhathi esincane ndawonye, balwa njalo futhi abajabule. Uma kuqhathaniswa nezinye izinto, izingxabano ngezikweletu nangezimali azisheshi ukuphela, zidala ukuthethisana nokulwa futhi zivame ukudlulela nakwezinye izinkinga. Akumangazi-ke ukuthi izingxabano zezimali ziyimbangela enkulu yesehlukaniso e-United States.

Ukungena shí ezikweletini kudala izinkinga zempilo ezinjengokuqwasha, ukuphathwa ikhanda, isisu nokucindezeleka. Inkosikazi okuthiwa uMarta ithi: “Izikweletu zazimcindezele kakhulu umyeni wami, uLuís, kangangokuthi wayehlale elele. Umuntu engangihlale ngithembele kuye wavele waphenduka ongelusizo lwalutho.” Abanye abakwazi ukubhekana nokucindezeleka. Ngokwesibonelo, izindaba ze-BBC zabika ukuthi inkosikazi ethile eningizimu-mpumalanga ye-India yazibulala ngenxa yesikweletu sika-R7 000 eyayinaso. Yayiboleke le mali ukuze ikhokhele izindleko zokwelashwa kwabantwana bayo.

Kufanele wenzenjani uma umndeni wakho ucindezelwe izikweletu? Ake sihlole ezinye zezinkinga  ezivamile abashadikazi ababa nazo lapho bebhekene nezikweletu, nemiyalo yeBhayibheli enganisiza nibhekane nazo.

INKINGA 1: Omunye ukhomba omunye.

ULukasz uyavuma, “Ngangisola umkami ngokusaphaza imali naye ekhononda ngokuthi sasiyoba nemali eyanele ukube ngangisebenza unyaka wonke.” Yini engenziwa abashadikazi ukuze bangahlukaniswa izikweletu?

Indlela yokuphumelela: Bambisanani ekulweni nezikweletu.

Ngeke kusize ukukhiphela ulaka koshade naye—ngisho noma wena ungabanga nesandla kulezo zikweletu. Manje, mhlawumbe kunanini ngaphambili, kusebenza iseluleko seBhayibheli esikweyabase-Efesu 4:31: “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza kanye nabo bonke ububi.”

Yilwani nesikweletu, hhayi nina nobabili. Umyeni okuthiwa uStephanos wachaza indlela yena nomkakhe ababambisana ngayo: “Sabheka izikweletu njengesitha sethu sobabili.” Lokho kubambisana kuvumelana nencwadi yezAga 13:10, ethi: “Ngokugabadela umuntu umane nje abangele ukulwa, kodwa kulabo ababonisanayo kukhona ukuhlakanipha.” Kunokugabadela ngokuthi uzame ukulungisa izinkinga uwedwa, khulumani ngobuqotho ngezinkinga zemali bese nizama ukubambisana.

Izingane zenu zinganilekelela kulokhu. U-Edgardo wase-Argentina, ongubaba, uchaza lokho okwenzeka emndenini wakhe: “Umfanyana wami wayefuna ibhayisikili elisha kodwa samchazela ukuthi ngeke sikwazi ukulithenga. Kunalokho, samnikeza ibhayisikili okwakungelikamkhulu wakhe futhi wakujabulela kakhulu ukuligibela. Ngakubona ukubaluleka kokubambisana njengomndeni.”

ZAMANI LOKHU: Hlelani isikhathi sokukhuluma ngokukhululekile nangomoya ozolile ngezikweletu zenu. Wavumeni amaphutha okungenzeka niwenzile. Nokho, kunokugxila kakhulu kosekwadlula, zamani ukuvumelana ngemithetho ezoniqondisa esikhathini esizayo uma nenza izinqumo ngemali.—IHubo 37:21; Luka 12:15.

INKINGA 2: Kubonakala kungenakwenzeka ukuphuma ezikweletini.

U-Enrique uyakhumbula: “Ibhizinisi lami langenza ngaba nesikweletu esikhulu futhi ukuwa komnotho wase-Argentina kwenza isimo sami saba nzima nakakhulu. Ngemva kwalokho umkami kwadingeka ayohlinzwa. Ngaba nomuzwa wokuthi angisoze ngakwazi ukukhokha izikweletu, kwaba sengathi ngicwile odakeni.” Indoda egama layo uRoberto, yaseBrazil, yalahlekelwa yiyo yonke imali eyayilondolozile ithi iqala ibhizinisi futhi yakweleta amabhange angu-12. Ithi: “Nganginamahloni ngisho okubheka abangane bami. Ngangizizwa ngiyisehluleki.”

