UGeorge uthi: * “Njalo kusihlwa uMichael, indodana yami, wayephindaphinda iphutha elifanayo; wayeshiya amathoyizi akhe esakazeke indlu yonke. Ngazama ukumfundisa ukuba awaqoqe ngaphambi kokulala, kodwa wayevele athukuthele futhi aklabalase. Ngezinye izikhathi ngangicasuka ngize ngimthethise, kodwa lokho kwakuvele kusixabanise nakakhulu. Ngangifuna ukuba isikhathi sokulala kube yisikhathi esimnandi. Ngakho, ngayeka ukumcela ukuba awaqoqe, ngakhetha ukuvele ngiwaqoqe mina.”

U-Emily uthi: “Inkinga yaqala ngesikhathi uJenny, indodakazi yami eneminyaka engu-13 ubudala, engakuqondi lokho uthisha ayefuna akwenze emsebenzini wakhe wesikole. UJenny wakhala ihora lonke ngesikhathi ebuya esikoleni. Ngamkhuthaza ukuba acele usizo kuthisha wakhe, kodwa wathi uthisha wakhe akanamusa futhi uyesaba ukukhuluma naye. Kwakuthi angiye esikoleni ngifike ngimtshele ezikabhoqo lowo thisha. Nganginomuzwa wokuthi akekho onelungelo lokuphatha kabi umntanami!”

INGABE nawe wake wazizwa njengoGeorge no-Emily? Kunabazali abaningi abazizwa ngendlela efanayo, abakuthola kunzima ukubona ingane yabo ishukashukwa inkinga ethile noma ingajabule. Kuyinto engokwemvelo ngabazali ukuzama ukuvikela izingane zabo. Nokho, lezi zimo ezichazwe ngenhla zazinikeza laba bazali ithuba lokuba bafundise izingane zabo isifundo esibalulekile sokuvuthwa. Kuyiqiniso ukuthi isifundo esingafundwa yingane eneminyaka emine asifani nesingafundwa eneminyaka engu-13.

Nokho, iqiniso liwukuthi ngeke uyivikele ingane yakho kuzo zonke izinkinga zokuphila. Ekugcineni, ingane ishiya uyise nonina ‘izithwalele owayo umthwalo.’ (Galathiya 6:5; Genesise 2:24) Ukuze izingane zikwazi ukuzimela, abazali kumelwe bagxile emgomweni wokuzifundisa ukuba zingazicabangeli zona kuphela, kunalokho zikhathalele abanye futhi zibe abantu abadala abavuthiwe. Lo msebenzi awulula!

 Okujabulisayo ukuthi abazali bangabheka kuJesu njengesibonelo esihle abangasilingisa, futhi bafunde indlela asebenzelana ngayo nabafundi bakhe. UJesu akazange abe umzali. Kodwa injongo yakhe yokukhetha nokuqeqesha abafundi bakhe yayiwukubahlomisa ukuba bakwazi ukuqhubeka nomsebenzi nangemva kokuba yena esebuyele ezulwini. (Mathewu 28:19, 20) Lokho uJesu akufinyelela kuyefana nalokho umzali ngamunye angathanda ukukufinyelela ekukhuliseni izingane ukuba zibe abantu abadala abavuthiwe. Cabangela izibonelo ezintathu uJesu azibekela abazali.

‘Yibekele Isibonelo’ Ingane Yakho

Lapho esezokufa, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Nginibekela isibonelo, sokuthi njengoba nje ngenzile kini, nani nenze kanjalo.” (Johane 13:15) Ngendlela efanayo, abazali kudingeka bachazele izingane zabo futhi bazibekele isibonelo sokuthi kusho ukuthini ukuba umuntu ovuthiwe.

Zibuze: ‘Lapho ngikhuluma ngemithwalo yami yemfanelo, ingabe ngikhuluma ngendlela eyakhayo? Ngiyakhuluma yini ngokwaneliseka engikuthola ngokusebenza kanzima ngisiza abanye? Noma ingabe ngihlale ngikhononda futhi ngiziqhathanise nalabo ababonakala bephila kamnandi?’

