Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda  |  Agasti 2011

 Izihluthulelo Zenjabulo Yomkhaya

Ukuphatha Oshade Naye Ngenhlonipho

Ukuphatha Oshade Naye Ngenhlonipho

UBheka * uthi: “UFikile ukhala angaqedi uma ephatheke kabi. Uma sihlala phansi ukuze sixoxe uba nenhliziyo encane, kokunye avele angafuni nokungikhulumisa. Ayikho into elungayo. Sengicabanga nokushiya phansi.”

UFikile uthi: “UBheka wafika ekhaya wangithola ngikhala. Ngazama ukumchazela ukuthi yini eyayingiphethe kabi, kodwa wavele wangingena emlonyeni. Wangitshela ukuthi ngikhaliswa ubala, angivele ngikhohlwe yileyo nto. Lokho kwangizwisa ubuhlungu nakakhulu.”

INGABE ngezinye izikhathi uzizwa njengoBheka noFikile? Bobabili bayafuna ukukhulumisana, kodwa ngokuvamile bagcina bekhungathekile. Kubangelwa yini lokhu?

Abantu besilisa nabesifazane bazwakalisa indlela abazizwa ngayo futhi bakhulume ngezindlela ezingafani futhi banezidingo ezingafani. Owesifazane angase afise ukuthulula isifuba sakhe futhi lokhu akwenze njalo. Ngakolunye uhlangothi, amadoda amaningi azama ukugcina ukuthula ngokuxazulula izinkinga ngokushesha futhi agweme ukuxazulula ezinkulu. Ningakunqoba kanjani-ke lokhu kungafani futhi nikwazi ukuxoxa njengendoda nenkosikazi? Ngokuphathana ngenhlonipho.

Umuntu onenhlonipho uyabazisa abanye abantu futhi ufuna ukuqonda indlela abazizwa ngayo. Kungenzeka ukuthi kusukela useyingane wafundiswa ukuhlonipha abantu abanegunya noma abanolwazi oluthé xaxa kunawe. Kodwa umshado ukubekela inselele yokuhlonipha umuntu onolwazi oluthi alulingane nolwakho—umuntu oshade naye. ULinda, oseneminyaka engu-8 eshadile, uthi: “Ngangazi ukuthi uPhil wayemlalela ngesineke nangokuqonda omunye umuntu uma ekhuluma. Ngangifuna ukuthi enze okufanayo nakimi.” Cishe nawe ubalalela ngesineke futhi ubakhulumisa ngenhlonipho abangane ngisho nabantu ongabazi. Kodwa ingabe wenza okufanayo nakoshade naye?

Ukungahloniphani kudala ukungezwani ekhaya futhi kuholela ezimpikiswaneni ezishubile. Umbusi ohlakaniphile wathi: “Kungcono ukudla uqweqwe lwesinkwa lapho kunokuthula nokuzola kunokudla edilini lapho bonke abantu bephikisana.” (IzAga 17:1, Contemporary  English Version) IBhayibheli litshela indoda ukuba iphathe umkayo ngenhlonipho. (1 Petru 3:7) Ngokufanayo, “umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.”—Efesu 5:33.

Ningakhulumisana kanjani ngenhlonipho? Nazi ezinye izeluleko ezisebenzayo ezitholakala eBhayibhelini.

Uma Oshade Naye Efuna Ukukhuluma

Inselele:

Abantu abaningi bathanda ukukhuluma ukwedlula ukulalela. Ingabe nawe unjalo? IBhayibheli limbiza ngesiwula umuntu ‘ophendula indaba ngaphambi kokuba ayizwe.’ (IzAga 18:13) Ngakho-ke, ngaphambi kokuba ukhulume, lalela. Ngani? UKara, oseneminyaka engu-26 eshadile, uthi: “Ngiyajabula uma umyeni wami engazami ukungixazululela izinkinga zami zibekwa nje. Empeleni asikho nesidingo sokuba aze avumelane nendaba noma afune ukuthola ukuthi inkinga iqale kanjani. Engikudingayo nje ukuba angilalele futhi aqonde indlela engizizwa ngayo.”