Yini ongayenza uma uzizwa ugajwe indumalo, umuzwa wecala noma unamahloni ngezikweletu?

Indlela yokuphumelela: Yisebenziseni kahle imali yenu. *

 

1. Bukisisani indlela enisebenzisa ngayo imali. Gcinani amarekhodi amasonto amabili ayo yonke imali ephumayo nengenayo—noma enyanga uma lokho kuzosebenza kangcono. Ningakhohlwa ukubala izindleko ezifana nentela umshwalense nezingubo zokugqoka, okungenzeka anizikhokheli njalo, bese nibona ukuthi nisebenzisa malini ngenyanga kulezi zinto.

2. Yandisani imali engenayo. Ningase nisebenze amashifu engeziwe emsebenzini, nenze imisebenzi yangezikhathi ezithile, nisize abantwana ngomsebenzi wangemva kwesikole, niqoqe izinto ezindala nizidayisele inkampani ezenza kabusha (recycle) noma nenze izinto enizithandayo zibe ibhizinisi elincane lasekhaya. Isixwayiso: Niqaphe ukuba ningavumeli imisebenzi yenu iphazamise izinto ezibaluleke kakhulu, njengohlelo lwenu lokwenza izinto ezingokomoya.

Tholani izindlela eziwusizo zokubhekana nezikweletu njengomndeni

3. Nciphisani izindleko zenu. Thengani into kuphela uma niyidinga, hhayi ngoba isendalini. (IzAga 21:5) U-Enrique okukhulunywe ngaye ngenhla uthi: “Kuhle ukungasheshi uthenge ngoba kuyakusiza ukwazi ukunquma ukuthi uyidinga ngempela yini leyo nto noma umane nje uyayifuna.” Nanka amanye amacebiso.

  •   Indawo yokuhlala: Uma kungenzeka thuthelani endaweni yokuhlala enezindleko ezincane. Nciphisani imali yezinkonzo zikamasipala ngokonga ugesi namanzi.
  • Ukudla: Phathani umphako emsebenzini kunokuba njalo nidle ezitolo. Sebenzisani amakhuphoni okonga noma nithenge ngezikhathi zemititilizo. UJoelma waseBrazil uthi: “Ngiyonga ngokuthenga izithelo nemifino emgwaqweni ngaphambi nje kokuba abadayisi bahambe.”
  • Izinto zokuhamba: Thengisani imoto eningayisebenzisi njalo futhi nigcine ekhona isesimweni esihle kunokugijimela ukuyithengisa ukuze nithole eyesimanje. Sebenzisani izinto zokuhamba zomphakathi noma nihambe ngezinyawo uma kungenzeka.

Ngemva kokuba seninciphise izindleko zenu, niyobe senikulungele ukusebenzisa imali esele ngendlela engcono kakhulu.

4. Hlaziyani izikweletu zenu bese nithatha isinyathelo. Okokuqala, tholani ukuthi isikweletu ngasinye sinenzalo nentela engakanani futhi ukuphuza kwaso ukukhokhelwa noma ukungakhokhwa kwaso kuzonithinta kanjani, nihlole nokuthi iziphi osekufanele ngabe kudala nizikhokhele. Fundisisani okubhalwe esivumelwaneni sokubolekwa kwemali noma ephepheni lezindleko ngenxa yokuthi ababolekisi bangase babe nobuqili. Ngokwesibonelo, inkampani ethile ebolekisa ngemali, e-United States, yathi inzalo yayo ingamaphesenti angu-24 kanti empeleni ingaphezu kwamaphesenti angu-400.

Okulandelayo, nqumani indlela enizohlasela ngayo izikweletu zenu. Enye indlela, ukukhokhela kuqala isikweletu esinenzalo enkulu kunezinye. Enye ukukhokha uziqede zonke izikweletu ezincane kuqala ngoba ukusala nezindleko ezimbalwa inyanga ngayinye kuyonciphisa umthwalo. Uma ninesikweletu esinenzalo enkulu kakhulu, kunganizuzisa ukuboleka imali enenzalo encane ukuze niqede lesi senzalo enkulu.

