Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Lingisa Lowo Othembisa Ukuphila Okuphakade

Lingisa Lowo Othembisa Ukuphila Okuphakade

“Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.”—EFESU 5:1.

1. Iliphi ikhono elingasisiza ukuba silingise uJehova?

UJEHOVA wasidala saba nekhono lokuqonda indlela abanye abantu abazizwa ngayo, ngisho noma singakaze sibe sesimweni sabo. (Funda eyabase-Efesu 5:1, 2.) Leli khono lingasisiza kanjani ukuba silingise uJehova? Kungani kudingeka siqaphele indlela esilisebenzisa ngayo?

2. UJehova uzizwa kanjani lapho sihlupheka?

2 UJehova usithembise ikusasa elimangalisayo, elingenakho ukuhlupheka. Kokubili abagcotshiweyo “nezinye izimvu” bangabheka phambili ekuphileni okuphakade, kungaba sezulwini noma emhlabeni. (Johane 10:16; 17:3; 1 Korinte 15:53) UJehova uyabuqonda ubuhlungu esibuzwayo lapho sehlelwa izinto ezimbi namuhla. Esikhathini esidlule, uJehova wezwa ubuhlungu lapho abantu bakhe behlupheka eGibhithe. ‘Wacindezeleka.’ (Isaya 63:9) Kamuva, lapho abantu bakhe bakha kabusha ithempeli futhi besaba izitha zabo, uJehova wayiqonda indlela ababezizwa ngayo. Wabatshela: “Othinta nina uthinta inhlamvu  yeso lami.” (Zakariya 2:8) Njengoba nje umama emthanda umntanakhe, noJehova uyazithanda izinceku zakhe futhi ufuna ukuzisiza. (Isaya 49:15) Silingisa uthando lukaJehova lapho sizama ukuqonda indlela abanye abazizwa ngayo ngokuzicabanga sisesimweni sabo.—IHubo 103:13, 14.

UJESU WALINGISA UJEHOVA, WATHANDA ABANTU

3. UJesu wayezizwa kanjani ngabantu?

3 UJesu wayeyiqonda indlela abantu ababezizwa ngayo lapho behlupheka, ngisho noma ayengakaze abe sesimweni sabo. Ngokwesibonelo, wayazi ukuthi ukuphila kwabantu abaningi kwakunzima. Abaholi benkolo babebakhohlisa futhi bebashayela imithetho eminingi engaveli kuNkulunkulu. Abantu babebesaba laba baholi. (Mathewu 23:4; Marku 7:1-5; Johane 7:13) Nakuba yena ayengakaze abesabe futhi awakholelwe amanga abo, uJesu wayeyiqonda indlela abantu ababezizwa ngayo. Kwakumzwisa ubuhlungu obukhulu ukubona indlela ababephathwa kabi ngayo. Babeshiywe dengwane, “njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:36) UJesu wayefunde kuYise ukuthanda abantu nokuba ‘nesihe nomusa.’—IHubo 103:8.

4. UJesu wasabela kanjani lapho ebona abantu behlupheka?

4 Lapho uJesu ebona ukuthi abantu babehlupheka, wabasiza ngoba wayebathanda. Wayefana nsé noYise. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi ngemva kokuba abaphostoli bakhe behambe ibanga elide beyoshumayela, bakhathala futhi bafuna ukuphumula endaweni ethule. Kodwa uJesu wabona isixuku sabantu simlindile. Waqonda ukuthi sidinga usizo lwakhe, ngakho “wasifundisa izinto eziningi.”—Marku 6:30, 31, 34.

YIBA NOTHANDO NJENGOJEHOVA

5, 6. Uma sifuna ukuba nothando njengoJehova, yini okumelwe siyenze? Nikeza isibonelo. (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

5 Uma sifuna ukuba nothando njengoJehova, yini okumelwe siyenze? Cabanga ngalesi simo. Ake sithi kunomzalwane osemusha ogama lakhe lingu-Alan. Ucabanga ngomzalwane osekhulile ongasakwazi ukuhamba kahle futhi osehlushwa amehlo. U-Alan ucabanga ngala mazwi kaJesu: “[Indlela] enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo.” (Luka 6:31) Ngakho, u-Alan uyazibuza, ‘Yini engifuna abanye bangenzele yona?’ Uthi, ‘Ngifuna badlale nami ibhola!’ Kodwa lo mzalwane osekhulile akakwazi ukugijima nokudlala ibhola. Ngakho, okudingeka u-Alan azibuze kona ngempela ukuthi, ‘Ukube bengiyiloya mzalwane, bengiyofuna ukuba abantu bangenzeleni?’