Ngakolunye uhlangothi, akulula ngabesilisa nangabesifazane abathile ukuveza imizwa yabo futhi bayakhungatheka lapho abashade nabo bebaphoqelela ukuba basho indlela abazizwa ngayo. Ngesikhathi esanda kushada, uLorrie wathola ukuthi umyeni wakhe uyephuza ukuveza imizwa yakhe. Uthi: “Kudingeka ngibe nesineke, ngimlinde kuze kube yilapho esefuna ukukhuluma.”

Ikhambi:

Uma wena nowakwakho kudingeka nikhulume ngento engase inixabanise, yethula lolo daba lapho nobabili nizolile futhi ningaxinekile. Kumelwe wenzenjani uma owakwakho enqikaza ukukhuluma? Khumbula ukuthi “imicabango yomuntu injengamanzi emthonjeni ojulile, kodwa umuntu onokuqonda angayikhipha.” (IzAga 20:5, Today’s English Version) Uma udonsa ibhakede ngamawala emthonjeni ojulile, ungachitha amanzi amaningi. Ngokufanayo, uma ukhuluma noshade naye ngamazwi aqatha, naye angase azame ukuzivikela futhi ungase ulahlekelwe ithuba lokuzwa okusenhliziyweni yakhe. Kunalokho, mbuze ngomusa nangenhlonipho, futhi ubekezele uma engayivezi imizwa yakhe ngokushesha ngendlela obungathanda ngayo.

Uma oshade naye ekhuluma, ‘shesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma, wephuze ukuthukuthela.’ (Jakobe 1:19) Isilaleli esihle asigcini nje ngokulalela okushiwoyo kodwa sizama nokuqonda ukuthi kungani kushiwo. Lapho oshade naye ekhuluma, zama ukuqonda imizwa yakhe. Owakwakho uyobona ukuthi uyamhlonipha—noma ukuthi awumhloniphi—ngendlela olalela ngayo.

UJesu wasifundisa indlela yokulalela. Ngokwesibonelo, lapho indoda egulayo iza kuye icela usizo, uJesu akazange avele axazulule inkinga yayo. Waqale walalela isicelo sayo. Wabe esevumela ukuba lokho akuzwile kumshukumise ngokujulile. Ekugcineni, wayelapha. (Marku 1:40-42) Lapho oshade naye ekhuluma, yenza okufanayo. Khumbula ukuthi cishe ufuna uzwela olusuka enhliziyweni hhayi ikhambi elisheshayo. Ngakho, lalelisisa. Zama ukungena ezicathulweni zakhe. Ngemva kwalokho, sabela ezidingweni zakhe. Uma wenza kanjalo, uyobe ubonisa ukuthi uyamhlonipha.

ZAMA LOKHU: Esikhathini esizayo uma oshade naye eqala ukukhuluma nawe, gwema ukusheshe uphendule. Mlinde aze aqede ukukhuluma futhi ukuqonde kahle akushoyo. Kamuva, yana kuye umbuze, “Ingabe unomuzwa wokuthi bengikulalele ngempela?”

Lapho Ufuna Ukusho Okuthile

Inselele:

ULinda ocashunwe ngaphambili uthi: “Imidlalo yamahlaya ye-TV yenza kubonakale sengathi kuyinto evamile neyamukelekayo ukukhuluma kabi ngomuntu oshade naye, ukumedelela noma ukumbhuqa.” Abanye bakhula emakhaya angenanhlonipho. Kamuva, lapho beshada, bakuthola kunzima ukugwema lo mkhuba emizini yabo. U-Ivy, ohlala eCanada, uyalandisa: “Ekhaya ukubhuqa, ukuthetha nokubizana ngamagama endelelo kwakuyinto yansuku zonke.”

Ikhambi:

Lapho ukhuluma nabanye ngoshade naye, yisho ‘noma yini eyakhayo kuye  ngokwesidingo, ukuze idlulisele okuhle kwabezwayo.’ (Efesu 4:29) Khuluma ngaye ngendlela ezokwenza abanye bamhloniphe.

