Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INQABAYOKULINDA—EFUNDWAYO November 2014

Lo magazini uqukethe izihloko ezifundwayo ezizofundwa kusukela ngo-December 29, 2014 kuya ku-February 1, 2015.

Uvuko LukaJesu—Lokho Olukushoyo Kithi

Izizathu ezine zinikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uJesu wavuswa. Ukukholelwa ukuthi uyaphila kufanele kusithinte kanjani?

Isizathu Sokuba Sibe Ngcwele

Ingabe wake wakhungatheka noma wacikeka lapho ufunda incwadi yeBhayibheli kaLevitikusi? Amagugu angokomoya asencwadini kaLevitikusi angakusiza ukuba ube ngcwele ekukhulekeleni kwakho.

Kumelwe Sibe Ngcwele Kukho Konke Ukuziphatha Kwethu

Yikuphi ukufana okukhona phakathi kokugwema ukuyekethisa, ukunika uJehova okungcono kakhulu kwethu nokudla ukudla okungokomoya okuqinile?

“Abantu AbaNkulunkulu Wabo NguJehova”

Ingabe uNkulunkulu wamukela bonke abamkhulekela ngobuqotho, kungakhathaliseki ukuthi bakuyiphi inkolo?

“Manje Seniyisizwe SikaNkulunkulu”

Singaba kanjani “isizwe sikaNkulunkulu” futhi singaqhubeka kanjani siyiso?

Imibuzo Evela Kubafundi

Abadala nezinceku ezikhonzayo bamiswa kanjani ebandleni ngalinye? Bangobani ofakazi ababili besAmbulo isahluko 11?

EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU

Ukuntwela Kokusa EJapane

Izinqola ezakhiwe ngokukhethekile ezazibizwa ngokuthi “oJehu” zasiza ekuthuthukiseni umsebenzi wokushumayela ngoMbuso eJapane.