6 Nakuba u-Alan esemncane, uzama ukucabanga indlela abeyozizwa ngayo ukube ubemdala. Uzinika isikhathi sokuba nalo mzalwane osekhulile futhi amlalelisise lapho ekhuluma. Ube eseqala ukuqonda ukuthi kunzima kulo mzalwane ukufunda iBhayibheli nokuhamba endlini ngendlu. U-Alan uyabona ukuthi angamsiza kanjani futhi uyafuna ukwenza okusemandleni ukuze amsize. Lapho siqonda indlela abanye abantu abazizwa ngayo futhi sibabonise uthando,  siyobe silingisa uJehova.—1 Korinte 12:26.

Yiba nomusa njengoJehova (Bheka isigaba 7

7. Singakuqonda kanjani lokho abafowethu ababhekene nakho?

7 Akulula ngaso sonke isikhathi ukuqonda lokho abanye abantu ababhekene nakho, ikakhulu uma singakaze sibe sesimweni sabo. Ngokwesibonelo, abafowethu abaningi basezinhlungwini ngenxa yokugula, ukulimala, noma ukukhula ngeminyaka. Abanye basebuhlungwini obukhulu ngenxa yokucindezeleka ngokomzwelo noma ukukhathazeka okukhulu noma ngenxa yokuthi bahlukunyezwa esikhathini esidlule. Abanye bakhulisa abantwana bebodwa noma basemndenini ohlukene ngokwenkolo. Wonke umuntu unezinkinga futhi eziningi zazo zihlukile kwezethu. Kodwa sifuna ukubonisa uthando kwabanye futhi sibasize. Yini-ke esingayenza? Okudingwa umuntu ngamunye kungase kuhluke. Ngakho, uma umuntu simlalelisisa futhi siqhubeke sizama ukuqonda indlela azizwa ngayo, siyoyibona indlela engcono kakhulu yokumsiza. Mhlawumbe singamkhumbuza indlela uJehova azizwa ngayo ngenkinga yakhe. Noma singase simsize ngezinye izindlela. Lapho senza lokhu, silingisa uJehova.—Funda eyabaseRoma 12:15; 1 Petru 3:8.

YIBA NOMUSA NJENGOJEHOVA

8. Yini eyasiza uJesu ukuba abe nomusa?

8 UJehova unomusa kubo bonke abantu. (Luka 6:35) UJesu ufana ncamashí noYise. Yini eyasiza uJesu ukuba abe nomusa kubantu ngenkathi esemhlabeni? Wayecabanga ngendlela ababeyozizwa ngayo ngezinto ayengase azisho noma azenze. Ngokwesibonelo, kwake kweza kuJesu owesifazane owayenze izinto eziningi ezimbi. Wakhala kakhulu kangangokuthi izinyembezi zakhe zaconsela ezinyaweni zikaJesu. UJesu wabona ukuthi lona wesifazane wayezisola kakhulu ngezinto ezimbi ayezenzile nokuthi wayephendukile. Waqaphela ukuthi uma ayengamphatha ngendlela engenamusa, wayeyozizwa kabi nakakhulu. Ngakho, wamncoma ngokuhle akwenza futhi wamthethelela. UJesu wakhuluma ngomusa nanomFarisi owayengavumelani nalokho ayekwenzele lona wesifazane.—Luka 7:36-48.

Ngaphambi kokwenza isinqumo, singacabanga ngendlela esingasithinta ngayo thina noma abanye

