Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 Izihluthulelo Zenjabulo Yomkhaya

Ukuphatha Imali

Ukuphatha Imali

Umyeni uthi: “Ngicabanga ukuthi umkami uZanele, * usebenzisa imali ezintweni ezingadingeki—ezintweni engingacabangi ukuthi siyazidinga. Ubonakala engakwazi nhlobo ukubeka imali! Lokhu kuba yinkinga enkulu uma kuba nezindleko ezivela singalindele. Uma nje enemali, uyayisebenzisa.”

Inkosikazi ithi: “Mhlawumbe angimuhle kangako ekubekeni imali, kodwa umyeni wami akazi ukuthi izinto zibiza kangakanani—ukudla, impahla yasendlini nezindleko zekhaya—futhi yimina engihlala ngisekhaya. Yimina engaziyo ukuthi sidingani futhi ngiyakuthenga ngisho noma ngazi ukuthi kuzosixabanisa.”

IMALI ingaba enye yezinto ezinzima kakhulu ngabantu abashadile ukuxoxa ngayo ngomoya ophansi. Akumangazi ukuthi iyona evame ukuba imbangela eyinhloko yezingxabano emshadweni.

Abantu abashadile abangenawo umbono ofanele ngemali bangase bacindezeleke, baxabane, balimale ngokomzwelo, ngisho nangokomoya. (1 Thimothewu 6:9, 10) Abazali abahlulekayo ukulungisa izinkinga zemali bangase baphoqeleke ukuba basebenze amahora engeziwe, bezincisha bona kanye nezingane zabo ukusekelana ngokomzwelo nangokomoya. Bafundisa nezingane zabo ukuba zingabi nombono ofanele ngemali.

IBhayibheli liyavuma: ‘Imali iyisivikelo.’ (UmShumayeli 7:12) Kodwa iyovikela umshado wakho nomndeni wakho kuphela uma ungagcini nje ngokufunda indlela yokuyilawula, kodwa nendlela yokukhuluma nowakwakho ngayo. * Empeleni, izingxoxo eziphathelene nemali zingaqinisa izibopho zomshado phakathi kwabantu ababili, kunokuba zibange izingxabano.

Kodwa-ke yini eyenza imali ibange izinkinga eziningi kangaka emshadweni? Yiziphi izinyathelo ezingokoqobo eningazilandela ukuze izingxoxo eziphathelene nemali zakhe kunokuba zibange izingxabano?

Ziyini Izinselele?

Ngokuvamile, ukungaboni ngaso linye akubangelwa ngempela imali noma izikweletu, kunalokho kubangelwa ukungethembani noma ukwesaba. Ngokwesibonelo, indoda efuna njalo umkayo achaze ukuthi wenzeni ngemali kungenzeka ukuthi empeleni ayimethembi ezindabeni zokuphatha imali yasekhaya. Inkosikazi ekhononda ngokuthi umyeni wayo akayibeki imali eyanele, kungenzeka ukuthi empeleni yesaba ukuthi kungase kuvele okuthile okungaphundla umndeni ngokwezimali.

Abantu abashadile babhekene nenye inselele—indlela abakhuliswa ngayo. UMatthew, oseshade iminyaka engu-8, uthi: “Umkami wakhuliswa abazali ababeyiphatha kahle imali. Akanalo uvalo mina enginalo. Owami ubaba wayeyisidakwa, eyixhwele, futhi kwakuke kuphele isikhathi eside engasebenzi. Sasivame ukungazitholi izinto esizidingayo, ngakho ngaqala ukusesaba ngempela   isikweletu. Ngezinye izikhathi, lokhu kwesaba kwenza ngingamcabangeli umkami ezindabeni zemali futhi ngeqise.” Kungakhathaliseki ukuthi yini eyimbangela yezingxabano, yini eningayenza ukuze imali ibe usizo emshadweni wenu esikhundleni sokuba imbangela yezingxabano?

Yini ebaluleke kakhulu kuwe—imali noma umshado wakho?

