Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda—Efundwayo  |  September 2014

Bazali—Yelusani Abantwana Benu

Bazali—Yelusani Abantwana Benu

“Kufanele usazi ngokuqinisekile isimo somhlambi wakho.”—IZAGA 27:23.

1, 2. (a) Imiphi eminye yemithwalo yemfanelo umalusi wakwa-Israyeli ayenayo? (b) Abazali bafana nabelusi ngayiphi indlela?

ABELUSI kwa-Israyeli wasendulo babephila ukuphila okunzima. Kwakungadingeki babekezelele ukushisa namakhaza kuphela kodwa kwakufanele bavikele nemihlambi yabo ezilwaneni ezidla inyama nakubantu. Abelusi babezihlola njalo izimvu futhi belaphe ezigulayo noma ezilimele. Babenaka ngokukhethekile amawundlu ngenxa yokuthi ayentekenteke futhi engenawo amandla njengezimvu esezikhulile.—Gen. 33:13.

2 Kunezici ezithile abazali abangamaKristu abafana ngazo nabelusi futhi babonisa izimfanelo ezidingekayo kubelusi bangempela. Banomthwalo wemfanelo wokukhulisa abantababo “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efe. 6:4) Ingabe lesi sabelo silula? Cha! Abantwana bahlushwa inkulumo-ze kaSathane nawukuthambekela kwabo siqu kokungapheleli. (2 Thim. 2:22; 1 Joh. 2:16) Uma unabantwana, ungabasiza kanjani? Ake sixoxe ngezinto ezintathu ongazenza ukuze weluse abantabakho—ukubazi, ukubondla nokubaqondisa.

BAZI ABANTABAKHO

3. ‘Ukwazi isimo’ sabantababo kusho ukuthini ngabazali?

3 Umalusi omuhle uhlola ngokucophelela imvu ngayinye ukuze  aqiniseke ukuthi iphile kahle. Ngomqondo ongokomfanekiso, nawe ungenza okufanayo ngabantabakho. IBhayibheli lithi: “Sazi ngokuqinisekile isimo somhlambi wakho.” (IzAga 27:23) Ukuze wenze lokhu, kudingeka ucabangele izenzo zabantabakho kanye nemicabango nemizwa yabo. Ungakufeza kanjani lokhu? Enye yezindlela ezingcono kakhulu ukuxoxa njalo nabo.

4, 5. (a) Imaphi amacebiso asebenzayo angase asize abantwana ukuba baxoxe ngokukhululekile nabazali babo? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Yini oye wayenza ukuze kube lula ngabantabakho ukuba baxoxe nawe?

4 Abanye abazali baye baphawula ukuthi ukukhulumisana kuba inselele kakhulu lapho abantwana babo beva eminyakeni eyishumi nambili—bangase bathambekele ekuthuleni futhi bazizwe bengakhululekile ukukhuluma ngemicabango nemizwa yabo. Uma kunjalo ngabantabakho, yini ongayenza? Kunokuphoqelela ingxoxo ende neshubile nendodana noma indodakazi yakho, zama ukusebenzisa amathuba akhululekile. (Dut. 6:6, 7) Kungase kudingeke wenze umzamo othe xaxa ukuze nenze izinto ndawonye. Ningase niphume niyoshaywa umoya ngezinyawo noma ngemoto, nidlale umdlalo othile noma nenze umsebenzi othile ndawonye ekhaya. Izimo ezinjalo ezikhululekile zingasiza izingane ezisebangeni lokuthomba ukuba zikhululeke futhi zithambekele ekuxoxeni ngemizwa yazo.

5 Kuthiwani uma umntanakho esabonakala engathandi ukukhuluma? Ungase uzame enye indlela. Ngokwesibonelo, kunokuba ubuze indodakazi yakho ukuthi usuku lwayo belunjani, ungase uyixoxele ngolwakho. Ingase isabele ngokukuxoxela ngalokho okwenzeke kolwayo. Noma ukuze uthole umbono womntanakho ngendaba ethile, mbuze imibuzo engagxili kuye. Ungase umbuze ukuthi abangane bakhe bacabangani ngaleyo ndaba. Ungabe usumbuza ukuthi angameluleka kanjani umngane wakhe ngaleyo ndaba.