9. Yini engasisiza ukuba sibe nomusa njengoJehova? Nikeza isibonelo.

9 Singaba kanjani nomusa njengoJehova? Kudingeka sicabange ngaphambi kokukhuluma noma ukwenza  okuthile ukuze sibe mnene kwabanye, singabalimazi. UPawulu wabhala ukuthi umKristu ‘akufanele alwe, kunalokho kufanele abe mnene kubo bonke.’ (2 Thimothewu 2:24) Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela ongabonisa ngayo umusa kulezi zimo: Uyokwenzenjani uma umqashi wakho engawenzi kahle umsebenzi wakhe? Uma umzalwane osenezinyanga engezi eHholo LoMbuso efika emihlanganweni yebandla, uyothini kuye? Uma usenkonzweni, bese othile athi umatasa kakhulu ukuba axoxe nawe, ungambonisa kanjani umusa? Uma umkakho ekubuza ukuthi kungani ungamtshelanga ngezinhlelo ezithile ozenzile, ingabe uyomphendula ngendlela enomusa? Kudingeka sicabange ngendlela abanye abazizwa ngayo nokuthi amazwi ethu angase abathinte kanjani. Khona-ke, siyokwazi okufanele sikusho futhi sikwenze ukuze sibe nomusa njengoJehova.—Funda izAga 15:28.

YIBA OHLAKANIPHILE NJENGOJEHOVA

10, 11. Singafunda kanjani kuJehova futhi sibe abahlakaniphile? Nikeza isibonelo.

10 UJehova uhlakaniphe ngokumangalisayo futhi angakhetha ukubona okuzokwenzeka esikhathini esizayo. Nakuba singalazi ikusasa, nathi singaba abahlakaniphile. Kanjani? Ngaphambi kokwenza isinqumo, singacabanga ngendlela esingasithinta ngayo thina noma abanye. Akufanele sibe njengama-Israyeli. Awazange acabange ngalokho okwakuyokwenzeka kuwo uma engamlaleli uJehova. Awazange futhi acabange ngobuhlobo bawo naye nangakho konke ayewenzele kona. Ebona lokhu, uMose wazi ukuthi ama-Israyeli ayezokwenza okubi. Wathi: “Bayisizwe iseluleko esishabalalayo kuso, phakathi kwabo akukho ukuqonda. O ukube bebehlakaniphile! Khona-ke bebeyozindla ngalokhu. Bebeyocabanga ngesiphetho sabo kamuva.”—Duteronomi 31:29, 30; 32:28, 29.

11 Ngokwesibonelo, uma uthandana nothile, khumbula ukuthi lapho umuntu ekukhanga, kuba nzima ukulawula imizwa nezifiso zakho zobulili. Ngakho, ungenzi lutho olungase lulimaze ubuhlobo bakho obuyigugu noJehova! Kunalokho, hlakanipha, ugweme ingozi. Lalela iseluleko sikaJehova esihlakaniphile: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.”—IzAga 22:3.

LAWULA IMICABANGO YAKHO

12. Imicabango yethu ingasilimaza kanjani?

12 Umuntu ohlakaniphile uyayilawula imicabango yakhe. Imicabango yethu ingasisiza noma isilimaze, njengoba nje nomlilo ungasisiza noma usilimaze. Uma siqikelela, umlilo singawusebenzisela  ukupheka. Kodwa uma singaqikeleli, umlilo ungashisa umuzi wethu futhi usibulale nokusibulala. Kungokufanayo nangemicabango yethu. Lapho sicabanga ngezinto esizifundiswa uJehova, siyazuza. Kodwa uma sihlale sicabanga ngokuziphatha okubi kobulili futhi sizicabanga senza izinto ezimbi, siyozifisa kakhulu lezo zinto kangangokuthi singagcina sesizenze ngokoqobo. Lokho kungase kubuqede ubungane bethu noJehova.—Funda uJakobe 1:14, 15.

13. Yini u-Eva ayicabanga ngokuphila kwakhe?

13 Singafunda esibonelweni sowesifazane wokuqala, u-Eva. UJehova wayeyale u-Adamu no-Eva ukuba bangasidli isithelo ‘somuthi wolwazi lokuhle nokubi.’ (Genesise 2:16, 17) Kodwa uSathane wathi ku-Eva: “Ngokuqinisekile ngeke nife. Yingoba uNkulunkulu uyazi ukuthi ngalo kanye usuku enidla ngalo kuwo nakanjani amehlo enu ayovuleka futhi nakanjani niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.” U-Eva wacabanga ukuthi ukuphila kwakhe kwakuyoba mnandi kangakanani uma ayengazinqumela okuhle nokubi. Waqhubeka ecabanga ngalokhu futhi “wabona ukuthi umuthi wawukufanelekele ukudliwa nokuthi wawungokuthile okulangazelelekayo emehlweni.” Kwabe sekwenzekani? “Wathatha isithelo sawo wadla. Kamuva wanika nomyeni wakhe lapho esekanye naye, naye wadla.” (Genesise 3:1-6) Ngenxa yalokho, “isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono.” (Roma 5:12) U-Eva kwakungafanele aqhubeke ecabanga ngokwenza into engalungile!