Yiqiniso, akekho umuntu ophelele. Sonke siye sizizwe sicindezelekile ngezinye izikhathi. Kodwa isibonelo sakho siyindlela enamandla kunazo zonke yokusiza izingane zakho ukuba zibone ukubaluleka kokwenza izinto ngendlela ebonisa ukuvuthwa.

ZAMA LOKHU: Uma kungenzeka, ngezinye izikhathi hamba nengane yakho emsebenzini futhi uyibonise ukuthi yini oyenzayo ukuze wondle umndeni. Hamba nengane yakho lapho uyosiza othile odinga usizo. Ngemva kwalokho, yitshele ukuthi kukujabulise kanjani ukusiza lowo muntu.—IzEnzo 20:35.

Ungalindeli Okungaphezulu Kakhulu

UJesu wayeqaphela ukuthi kwakuzothatha isikhathi ngaphambi kokuba abafundi bakhe bakulungele ukuthwala imithwalo ayelindele ukuba bayithwale. Wake wathi kubo: “Nginezinto eziningi okusamelwe nginitshele zona, kodwa anikwazi ukuzithwala njengamanje.” (Johane 16:12) UJesu akazange asheshe athi abafundi bakhe mabazenzele izinto bebodwa, ngaphandle kosizo lwakhe. Kunalokho, wachitha isikhathi nabo wabafundisa izinto eziningi. Walinda kwaze kwaba yilapho esebona ukuthi sebekulungele ukusebenza bebodwa.

Ngendlela efanayo, kuwukungacabangeli ngabazali ukufuna ukuba izingane zabo zithwale imithwalo yabantu abadala zingakayilungeli. Nokho, njengoba izingane zikhula, abazali kufanele banqume ukuthi yiziphi izabelo nemisebenzi ezingayenza. Ngokwesibonelo, kufanele bafundise izingane zabo ukuba zifunde ukuzigcina zihlanzekile, ukuhlanza amakamelo azo, ukugcina isikhathi nokusebenzisa kahle imali. Lapho ingane isingene isikole, abazali kufanele balindele ukuba ibheke umsebenzi wayo wesikole njengobalulekile nokumelwe iwukhathalele.

Abazali kufanele bangagcini nje ngokunikeza ingane umsebenzi othile. Kumelwe basekele nemizamo yayo ukuze iphumelele. UGeorge, ubaba okukhulunywe ngaye ekuqaleni, waqaphela ukuthi esinye isizathu esasenza uMichael acasuke lapho ecelwa ukuba aqoqe amathoyizi akhe ukuthi kuyena lowo msebenzi wawubonakala umkhulu kakhulu. UGeorge uthi: “Esikhundleni sokumthethisa ngithi makaqoqe amathoyizi akhe, ngazama ukumfundisa indlela okufanele awaqoqe ngayo.”

Yiziphi izinyathelo eziqondile azithatha? UGeorge uthi: “Okokuqala, ngabeka isikhathi sokuqoqa amathoyizi ubusuku ngabunye. Ngemva kwalokho, ngamsiza ekuwaqoqeni, futhi sasiqala ngalawo asohlangothi oluthile lwekamelo. Ngakwenza kwaba umdlalo omnandi, ngaze ngathi asincintisane ngokuthi ubani ozoqeda kuqala. Ngokushesha kwajwayeleka, kwaba yinto esiyenza njalo ngaphambi kokulala. Ngamthembisa ukuthi uma esheshe waqeda ngizomfundela izindaba ezimbili encwadini engimfundela yona ngaphambi kokuba alale. Ngamtshela ukuthi uma ehluleka ngizomfundela eyodwa.”

 ZAMA LOKHU: Hlolisisa ukuthi yini ingane ngayinye engayenza ngokwamandla ayo ukuze yonke imisebenzi yasekhaya yenziwe kahle. Zibuze, ‘Zikhona yini izinto namanje engisazenzela izingane zami kodwa esezingakwazi ukuzenzela zona?’ Uma zikhona, sebenza nazo kuze kube yilapho usuqiniseka ukuthi sezingakwazi ukuzibambela zona mathupha. Kwenze kucace ukuthi kuyoba nemiphumela, emihle noma emibi, kuxhomeke ekutheni ziyenze kanjani imisebenzi eziyabelwe. Uma zingenzanga kahle, maziyizwe leyo miphumela emibi, kodwa uma zenze kahle zinikeze imivuzo yazo.