6. Kusho ukuthini ukuba onesikhathi sezingane nongenekayo?

6 Yebo, ukuze abantabakho bakhululeke baxoxe nawe ngemizwa yabo, kudingeka babone ukuthi unesikhathi sabo futhi uyangeneka. Uma abazali behlale bebonakala bematasa ukuba bangaxoxa, cishe izingane zabo ngeke zithi vu ngezinkinga zazo. Kuthiwani ngokuba ongenekayo? Kudinga okungaphezu kokumane uthi, “Ungeza kimi noma nini uma unenkinga, sixoxe.” Abantabakho abeve eshumini nambili kudingeka bezwe egazini ukuthi ngeke ubheke izinkinga zabo njengeziwubala noma usabele ngamawala lapho bekutshela zona. Abazali abaningi babeka isibonelo esihle kule ndaba. UKayla oneminyaka engu-19 uthi: “Ngingaxoxa nobaba nganoma yini. Akangingeni emlonyeni, akangahluleli; umane alalele. Ngemva kwalokho, unginikeza izeluleko ezinhle.”

7. (a) Iyiphi indlela enokulinganisela umzali angase ayisebenzise endabeni efana neyokuthandana? (b) Abazali bangase babathukuthelise kanjani abantababo bengahlosile?

7 Ngisho nalapho ukhuluma ngezindaba ezibucayi—ngokwesibonelo, indaba yokuthandana—qikelela ukuba ungagxili kakhulu ekunikezeni izixwayiso uze ungabe usabafundisa abantabakho indlela efanele abangayisingatha ngayo le ndaba. Ngokwesibonelo, ake sithi uya esitolo sokudlela bese uthola ukuthi ohlwini lokudla okudayiswayo kubhalwe kuphela izixwayiso ngokudla okungase kukugulise. Cishe ubuyohamba uyofuna esinye isitolo sokudlela. Abantabakho bangase basabele ngendlela efanayo uma beza kuwe bezofuna izeluleko kodwa wena ubanikeze kuphela uhide lwezixwayiso. (Funda eyabaseKolose 3:21.) Esikhundleni sokwenza kanjalo, sisingathe ngendlela enokulinganisela leso simo. Udade osemusha ogama lakhe lingu-Emily uyaphawula: “Lapho abazali bami bekhuluma nami ngendaba yokuthandana, abayenzi ibonakale iyindaba embi. Bagxila kakhulu enjabulweni yokwazi umuntu nokuthola umngane womshado. Lokhu kuye kwangisiza ngazizwa ngikhululekile ukukhuluma nabo ngale ndaba. Eqinisweni, ngifisa ukubahilela lapho kunomuntu engithandana naye kunokuba ngibafihlele.”

8, 9. (a) Iziphi izinzuzo ezitholakala ngokulalela abantwana ungabangeni emlonyeni? (b) Iyiphi impumelelo oye wayithola ngokulalela abantabakho?

 8 Ngokuvumelana nalokho okushiwo uKayla, ungabonisa ukuthi uyangeneka ngokubalalela ngesineke abantabakho. (Funda uJakobe 1:19.) Omunye umama ongayedwa ogama lakhe linguKatia uyavuma: “Esikhathini esidlule ngangingakwazi ukubekezelela indodakazi yami. Ngangingayiniki ithuba lokuqeda ekushoyo. Kwakuba ukuthi ngikhathele kakhulu ukuba ngiyilalele noma kube ukuthi angifune kuhlushwa. Njengoba sengiyishintshile indlela engenza ngayo izinto, nendodakazi yami isiyishintshile neyayo. Isibambisana kakhulu nami.”

Lalela ukuze Ubazi (Bheka izigaba 3-9)

9 Ubaba ogama lakhe linguRonald wabhekana nesimo esifanayo ngendodakazi yakhe eyeve eshumini nambili. Uthi: “Lapho indodakazi yami ingitshela ukuthi kunomfana ethandana naye esikoleni, ngaqale ngathukuthela ngagan’ unwabu. Kodwa lapho ngicabanga ngendlela uJehova azibekezelela futhi azicabangela ngayo izinceku zakhe, ngabona kungcono ngiyinike ithuba lokungichazela ngemizwa yayo ngaphambi kokuba ngiyilungise. Ngiyajabula ngokuthi ngenza kanjalo! Ngaqala ngaleso sikhathi ukuqonda imizwa yayo. Lapho iqeda, ngakuthola kulula ukukhuluma nayo ngendlela enothando. Ngokumangalisayo, yasamukela kahle kakhulu iseluleko sami. Yasho ngobuqotho ukuthi iyafisa ukushintsha indlela yayo yokwenza izinto.” Ukukhuluma njalo nabantabakho kwenza uyiqonde ngokwengeziwe imicabango nemizwa yabo. Ukuyiqonda kuyokusiza ukuba ube nethonya elikhulu ezinqumweni abazenzayo ekuphileni kwabo. *

YONDLA ABANTABAKHO

10, 11. Ungabasiza kanjani abantabakho ukuba bangahlehli eqinisweni?