Izindlela Ezine Zokuphumelela

IBhayibheli aliyona incwadi eluleka ngezimali, kodwa linezeluleko ezihlakaniphile ezingasiza abashadile ukuba bagweme izinkinga zemali. Cabangelani iseluleko salo bese nizama ukusebenzisa ukusikisela okungezansi:

1. Fundani ukukhuluma ngemali ngomoya ophansi.

“Kulabo ababonisanayo kukhona ukuhlakanipha.” (IzAga 13:10) Ungase ube namahloni okukhuluma ngemali, ikakhulu nomuntu oshade naye, mhlawumbe ngenxa yendlela owakhuliswa ngayo. Ngisho kunjalo, kuwukuhlakanipha ukufunda indlela yokuxoxa ngalolu daba olubalulekile. Ngokwesibonelo, kungasiza ukuchazela owakwakho ukuthi indlela abazali bakho ababebheka ngayo imali yakuthonya kanjani. Zama ukuqonda nokuthi indlela owakwakho akhuliswa ngayo yayithonya kanjani indlela abheka ngayo imali.

Asikho isidingo sokulinda kuze kuvele inkinga, kube yima nikhuluma ngemali. Omunye umbhali weBhayibheli wabuza: “Ababili bayahambisana yini ngaphandle kokuba behlangene ngesivumelwano?” (Amose 3:3) Lesi simiso sisebenza kanjani? Uma nibeka isikhathi esiqondile sokukhuluma ngezindaba eziphathelene nemali futhi nivumelane ngaso, ninciphisa amathuba ezingxabano ezibangelwa ukungaqondani.

ZAMANI LOKHU: Khethani isikhathi sokuxoxa ngemali yasekhaya. Ningaba nale ngxoxo ngosuku lokuqala njalo enyangeni, noma ngosuku oluthile oluqondile kanye ngesonto. Le ngxoxo akufanele idonse isikhathi eside; mhlawumbe ingaba imizuzu engu-15 noma ngaphansi. Khethani isikhathi enisuke niphumule kahle ngaso. Vumelanani ngokuthi ngeke nikhulume ngemali ngezinye izikhathi, njengalapho nidla noma nizihlalele kamnandi nezingane zenu.

2. Vumelanani ngendlela enizobheka ngayo iholo.

“Ekubonisaneni udumo nihole.” (Roma 12:10) Uma kunguwe kuphela osebenzayo, ungabonisa oshade naye inhlonipho ngokubheka lelo holo lakho njengemali yenu, hhayi eyakho wedwa.—1 Thimothewu 5:8.

Uma nobabili nisebenza, ningabonisana inhlonipho ngokutshelana ukuthi nihola malini nokuthi yiziphi izinto ezinkulu enizithengile. Uma nifihlelana lezi zinto, ukwethembana kuyophela futhi niyolimaza umshado wenu. Lokhu akusho ukuthi kufanele uchaze ngisho nemali encane ukuthi uyisebenzise kanjani. Kodwa uma uxoxa nowakwakho ngezinto ezinkulu ofisa ukuzithenga, lokho kubonisa ukuthi uyawazisa umbono wakhe.

ZAMANI LOKHU: Vumelanani ngemali ngamunye wenu angayisebenzisa ngaphandle kokwazisa omunye, kungakhathaliseki ukuthi ikhulu lamarandi noma inkulungwane yamarandi. Mazise njalo oshade naye uma ufuna ukusebenzisa imali engaphezu kwaleyo enivumelene ngayo.

3. Zibhaleni phansi izinhlelo zenu.

“Uma uhlela bese usebenza ngokuzikhandla, uyoba nenala.” (IzAga 21:5, Contemporary English Version) Enye indlela yokuhlelela ikusasa, iwukwenza uhlelo lokusetshenziswa kwemali yasekhaya, ngaleyo ndlela nigweme ukudlala ngezithukuthuku zenu. UThuli, oseshade iminyaka emihlanu, uthi: “Ukubona iholo lakho libhalwe phansi kanye nezindleko zakho kukuvezela amaqiniso njengoba enjalo, futhi kunzima ukuwaphikisa.”

Ningalwenzi lube yinkimbinkimbi uhlelo lwenu lwemali. USihle, oseshade iminyaka engu-26, nonamadodana amabili, uthi: “Ekuqaleni, sasisebenzisa indlela yokubeka imali ezimvilophini. Sasiba nezimvilophu ezinemali ezosetshenziswa kulelo sonto. Ngokwesibonelo, sasiba nemvilophu enemali yokudla, yokuzijabulisa, ngisho neyokugunda ikhanda. Uma enye imvilophu ingasenayo imali, sasiboleka kwenye, kodwa siqiniseke ukuthi siyayibuyisela leyo mali ngokushesha ngangokunokwenzeka.” Uma ningavamile ukuziyela ngokoqobo ezitolo niyokhokha izikweletu zenu ngokuqondile, mhlawumbe nisebenzisa i-electronic banking noma ikhadi lesikweletu,  kubaluleke kakhulu ukuba nibe nohlelo futhi nizibhale phansi izindleko zenu.