Ngisho noma ninodwa, gwema umkhuba wokubhuqa nokumbiza ngamagama endelelo. Kwa-Israyeli wasendulo, uMikhali wathukuthelela umyeni wakhe, iNkosi uDavide. Wakhuluma sakubhuqa, wathi wenzisa ‘okomuntu ongenangqondo.’ Amazwi akhe amcasula uDavide, kodwa futhi enyelisa noNkulunkulu. (2 Samuweli 6:20-23) Sithola siphi isifundo kulokhu? Lapho ukhuluma noshade naye, khetha amagama akho ngokucophelela. (Kolose 4:6) UPhil, oseneminyaka engu-8 eshadile, uyavuma ukuthi yena nomkakhe basaxabana. Uye waqaphela ukuthi ngezinye izikhathi akushoyo kwenza isimo sibe sibi nakakhulu. Uthi: “Ngiye ngaqaphela ukuthi ngizigwaza ngowami uma ngifuna ukuba kugcine elami. Ngithole ukuthi kwanelisa kakhudlwana futhi kuyazuzisa ukwakha ubuhlobo bethu.”

Umfelokazi osekhulile wasendulo wakhuthaza omalokazana bakhe ukuba ‘bathole indawo yokuphumula yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe.’ (Ruthe 1:9) Lapho indoda nomfazi behloniphana, basuke benza umuzi wabo ube “indawo yokuphumula.”

ZAMANI LOKHU: Bekelani eceleni isikhathi sokuxoxa ngamacebiso akulesi sihlokwana. Buza oshade naye: “Uma ngikhuluma ngawe kubantu, ingabe uba nomuzwa wokuthi ngiyakuhlonipha noma ngikwehlisa isithunzi? Yini okufanele ngiyenze ukuze ngithuthukise?” Mlalelisise njengoba ekutshela indlela azizwa ngayo. Zama ukusebenzisa ukusikisela akushoyo.

Kwamukele Ukuthi Anifani

Inselele:

Abanye abantu abasanda kushada baye benza iphutha lokuphetha ngokuthi uma iBhayibheli lithi bayoba “nyamanye” kusho ukuthi kumelwe babe nemibono efanayo noma ubuntu obufanayo. (Mathewu 19:5) Nokho, zibekwa nje kuyabakhanyela ukuthi akunjalo. Banele bangashada, ukungaboni ngaso linye kuholele ezingxabanweni. ULinda uthi: “Enye into esingafani ngayo noPhil ukuthi yena uthathela izinto phansi. Ngezinye izikhathi uyakwazi ukubeka umoya phansi lapho mina ngikhathazekile, ngakho ngivele ngithukuthele ngoba kubonakala sengathi akanandaba kuyilapho mina ngikhungathekile.”

Ikhambi:

Kwamukele ukuthi anifani, futhi kuhloniphe lokho kungefani. Ngokwesibonelo: Amehlo akho awenzi umsebenzi owenziwa izindlebe; kodwa ukuze uwele umgwaqo ngokuphephile kokubili kuyabambisana. U-Adrienne, oneminyaka engaba ngu-30 eshadile, uthi: “Uma nje imibono yethu ingangqubuzani neZwi likaNkulunkulu, mina nomyeni wami asinankinga nokungafani kwemibono yethu. Ngale nje kwalokho, sishadile, asiwona amawele, nawo angaboni ngaso linye ngaso sonke isikhathi.”

Uma oshade naye enombono ohlukile noma enza ngendlela ehlukile, cabangela imizwa yakhe. (Filipi 2:4) Umyeni ka-Adrienne, uKyle, uyavuma: “Ngezinye izikhathi angiyiqondi noma angivumelani nemibono yomkami ezintweni ezithile. Kodwa ngiye ngizikhumbuze ukuthi ngithanda yena ukwedlula indlela engithanda ngayo umbono wami. Uma ejabule, nami ngiyajabula.”

ZAMA LOKHU: Yenza uhlu lwamaphuzu abonisa ukuthi kungani imibono noma indlela owakwakho asingatha ngayo izinto ingcono kuneyakho.—Filipi 2:3.

Inhlonipho ingenye yezihluthulelo zomshado ojabulayo nohlala njalo. ULinda uthi: “Inhlonipho iletha ukwaneliseka nokulondeka emshadweni. Kuyazuzisa ngempela ukuyihlakulela.”

^ isig. 3 Amagama ashintshiwe.

ZIBUZE . . .

  • Izimfanelo zengishade naye ezihlukile kwezami ziwuzuzise kanjani umkhaya wethu?

  • Kungani kukuhle ukwamukela imibono kawakwami engafani neyami uma ingephuli izimiso zeBhayibheli?