10 Umalusi omuhle uyazi ukuthi kungenzeka noma iyiphi imvu yakhe iduke. Mhlawumbe ingaqala ukukhangwa utshani obubuqamama, bese kuba obukujana kunalobo, ngaleyo ndlela iqhele emhlambini. Ngendlela efanayo, umntwana angase kancane kancane ahlehlele enkambweni eyingozi ngokomoya, eyengwa abangane abayingozi noma ukuzijabulisa okonakalisayo. (IzAga 13:20) Ungamsiza kanjani ukuze uvimbe isimo esinjalo singenzeki?

11 Lapho ufundisa abantabakho, thatha isinyathelo masinyane uma ubona izici ezingaholela ebuthakathakeni. Sebenzela ekuqiniseni izimfanelo zobuKristu  abantabakho abanazo kodwa okungenzeka zidinga ukuqiniswa. (2 Pet. 1:5-8) Isikhathi esivamile sokukhulekela komkhaya siyisikhathi esihle kakhulu sokwenza lokho. Lapho ichaza leli lungiselelo, INkonzo Yethu YoMbuso ka-October 2008 yathi: “Izinhloko zemikhaya zikhuthazwa ukuba zithwale umthwalo wazo phambi kukaJehova wokuqinisekisa ukuthi kulandelwa isimiso esinenjongo, sasikhathi sonke sesifundo seBhayibheli somkhaya.” Ingabe ulisebenzisa ngokugcwele leli lungiselelo lothando lokwelusa abantabakho? Yiba nethemba lokuthi abantabakho bakwazisa ngokujulile ukuthi izidingo zabo ezingokomoya ziza kuqala kuwe.—Math. 5:3; Fil. 1:10.

Bondle kahle (Bheka izigaba 10-12)

12. (a) Intsha iye yazuza kanjani ekukhulekeleni komkhaya okuba khona njalo? (Hlanganisa nebhokisi elithi “ Bayakwazisa.”) (b) Uye wazuza kanjani wena ekukhulekeleni komkhaya?

12 Ake ucabange ngalokho uCarissa oweve eshumini nambili akusho ngendlela isimiso sokuKhulekela Komkhaya esiwuzuzise ngayo umndeni wakubo. “Ngijatshuliswa ukuthi sonke siyakwazi ukuhlala phansi ndawonye sixoxe. Njengoba senza kanje, siyasondelana futhi siba nezinkumbulo zezikhathi ezimnandi. Ubaba ukuqhuba njalo ukuKhulekela Komkhaya. Kuyasikhuthaza ukumbona ekubheka njengokubaluleke kakhulu—futhi lokho kwenza ukuba nami ngikubheke njengokubalulekile. Kunginika isizathu esengeziwe sokumhlonipha njengobaba nenhloko yomkhaya engokomoya.” Udade osemusha ogama lakhe linguBrittney wathi: “Ukukhulekela komkhaya kungenze ngasondelana nabazali bami. Kungibonisa ukuthi bayafuna ukwazi ngezinkinga zami nokuthi bangikhathalela ngempela. Kusisiza ukuba sibe umndeni oqinile nonobunye.” Ngokusobala, ukondla abantabakho ngokomoya—ikakhulu ngokukhulekela komkhaya—kuyindlela eyinhloko ongaba ngayo umalusi omuhle. *

QONDISANI ABANTABENU

13. Umntwana angakhuthazwa kanjani ukuba akhonze uJehova?

13 Umalusi omuhle usebenzisa induku ukuze aqondise futhi avikele izimvu zakhe. Omunye wemigomo yakhe eyinhloko ukuqondisa izimvu zakhe “edlelweni elihle.” (Hez. 34:13, 14) Njengomzali, awunawo yini umgomo ofanayo ngokomoya? Ufuna ukuqondisa abantabakho ukuba bakhonze uJehova. Ufuna bazizwe ngendlela umhubi azizwa ngayo, owabhala: “O Nkulunkulu wami, ngikujabulele ukwenza intando yakho, nomthetho wakho usezibilinini zami.” (IHu. 40:8) Intsha ehlakulela ukwazisa okunjalo iyonikezela ukuphila kwayo kuJehova futhi ibhapathizwe. Kulindeleke ukuba ithathe leso sinyathelo lapho isivuthwe ngokwanele ukuba yenze leso sinqumo futhi inesifiso esiqotho sokukhonza uJehova.

14, 15. (a) Abazali abangamaKristu kufanele babe namuphi umgomo? (b) Yini engenza ukuba ingane esanda kuthomba ingabaze ukukhulekela kweqiniso?

14 Nokho, kuthiwani uma abantabakho bebonakala bengathuthuki ngokomoya—mhlawumbe bengabaza ngisho nokholo lwabo? Lwela ukugxilisa kubo uthando ngoJehova uNkulunkulu nokwazisa ngakho konke akwenzile. (IsAm. 4:11) Kuyothi lapho sebesesimweni esikahle sokuzenzela isinqumo sokukhulekela uNkulunkulu, bayosenza.

