Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda  |  Meyi 2008

 Izihluthulelo Zenjabulo Yomkhaya

Ukuxazulula Izinkinga

Ukuxazulula Izinkinga

Ubaba uthi: “Aphi amadodakazi?”

Umama uyaphendula: “Asaye ezitolo ayothenga izingubo ezintsha.”

Ubaba uthi: [Ecasukile futhi ethetha] “Ush’ ukuthini uma uthi ‘ayothenga izingubo ezintsha’? Asanda kuzithenga ngenyanga edlule!”

Umama uyaphendula: [Ezivikela, ezwe ubuhlungu ngoba esolwa] “Kodwa bekunendali. Futhi-ke acele kimi kuqala, ngawavumela ukuba ahambe.”

Ubaba uthi: [Ethukuthele futhi ememeza] “Uyazi ukuthi angithandi uma amantombazane esebenzisa imali engacelanga! Ungasenza kanjani isinqumo ngokuxhamazela okungaka ungaxoxanga nami?”

UCABANGA ukuthi yiziphi izinkinga umbhangqwana ocashunwe ngenhla okufanele uzixazulule? Kusobala ukuthi indoda inenkinga yokulawula intukuthelo. Kodwa ngaphandle kwalokho, lo mbhangqwana kubonakala ungavumelani ngokuthi ingakanani inkululeko izingane okufanele zibe nayo. Futhi kubonakala sengathi kunenkinga yokukhulumisana.

Awukho umshado ongenazinkinga. Yonke imibhangqwana iyobhekana nezinkinga ezithile. Kungakhathaliseki ukuthi zinkulu noma zincane, kubalulekile ukuba indoda nenkosikazi bafunde ukuzixazulula. Ngani?

Ngokuhamba kwesikhathi, izinkinga ezingaxazululwanga zingaba yisithiyo sokukhulumisana. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Kukhona imibango enjengomgoqo wombhoshongo wokuhlala.” (IzAga 18:19) Ningenzenjani ukuze nikwazi ukuphumelela ngokwengeziwe ekukhulumisaneni lapho nisingatha izinkinga?

Uma ukukhulumisana kungafaniswa negazi emshadweni, khona-ke uthando nenhlonipho kungafaniswa nenhliziyo namaphaphu alobo buhlobo. (Efesu 5:33) Uma kuziwa ekuxazululeni izinkinga, uthando luyoshukumisela umbhangqwana ukuba ungagxili emaphutheni adlule—nezibazi ezingokomzwelo azibangela—kodwa ugxile enkingeni obhekene nayo. (1 Korinte 13:4, 5; 1 Petru 4:8) Imibhangqwana ehloniphanayo inikana ithuba lokukhuluma ngokukhululekile futhi ilwela ukuzwa lokho umuntu akuqondile, hhayi nje lokho akushoyo.

Izinyathelo Ezine Zokuxazulula Izinkinga

Cabangela izinyathelo ezine ezibalwe ngezansi, ubone indlela izimiso zeBhayibheli ezingakusiza ngayo ukuba uxazulule izinkinga ngendlela enothando nenenhlonipho.

  1. Bekani isikhathi sokuxoxa ngenkinga.

“Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into, . . . isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.” (UmShumayeli 3:1, 7) Njengoba kuboniswe engxabanweni ecashunwe ekuqaleni, ezinye izinkinga zingase zivuse imizwelo enamandla. Uma lokho kwenzeka, bonisa ukuzithiba, uthi ukulinda—‘uthule’—ngaphambi kokuba uhluthuke. Ungavikela ubuhlobo benu ekulimaleni okukhulu uma ulalela iseluleko seBhayibheli: “Ukususa impikiswano kunjengokuvuza kwedamu, ngakho yinqande ngaphambi kokuba kuqubuke impi.”—IzAga 17:14, New Century Version.

Kodwa sikhona ‘nesikhathi sokukhuluma.’ Njengokhula, izinkinga ziyakhula lapho zinganakwa. Ngakho ungayizibi inkinga, unethemba lokuthi izoziphelela. Uma ukhetha ukulinda kancane, bonisa inhlonipho kumngane wakho womshado ngokukhetha esinye isikhathi esingekude eningaxoxa ngaso ngale nkinga. Ukwenza leso sithembiso kunganisiza nobabili ukuba nisebenzise lesi seluleko seBhayibheli: “Ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka.” (Efesu 4:26) Kodwa-ke, kufanele uqiniseke ukuthi uyasifeza isithembiso sakho.