ZAMANI LOKHU: Zibhaleni phansi zonke izikweletu zenu eziyinani elifanayo nyanga zonke. Vumelanani ngokuthi nizolondoloza malini eholweni lenu. Ngemva kwalokho bhalani phansi izindleko ezingahlali ziyinani elifanayo, njengokudla, ugesi nocingo. Yibhaleni phansi imali eniyisebenzise ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. Uma kudingeka, shintshani indlela yenu yokuphila ukuze ningacwili ezikweletini.

4. Vumelanani ngezindima enizozifeza.

“Ababili bangcono kunoyedwa, ngoba bafeza okuningi ngokusebenza ndawonye.” (UmShumayeli 4:9, 10, New Century Version) Kweminye imindeni, yindoda ephatha izimali. Kweminye, yinkosikazi enekhono lokwenza lo msebenzi. (IzAga 31:10-28) Kodwa abantu abaningi abashadile banquma ukubambisana. UMandla, oseshade iminyaka engu-21, uthi: “Umkami unakekela izikweletu nezindleko ezincane. Mina ngikhokhela indlu, intela nezikweletu esazibophezela kuzo. Sixoxa njalo ngalokhu futhi sisebenza ngokubambisana.” Kungakhathaliseki ukuthi nisebenzisa yiphi indlela, isihluthulelo sisekusebenzeni ndawonye.

ZAMANI LOKHU: Ngemva kokucabangela ukuthi ngamunye wenu unekhono kuphi futhi ubuthaka kuphi, xoxani ngokuthi ngamunye wenu uzothwala muphi umthwalo. Bukezani isimiso senu ngemva kwezinyanga ezimbalwa. Zimiseleni ukulungisa lapho kudingeka khona. Ukuze uqonde futhi wazise umsebenzi owenziwa owakwakho, kungase kube kuhle ngezinye izikhathi ukuba nishintshane ngezindima enizifezayo, kube nguwena okhokhela izikweletu noma othenga izinto ezidingeka endlini.

Izimfanelo Okufanele Zivele Ezingxoxweni Zenu Zemali

Asikho isidingo sokuba izingxoxo zenu zemali zilimaze umshado wenu. ULindiwe, oseshade iminyaka emihlanu, wakubona ukubaluleka kwalokhu. Uthi: “Mina nomyeni wami siye safunda ukuvulelana izifuba futhi sixoxe ngokukhululekile ngemali. Lokhu kuye kwenza sasebenza ngokubambisana, futhi uthando lwethu luye lwakhula.”

Lapho abantu abashadile bexoxa ngendlela abafuna ukusebenzisa ngayo imali, bahlanganyela izinto abafisa ukuzenza, amaphupho abo futhi babonisa ukuthi bazibophezele emshadweni wabo. Lapho bexoxa ngaphambi kokuthenga izinto ezinkulu, babonisa ukuthi bahlonipha imibono nemizwa yomunye nomunye. Lapho benikana inkululeko yokuba kube nemali ethile omunye nomunye angayisebenzisa ngaphandle kokucela komunye, babonisana ukuthi bayethembana. Ilele lapho-ke imfihlo yomshado onothando. Umshado onjalo uyigugu ukudlula imali. Iyini-ke imali ukuba inixabanise?

^ isig. 3 Amagama ashintshiwe.

^ isig. 7 IBhayibheli lithi “indoda iyinhloko yomkayo,” ngakho iyona enomthwalo wemfanelo oyinhloko wokulawula ukusetshenziswa kwemali ekhaya kanye nesibopho sokuphatha umkayo ngothando nangendlela engenabugovu.—Efesu 5:23, 25.

ZIBUZE . . .

  • Mina nowakwami sagcina nini ukuxoxa ngemali ngomoya ophansi?

  • Yini engingayisho noma engingayenza engabonisa ukuthi ngiyakwazisa ukusiza kwakhe ngemali ekhaya?