15 Nokho, ungenzenjani uma abantabakho beqala ukuzwakalisa ukungabaza? Ungabelusa futhi ubasize kanjani ukuba babone ukuthi ukukhonza uJehova ngempela kuyindlela engcono kakhulu yokuphila nokuthi kuyobenza bathole injabulo ehlala njalo? Zama ukuthola ukuthi ziyini ngempela izimbangela zokungabaza kwabo. Ngokwesibonelo, ingabe indodana yakho ngempela ayivumelani nezimfundiso zeBhayibheli, noma imane nje intula ukuzethemba kokuba izivikele phambi kontanga? Ingabe indodakazi yakho ayikuboni  ngempela ukuhlakanipha kwezindinganiso zikaNkulunkulu noma izizwa inesizungu noma ikhishwe inyumbazana?

Baqondise endleleni yabo (Bheka izigaba 13-18)

16, 17. Abazali bangabasiza ngaziphi izindlela abantababo ukuba benze iqiniso libe elabo?

16 Kungakhathaliseki ukuthi iyini imbangela, ungakwazi ukusiza umntanakho ukuba athole umsuka wanoma ikuphi ukungabaza anakho. Kanjani? Elinye icebiso abazali abaningi abalithole lisebenza futhi liphumelela liwukuqhwanda indodana noma indodakazi yabo ngokuyibuza: “Uzizwa kanjani ngokuba umKristu? Ukubona kuzuzisa ngani ukuba umKristu? Iziphi izinto ezikulahlekelayo ngokuba umKristu? Ingabe ubona lezo zinto zingelutho uma uziqhathanisa nezinzuzo eziningi esizitholayo nesizijabulela kwamanje nalezo esithenjiswe zona esikhathini esizayo? Kungani usho kanjalo?” Yiqiniso, kufanele ubuze imibuzo enjalo ngamazwi akho nangendlela enomusa, ebonisa ukukhathalela, kungabi njengokungathi ungumshushisi enkantolo. Mhlawumbe phakathi nengxoxo yenu ningase nixoxe ngoMarku 10:29, 30. Enye intsha ingase ithande ukukubhala phansi lokho ekucabangayo, mhlawumbe kube izinhlu ezimbili—kube uhlu lwezinto eziyilahlekelayo nohlu lwezinzuzo. Ukubona izimpendulo ephepheni kungase kusize ekuhlonzeni izinkinga ezikhona nasekutholeni izixazululo. Uma kudingeka sifundele abantu abathakazelayo incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli nethi Othandweni LukaNkulunkulu,kubaluleke kakhulu kangakanani-ke ukuba sifundele abantabethu! Ingabe uyabafundela?

17 Ngokuhamba kwesikhathi, abantabakho kuyodingeka bazenzele isinqumo sokuthi ubani abafuna ukumkhonza. Ungacabangi ukuthi ukholo lwakho luyodlulela kubo ngokuzenzakalelayo. Kumelwe benze iqiniso libe elabo. (IzAga 3:1, 2) Uma kubonakala sengathi umntwana unenkinga yokwenza lokho, kungani ungabuyeli ezimfundisweni eziyisisekelo? Msize acabangisise ngemibuzo enjengokuthi: “Ngazi kanjani ukuthi uNkulunkulu ukhona? Yini engenza ngiqiniseke ukuthi ngempela uJehova uNkulunkulu ungibheka njengobalulekile? Kungani ngikholelwa ukuthi ngempela izindinganiso zikaJehova zihloselwe ukungizuzisa?” Zibonise ungumalusi omuhle ngokuqondisa umntwana noma abantwana bakho ngesineke ukuba bazibonele ukuthi indlela kaJehova yokuphila iyona engcono kakhulu. *Roma 12:2.

18. Abazali bangamlingisa kanjani uJehova, uMalusi Omkhulu kunabo bonke?

18 Wonke amaKristu eqiniso afuna ukulingisa uMalusi Omkhulu kunabo bonke. (Efe. 5:1; 1 Pet. 2:25) Abazali ikakhulukazi kudingeka bazi ukuma komhlambi wabo—abantababo abayigugu—futhi benze konke okusemandleni ukuba babaqondise ezibusisweni uJehova abagcinele zona. Ngakho-ke, lwelani ukwelusa abantabenu ngokuqhubeka nibakhulisa ngendlela yeqiniso!

^ isig. 9 Ukuze uthole amacebiso engeziwe, bheka INqabayokulinda ka-August 1, 2008, amakhasi 10-12.

^ isig. 12 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isihloko esithi “UkuKhulekela Komkhaya Kubalulekile Ukuze Sisinde!” kuyi-Nqabayokulinda ka-October 15, 2009, amakhasi 29-31.