ZAMA LOKHU: Khetha isikhathi esingaguquki isonto ngalinye sokuxoxa ngezinkinga zomkhaya. Uma uqaphela ukuthi nivame ukuphikisana ngesikhathi esithile sosuku—ngokwesibonelo, lapho nifika nje nivela emsebenzini noma ngaphambi kokuba nidle—vumelanani ngokuthi ningaxoxi ngezinkinga ngalezo zikhathi. Kunalokho, khethani isikhathi lapho nobabili ningacindezelekile.

2. Veza umbono wakho ngokwethembeka nangenhlonipho.

“Yilowo nalowo kini makakhulume iqiniso nomakhelwane wakhe.” (Efesu 4:25) Uma ushadile, umngane wakho womshado ungumakhelwane wakho oseduze kakhulu. Ngakho thembeka futhi ungagwegwesi ekuvezeni imizwa yakho lapho ukhuluma noshade naye. UMargareta, * oseneminyaka engu-26 eshadile, uthi: “Lapho ngisanda kushada, ngangilindele ukuba umyeni wami amane azi indlela engizizwa ngayo lapho kuphakama inkinga. Ngafunda ukuthi ukulindela lokho kwakungenangqondo. Manje ngizama ukuveza imicabango nemizwa yami ngokucacile.”

Khumbula ukuthi umgomo wakho lapho nixoxa ngenkinga akukhona ukunqoba impikiswano noma isitha, kodwa kumane nje kuwukwazisa oshade naye lokho okucabangayo. Ukuze uphumelele ekwenzeni kanjalo, yisho lokho ocabanga ukuthi kuyinkinga, usho ukuthi kwenzeka nini, bese uchaza ukuthi kukwenza uzizwe kanjani. Ngokwesibonelo, uma ucasulwa ukuthi oshade naye uyinuku, ngenhlonipho ungase uthi, ‘Lapho ufika ekhaya uvela emsebenzini bese ushiya izingubo zakho phansi [lokho okuyinkinga nokuthi kwenzeka nini], ngiba nomuzwa wokuthi imizamo engiyenzayo yokunakekela ikhaya ayaziswa [chaza ngokucacile ukuthi uzizwa kanjani].’ Yibe ususikisela ngobuhlakani ukuthi ucabanga ukuthi lingaba yini ikhambi lale nkinga.

ZAMA LOKHU: Ukuze wazi ngokucacile ukuthi ufuna ukuthini ngaphambi kokukhuluma noshade naye, bhala phansi ukuthi iyini inkinga nendlela obungayixazulula ngayo.

3. Lalela futhi uhloniphe imizwa yoshade naye.

Umfundi uJakobe wabhala ukuthi amaKristu kufanele “asheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela.” (Jakobe 1:19) Zimbalwa izinto ezibangela ukungajabuli emshadweni kunomuzwa wokuthi oshade naye akayiqondi indlela ozizwa ngayo ngenkinga ethile. Ngakho, zimisele ukuba ungenzi oshade naye abe nalowo muzwa!—Mathewu 7:12.

UWolfgang, oneminyaka engu-35 eshadile, uthi, “Uma sixoxa ngezinkinga, ngiba novalo, ikakhulukazi uma nginomuzwa wokuthi umkami akayiqondi indlela engicabanga ngayo.” UDianna, manje oseneminyaka engu-20 eshadile, uyavuma, “Ngivame ukukhononda ngokuthi umyeni wami akangilaleli ngempela lapho sixoxa ngezinkinga.” Ungawunqoba kanjani lo mgoqo?

 Ungacabangi ukuthi uyakwazi lokho oshade naye akucabangayo noma indlela azizwa ngayo. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Ngokugabadela umuntu umane nje abangele ukulwa, kodwa kulabo ababonisanayo kukhona ukuhlakanipha.” (IzAga 13:10) Hlonipha oshade naye ngokumvumela ukuba aveze umbono wakhe ngaphandle kokumngena emlonyeni. Khona-ke, ukuze uqiniseke ukuthi uyakuqonda lokho akushilo, phinda lokho okuzwile ngamazwi akho, ukusho ngaphandle kokubhuqa noma ukucasuka. Vumela oshade naye ukuba akukhuze uma ungakuzwanga kahle okuthile akushilo. Makungakhulumi wena wedwa. Nikanani ithuba njengoba nixoxa kuze kube yilapho nivumelana ngokuthi niyezwana ngale ndaba.