14. IBhayibheli lisinika ziphi izixwayiso mayelana nokuziphatha okubi kobulili?

14 Yiqiniso, isono sika-Eva sasingahileli ukuziphatha okubi kobulili. Kodwa iBhayibheli lisixwayisa ngokucacile ukuba singaqhubeki sizicabanga senza noma yini ewukuziphatha okubi kobulili. UJesu wathi: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:28) NoPawulu waxwayisa: “Ningazihleleli kusengaphambili izifiso zenyama.”—Roma 13:14.

15. Iyiphi ingcebo okufanele sigxile kuyo, futhi ngani?

15 IBhayibheli lithi futhi kufanele sigxile ekujabuliseni uJehova, singalokhu sicabanga ngokuceba. Ngisho noma umuntu ecebile, imali yakhe ayikwazi ukumvikela ngempela. (IzAga 18:11) UJesu wathi umuntu usuke eyisiwula uma eziqongelelela ingcebo eningi kodwa engenzi uJehova eze kuqala ekuphileni kwakhe. ‘Akacebile kuNkulunkulu.’ (Luka 12:16-21) Lapho sizibekelela “ingcebo ezulwini” ngokwenza okuthokozisa uJehova, simenza ajabule futhi nathi siyajabula. (Mathewu 6:20; IzAga 27:11) Ngaphezu kwalokho, ubuhlobo obuhle noJehova buyigugu ngaphezu kwanoma yini enye.

GWEMA UKUHLALE UKHATHAZEKILE

16. Yini engasisiza lapho sikhathazekile?

16 Ukuzama ukuceba kuleli zwe kuyosilethela izinkathazo eziningi. (Mathewu 6:19) UJesu wathi kuyoba nzima ngalabo abahlale bekhathazeke ngemali ukubeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni  kwabo. (Mathewu 13:18, 19, 22) Ngaphezu kwaloko, abanye abantu bahlale bekhathazeke ngezinto ezimbi ezingase zibehlele. Kodwa uma siqhubeka sikhathazekile, singase sigule noma siqale ukuphelelwa ngisho nawukholo kuJehova. Kunalokho, kumelwe sithembele kuJehova ukuthi uyosisiza. IBhayibheli lithi “ngukukhathazeka enhliziyweni yomuntu okuyoyibangela ukuba ibhocobale, kodwa yizwi elihle eliyenza ijabule.” (IzAga 12:25) Ngakho, uma kunokuthile okukukhathazayo, xoxa nomkhulekeli kaJehova okwazi kahle. Umzali, umyeni noma inkosikazi yakho, noma umngane oseduze, angakukhuthaza ukuba uthembele kuJehova futhi adambise ukukhathazeka kwakho.

Lapho ukhathazekile, thandaza kuJehova futhi ucabange ngosizo akunika lona

17. UJehova angasisiza kanjani lapho sikhathazekile?

17 UJehova uyiqonda kangcono kunanoma ubani omunye indlela esizizwa ngayo futhi angasisiza sizole lapho sikhathazekile. UPawulu wabhala: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Ngakho, lapho ukhathazekile, cabanga ngosizo uJehova akunika lona ukuze ugcine ubungane bakho naye buqinile, njengosizo lwabafowenu nodadewenu, abadala, inceku ethembekile, izingelosi noJesu.

18. Ikhono lethu lokubona izinto ngeso lengqondo lingasisiza kanjani?

18 Njengoba sifundile, silingisa uJehova lapho sisebenzisa ikhono lethu lokuqonda indlela abanye abantu abazizwa ngayo. (1 Thimothewu 1:11; 1 Johane 4:8) Siyojabula lapho sibonisa abanye uthando nomusa, lapho sicabanga ngemiphumela yesikwenzayo nalapho sigwema ukuhlale sikhathazekile. Masibone ngeso lengqondo ukuthi ukuphila kuyoba njani lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu futhi senze okusemandleni ethu ukulingisa uJehova.—Roma 12:12.