Zinikeze Iziyalezo Ezicacile

Njenganoma yimuphi umfundisi omuhle, uJesu wayazi ukuthi indlela engcono kakhulu yokufundisa umuntu ukuba akwazi ukwenza okuthile iwukumcela ukuba ayenze ngokoqobo. Ngokwesibonelo, lapho esebona ukuthi abafundi bakhe base bevuthiwe, wabathuma ‘ngababili kuyo yonke imizi nezindawo yena ngokwakhe ayezofika kuzo.’ (Luka 10:1) Nokho, akazange abahambise bengazi lutho. Ngaphambi kokuba bahambe wabanika iziyalezo ezicacile. (Luka 10:2-12) Lapho bebuya futhi bembikela ukuthi babehambe kahle, wabancoma, wabakhuthaza. (Luka 10:17-24) Wabonisa ukuthi wayewethemba amakhono abo futhi eyijabulela indlela ababenze ngayo.

Uye wenzenjani lapho kunezinto ezinzima okufanele zenziwe izingane zakho? Ingabe uye ufune izindlela zokuzivikela ezintweni ezizesabayo, uziphephise ekudumazekeni nasekuhlulekeni? Into yokuqala ongase ufune ukuyenza “ukuzikhipha” kuleso simo noma ukufuna ukuzenzela izinto okufanele zenziwe yizo.

Kodwa cabanga ngalokhu: Uzifundisani izingane zakho uma ngaso sonke isikhathi ugijimela ukuzenzela izinto okufanele zenziwe yizo? Ingabe ubonisa ukuthi uyazethemba futhi uyakholelwa emakhonweni azo? Noma ingabe uzibonisa ukuthi azikwazi ukuzicabangela futhi zifana nezinsana okufanele zithembele kuwe kukho konke?

Ngokwesibonelo, u-Emily, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wayisingatha kanjani inkinga yendodakazi yakhe? Kunokuba angenele, wanquma ukuba kube uJenny olungisa indaba nothisha. U-Emily noJenny babhala uhlu lwemibuzo uJenny ayezoya nalo esikoleni. Babe sebexoxa ngesikhathi esihle sokuya kuthisha. Baze baprakthiza nendlela ingxoxo eyayingase ihambe ngayo. U-Emily uthi: “UJenny waba nesibindi sokuya kuthisha, futhi uthisha wakhe wamncoma ngokuza kuye. UJenny waziqhenya ngalokho ayekwenzile—nami ngaziqhenya kakhulu ngaye.”

ZAMA LOKHU: Bhala phansi inkinga ingane yakho ebhekene nayo manje. Eceleni kwaleyo nkinga, bhala ukuthi ungayisiza kanjani ukuba ibhekane nayo ngaphandle kokungenela. Prakthiza nengane yakho izinyathelo okudingeka izithathe ukuze ixazulule leyo nkinga. Yitshele ukuthi uyayethemba.

Uma njalo uzama ukuxazulula izinkinga zezingane zakho ngoba uthi uyazivikela, kungenzeka ukuthi empeleni uthiya ikhono lazo lokuxazulula izinkinga zokuphila. Kunokwenza lelo phutha, zihlomise ukuba zifunde ukuzithwalela imithwalo yazo. Ngokwenza kanjalo, uyobe uzipha esinye sezipho eziyigugu kakhulu ekuphileni.

^ isig. 3 Amagama ashintshiwe.

ZIBUZE . . .

  • Ingabe angilindeli okungaphezu kwamandla ezingane zami?

  • Ingabe ngiyazitshela futhi ngizibonise ukuthi kufanele zenzeni ukuze ziphumelele?

  • Ngagcina nini ukukhuthaza noma ukuncoma ingane yami?