Kuyiqiniso, kudingeka ukuzithoba nesineke ukulalelisisa oshade naye nokuhlonipha umbono wakhe. Kodwa uma uhola ekuboniseni oshade naye leyo nhlonipho, cishe naye uyokuhlonipha.—Mathewu 7:2; Roma 12:10.

ZAMA LOKHU: Lapho uphinda lokho okushiwo umngane wakho womshado, ungaphindi nje amazwi akhe njengoba enjalo. Ngomusa, zama ukuchaza ukuthi uqonda ukuthi oshade naye uthini futhi uzizwa kanjani.—1 Petru 3:8.

4. Vumelanani ngekhambi.

“Ababili bangcono kunoyedwa, ngoba banomvuzo omuhle ngomsebenzi wabo onzima. Ngoba uma kungenzeka omunye wabo awe, lo omunye angamvusa umngane wakhe.” (UmShumayeli 4:9, 10) Zimbalwa izinkinga ezingaxazululeka emshadweni uma abashadile bengabambisani futhi basekelane.

Yiqiniso, uJehova wabeka indoda njengenhloko yomkhaya. (1 Korinte 11:3; Efesu 5:23) Kodwa ubunhloko abusho ukuba umashiqela. Indoda ehlakaniphile ngeke yenze izinqumo ngaphandle kokubonisana nomkayo. UDavid, oneminyaka engu-20 eshadile, uthi, “Ngizama ukuthola iphuzu esivumelana ngalo nomkami bese ngifuna isinqumo esingasisekela sobabili.” UTanya, oseneminyaka engu-7 eshadile, uthi: “Akuyona indaba yokuthi ubani osephutheni noma osebuhleni. Ngezinye izikhathi kumane nje kunemibono ehlukene yokuxazulula inkinga. Ngithole ukuthi isihluthulelo sempumelelo siwukuvumelana nezimo nokucabangela.”

ZAMA LOKHU: Yakhani umoya wokubambisana ngokuba nobabili nibhale phansi amakhambi amaningi ngangokunokwenzeka eniwacabangayo ale nkinga. Uma seniphelelwe amacebo, bukezani uhlu lwenu bese nisebenzisa ikhambi enivumelana ngalo nobabili. Ngemva kwalokho, khethani isikhathi esingekude enizohlola ngaso ukuthi isinqumo senu siyafezeka yini nokuthi siphumelela kangakanani.

Bambisanani, Ningaphikisani

UJesu wafanisa umshado nokuboshelwa ejokeni. (Mathewu 19:6) Ngosuku lwakhe, ijoka laliwugodo izilwane ezimbili ezaziboshelwa kulo ukuze zisebenze. Uma izilwane zingabambisani, zazingafeza okuncane kakhulu futhi zaziyohuzulwa yijoka. Uma zibambisana, zazingadonsa imithwalo esindayo noma zilime.

Ngokufanayo, indoda nenkosikazi abangabambisani bangase bahuzuke ngaphansi kwejoka lomshado. Ngakolunye uhlangothi, uma befunda ukubambisana, bangaxazulula cishe zonke izinkinga futhi bafeze umsebenzi omuhle. Indoda ejabulayo emshadweni uKalala ifingqa indaba ngale ndlela, “Sekuyiminyaka engu-25 mina nomkami sixazulula izinkinga ngokukhuluma ngokungagwegwesi, ngokuzibeka esimweni somunye, ngokuthandazela usizo lukaJehova nangokusebenzisa izimiso zeBhayibheli.” Ningakwazi yini ukwenza okufanayo?

ZIBUZE . . .

  • Iyiphi inkinga engifuna sixoxe ngayo ngokuyinhloko nomngane wami womshado?

  • Ngingaqiniseka kanjani ukuthi ngiyayiqonda indlela umngane wami womshado azizwa ngayo ngempela ngale ndaba?

  • Uma njalo ngiphikelela ukuze izinto zenziwe ngendlela yami, ngidala ziphi izinkinga?

^ isig. 17 Amanye amagama ashintshiwe.