Uma ningasakwazi ukukhokha ngendlela enivumelane ngayo nenibakweletayo, xoxani nabo ngezindlela ezintsha eningakhokha ngazo. Ningase nicele ukuba nandiselwe isikhathi sokukhokha noma nincishiselwe inzalo. Abanye ababolekisi bangaze ngisho bakunciphisele isikweletu sakho uma ungakwazi ukuyikhokha yonke leyo mali encishisiwe. Chazani izimo zenu zemali ngokwethembeka nangenhlonipho. (Kolose 4:6; Hebheru 13:18) Bhalani phansi konke enivumelane ngakho. Ngisho noma ngabe isicelo senu asiphumeleli ekuqaleni, zimiseleni ukuqhubeka nicela ukuba kushintshwe uma kudingeka.—IzAga 6:1-5.

Yiqiniso, kuzomelwe nibhekane namaqiniso endabeni yokulawula imali. Ngisho necebo elihle kunawo wonke lingase lingazixazululi izinkinga zemali ngenxa yezimo ezingalawuleki, ngoba imali ngokuvamile “izenzela amaphiko anjengawokhozi indizele emazulwini imuke.”—IzAga 23:4, 5.

ZAMANI LOKHU: Uma senilwenzile uhlelo lokusebenzisa imali, xoxani nawo wonke umndeni ngezindlela eningazinciphisa ngazo izindleko   noma eningandisa ngazo imali engenayo. Ukubona imizamo yabanye yokuzidela kungasiza ekubambisaneni nilwe nezikweletu.

INKINGA 3: Sihlale sicabanga ngezikweletu.

Ukulwa nezikweletu kungaminyanisa izici ezibaluleke kakhudlwana ekuphileni. Njengoba indoda okuthiwa uGeorgios ikubeka, “Inkinga enkulu ukuthi ukuphila kwethu konke kwakugxile ezikweletini. Izinto okwakufanele zize kuqala zaziphusheleka emuva.”

Indlela yokuphumelela: Gcinani imali isendaweni yayo.

Naphezu kwemizamo yenu emihle kakhulu, kungenzeka kuphele iminyaka nisakhokhela enibakweletayo. Okwamanje, ningazikhethela ukuthi nizozibheka kanjani izimo zenu. Kunokuba sihlale sicabanga ngemali noma ngokungabi nayo, siyobe sihlakaniphile uma silalela iseluleko seBhayibheli: “Uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.”—1 Thimothewu 6:8.

Ukwaneliseka kuletha injabulo engeke yalethwa izinto ezibonakalayo

Ukwaneliswa isimo senu sezimali kwenza nikwazi ‘ukuqiniseka ngezinto ezibaluleke kakhulu.’ (Filipi 1:10) Lezi “zinto ezibaluleke kakhulu” zihlanganisa ubuhlobo benu noNkulunkulu nomndeni wenu. UGeorgios, ocashunwe ngenhla uthi: “Nakuba singakaziqedi izikweletu zethu ukuphila kwethu akusagxilile kuzo. Sesijabula kakhudlwana emshadweni wethu kangangokuthi sinesikhathi esiningana nezingane zethu nesethu sobabili njengabashadikazi nesokwenza izinto ezingokomoya ndawonye.”

ZAMANI LOKHU: Balani izinto eziyigugu ngempela kini futhi ezingeke zathengwa ngemali. Ngemva kwalokho, nqumani ukuthi nizosengeza kanjani isikhathi namandla enizokuchitha ezintweni enizibalile.

Izikweletu zibangela ukucindezeleka futhi ukubhekana nazo kudinga ukuzidela; kodwa imiphumela iwufanele umzamo. Umyeni ogama lakhe u-Andrzej wasePoland uyavuma: “Lapho ngithola ukuthi umkami uvume ukubambisa ngemali yethu esikweletini somuntu ayesebenza naye okwathi ngemva kwalokho lo muntu wanyamalala engayikhokhanga, isimo emzini wethu sashuba ngempela.” Nokho, uma ebheka emuva endleleni yena nomkakhe abenza ngayo, uthi: “Empeleni saba munye nakakhulu—singahlanganiswa inkinga ngokwayo kodwa ukusebenza ndawonye ukuze siyixazulule.”

^ isig. 3 Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

^ isig. 17 Ukuze uthole amacebiso engeziwe, bheka isihloko esithi “Indlela Yokuphatha Imali” kuyi-Phaphama! ka-September 2011, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

ZIBUZE . . .

  • Ngingawusiza kanjani umndeni wami ukuba uphume ezikweletini?
  • Yini esingayenza ukuze izikweletu zingabusi noma zilimaze ubuhlobo bethu?